My poems

My poems Here are my poems if ever you meet please like,follow and share my work it's so interesting and funny pleas enjoy

20/03/2025

With Nomzamo NtombkaZanele D-lem D-lem – I just made it onto their weekly engagement list by being one of their top engagers!

14/03/2025
07/03/2022

Imiphumela

Ufike uphase kahle uye kwa MATRIC
Bajabule abazali.
Uthole abangan ababi
Uyeke iboyfriend,uthole. IBLESSER,
Uth uye clinic kthiwe u PREGNANT.
Uth uyakhala kthiwe
uqinisekise Ukuthi
uwadla kahle ama ARVs
Ngoba usune HIV.
Uthath isisu uyosbika
kwa boyfriend wakho
Omncane baxwaye
Kubo bathi akenze I DNA
Ubanjwe uvele ucommite I Suescide

02/03/2022

AFRICA's biggest and most LOVED radio Brand, boasting over 7.6 million listeners.

28/02/2022

NGAFEL' EMANYALENI🏴‍☠️🦹💀🦿🦾

Hai ngasuka ke ekhaya,
Langa limbe.ngangomile
Wawungangilayitha kushe
Ubuhanguhangu.

Yimi loya ngiphikelele eDumi
Ngithi ngyobadla sho.lapho
Ngiphethe uR25 webhiya eyodwa nje.

"Ay namhlanje ngyodl impatha"
Yim loya ngfik edumi,ngikhangwe yitafula lesgaqagaqa sendoda
Emnyam ethe sweh.isgoloz esmehl
Abomv uqobo lwaso.

Itafula liluhlaza cwe
Amaflying fish wona lawa engiwomele,kube ngathi
Lidumela kude mayingiqhweba lendoda.

Kubemnyam amehlo,kphinde kuse inkungu sametime,ngithalaze
Ay abantu bayazi jayivela nje abanakile bayaziyendela.

Ngishone khon,ngamukelwe kamnandi sazane ai isho ngezwi layo elindondayo.game is on.
Ivule ichampaine esezingeni ay bushe mani.

Idemane ibuza "use right,ufuna ini?"
Mina "ngi ryt babes,noma yin"
Sengidakwe angsazaz negama.

Ide ingiphelezela ngyochama
Ngigibele phezu kwamatafula
Ngigingqike phansi
Ngikotele kuyo.sekubukwa mina nje ayi ngiyazijuxuza ay indaba yokudlala.

Ngizigcine sengihlel phansi sebebuzana bodw abant "ubehamba nobani"ngamzwel ekuden owaphendula wathi " ubenalobhut osabekayo nje obengumswayipheni okudlula wonk umunt la,nanguya ebhema laphaya ebumnyameni."

Ngizizwe kancane izimbodla
Zithi weeh nithi uhamba naloyamjitha.angsaz nokuth ngaphendula ngathini.

Kwaaa nyah kshuth yafikak indoda le. Yangiqukul yangfak kleya moto yayo eyayingobonise. Yona kwi Ipad.

Manje ngiphaphama la engkhona
Bonke bagqok ezimhlophe🥼
Bayahlabelela🌬️,kunesalukazi
Esingitshelile ukuth mangiye kwamhlaba koyedwa.🛌

Ngifike noma ngephupho🦶🦵💀🦴🧖 ngicele izongubo 👗🥼zami ngoba ngyagodola.ngicele bangihlabele nokusa yinkomo🐄 ,ngidle ngoba kade ngalamba.ngigeze 🛁🚿zonk izithukuthuku nokopha kwakwamhlaba.

Written by Thando Khanyi❤️😅

😭😭😭😭😭😭😭😭nami ngyafis ukub umunt ebantwini.ngyafis ukuba nabangani beqiniso.Ngyafis ukuba nomunt engkhalela kuye.ngikhath...
28/02/2022

😭😭😭😭😭😭😭😭nami ngyafis ukub umunt ebantwini.ngyafis ukuba nabangani beqiniso.

Ngyafis ukuba nomunt engkhalela kuye.ngikhathel ukuba yintandane.
Ngikhathel ukuba ngumtshing ubethwa ngubani.

Ngyafisa ukuthola othando olujulile
Lwajiya ngokombala.kuthi maluxetshulwa kusal injiqi.

Pho ke ngyothin uma omfaz akazalanga besathwith amatiye ngegama lami.

Jehova ngyohlala ngilindile
Ngingawkhohliw umbuso wakho
Omi phakade.

Ngyowulind umhla wokuphela
Lapho thina ezisishaye zasinetha
Sisephansi komthunz welanga
Siyothol umduduz nosthanda ngokweqiniso🙏🙏🙏🙏🙏🙏

02/04/2021

Usuku lwephasika

The new chapter
Of the book of
Life.

After the whole
Universe was found
Guilty.

The day which
Every human
Was supposed to
Die.

Noma ngabe ukweliph
Izinga lempilo
Ungakuvumel
Ukulukhohlwa lolu
Suku.

This day contains the
Full purpose of life.
Ngabe asikho😭

Ngabe kwaphela
Ngathi.kwakumele
Sijeze ukujeza kwaphakade.

