Ezomphefumulo

Ezomphefumulo Kade ngizula ngifuna lo Jesu ngaze ngamthola

29/09/2021

Ungathembela kuye unguye lo ongunguye igama lakhe, unguSonini nanini wembethe amandla njengengubo , uNgumahlombe angadinwa ukuthwala izono zabantu, uNgubayede , UnguSimakede , uNguMvelinqangi

26/09/2021

Noma ngihamba esgodini sethunzi lokufa angykwesaba ngoba yena unam intonga nodondolo lwakhe kuyangiduduza

23/09/2021

Ukube inkosi noMoya ongcwele bebengamanga ngakithi ngabe sehlulekile endleleni

22/09/2021

Bonke abangakukhiphi okweshumi emabandleni abo bangamasela bayantshontsha bayizigebengu ezinkulu ngoba bona bantshontshela Simakadze unkulunkulu wabo

Malaki 3 vesi 8

18/09/2021

Esika Hana isimo wasixoxela unkulunkulu akasixoxanga nabantu khona isimo esixoxwa nonkulunkulu hayi nabantu

18/09/2021

My dear

When people show you
who they are
why you don't believe them ?
Believe them the first time

18/09/2021

Ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibhithe ngoba bebheke umvuzo

Heberu 11 vesi 26

17/09/2021

Qinani enkosini nasemandleni ayo amakhulu awuke uzifundise ukuqina noma kunzima uziqinise wena kuqala phambi kokuba uqiniswe ngabantu

Simon Petru uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolwen kodwa ngyakunxusa ukuba uqine uthi sewqinile ebese uqinisa abafweni

Kubiza ukuba uqine wena kuqala khona uzokwazi ukuqinisa okhonza nabo ophila nabo osebenza nabo ungabatheli ngezinyembezi kodwa ubasule izinyembezi

16/09/2021

Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo

Filiph 4 vs 13

15/09/2021

Noma angathula kube engath akekho zisishikashike izinto zezwe kodwa ngenxa yezwi lakhe asithembisa lona sohlala ezwini uma nj kusekhona izwi lakhe ngeke siyishiye indawo asibeka kuyo uJehova

08/09/2021

Kunezinto ongeke uzithole noma ungathandaza ekseni kuze kube ntambama noma ungafunda ugogode ngeke uzithole oyozithola mhla wakwazi ukubongela abanye abantu ufisele abanye abantu izinto ezinhle yokube kuma uzithola shiya umona yekela ukuziphakamisa

Address

Ackerville Streetcom
Witbank
ZA

Telephone

+27720473935

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ezomphefumulo posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share