Indodana yophezukonke
Yasinqobel isgwebo
Esiwujuqu.yona yazidela.

Yadela isihlalo sayo
Sobukhosi.yadela konke.
Ngathi yama endaweni
Yethu kunzima kwaze
Kwafezwa konke.

😭😭😭😭😭😭
Sasimelw ukuphikwa
Sasimelw ukushiswa
Sasimelw ukuhlushw
Ingunaphakade

Yama ezonweni zethu
Yaxetshulwa ngezinswaz
Ezinameva,yathweswa umqhele wameva

Yahlatshwa yafa
Ingena cala.sasindiswa
Nakuba syaphila nje
Kungenxa yakhe nangegazi
Lakhe.

18/08/2020

Traveled Along The Gravel.
No one reached her
Destination.left with one
Question, how I survived?

Ngasala ngthalaza
Kwakungamawa
Nezintaba ngapha nangaph.
Ngasinda kwi volcanism.

Ngafis ukuba ngangibe
Kwi abortion abortion
Kwazise yayiplakwe
Zigxobo zonke zase
Lokshini.

Lel engingalaziyo
Engaqhamkela kulo
Ngiyiwashingi.

No one pay my attention
All they pretended
Was protection.

I had no decision
Ngyahlala ngyathutha
Kuhle kwase mission.

Nami ngyafis ukshinga
Yikho khon ukuth
Ayonglamlel usewangshiya.

With slow motion
Ngyenz I adoption
To my perfection.

18/08/2020

Konke Kwama Nse.

12/08/2020

Isnqandamathe Sam.

Haw kusekusen
Kusempondozankomo,
Kukhal ubukikiliki
Bezinkukhu phandle
Eshlahleni

Ubucicici bewashi
Eligaxwe obondeni
Laykhaya Kant emehlwen
Ami ubumanyamanya
Nobufocofoco bezihlathi
Ezinonophele zakhe

Usmangele wam phela
Angkaze ngbuthi quthu
Ubthongo.

Ububhoklobhoklo
Bezigubhu zabo abakhala
Ngamathongo abo.

Mina ngishukashukwa
Uthando lwentokazi
YakwaSthole.

Nkosyam nghawukele
Ngingagculiseka uma
Ngingase ngimthole.

Phela koqubuk umthombo
Wamagama nezihayo
Nazo izinkulum ezihehayo.

Phela ngomthembis
Ibhanoyi yize ngaz
Kahl ukuth ngisohlwini
Lokdilizwa kwa SAA.

Ngyokhuluma ngize ngihl
Amagwebu yize ngaz
Kahle ukuth ngidle ingwebu.

Snqandamathe Sam
Phela ngawe amath
Ami awasaconsi phansi.

Usuwumngani nolimi
Lwami ngaphandle
Kwakho ne blakfesi
Aysehli kahle.

Amehlo am awakakholwa
Ngisho nglel ufika ngephupho
Elakh iphunga selanamathela
Kweyam impumulo

Akusekho ukuphumul
Eyam inhliziy ihlez ikphupha
Ngfung uphunga nomageba
Laph ekhaya lkhon elakh
Igebe.

18/06/2020

YAPHUKILE

Yiz'ungelibon'
Igazi ligobhoza.
Yiz'ungelibon'inxeba
Lapho kuneminjunju
Engigwazayo malanga
Onke.

Kodwa engingakuphumisela
Ngomlomo wami,wona oligwinya noma lishisa
Iqatha,kunye vo.

YAPHUKILE,ngilimele
Ngiyinquge ngaphakathi
Kimi,ukuxolisa nokuzisola
Nokukhihla kwakho esikanandi akungidokoteli

Uwuhlukumezil umoya.ungonile kaningi
Ningi uphindelela.
Ngawe ngiyazisola
Ngoba kuwena ngiyisisulu nesigqila sokuhlukunyezwa
Ngami awubanga nanembeza

Ngikuhluphekele impilo
Yami yonke,kepha Wena
Lokho awukuhlabanga nhlali.
Inhlalonhle ayikho kuwe.
Impatho nemfudumalo nobunofonofo bobumtoti
Nephimbo lakho longqambothi kushabalele.

Ungilingile wangilutha
Kanti kuwe ngiyinquge lutho
Ululethil usiz empilweni yami.

Bheka manje ngikhungathekile
Ngiyimpumputhe angiboni
Lapho ngiya khona
Ngisho nalapho ngivela khona imbala

Ngihamba njee ngiyaphumputha ngucwila
Ezizibeni engingaziboni.
Ngikhalakathela emihosheni,ngicaca imimango amagquma namathafa.

YAPHUKILE, YAPHUKILE
Yize wen ubuyithathis okwetshe.lona elingancibikaliswa nguDomoyi futhi elingaklaywa ukushisa kwelanga ekthiwa
Likhiph umkhov etsheni.yaphukile YAPHUKILE inhliziyo yami😪

18/06/2020

Sanbona Bo dear I'm back.just borrow me your ears 🙏🙏🙏🙏🙏

Address

3105 EMondlo
Vryheid
NTUMFUZA

Telephone

+27648746851

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when My poems posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category