Sboh-Fah TV

Sboh-Fah TV All videos photos and News we dealing with in this Page

13/03/2026

Celebrating my 5th year on Facebook. Thank you for your continuing support. I could never have made it without you. 🙏🤗🎉

Celebrating my 4th year on Facebook. Thank you for your continuing support. I could never have made it without you. 🙏🤗🎉
17/03/2025

Celebrating my 4th year on Facebook. Thank you for your continuing support. I could never have made it without you. 🙏🤗🎉

17/07/2024

KUPHAZAMISEKE uhlelo imizuzwana ngesikhathi umrepha wakuleli, uSiyabonga "Big Zulu" Nene, evukwa yisibibithwane maqede zehla zilandelana izinyembezi.

UBig Zulu ubekhumbula ukuhlupheka aphuma kubo nokwamphoqa walaxaza phansi isikole.

Ekhuluma kwiKing David Studio, uBig Zulu uthe okwamenza washiya phansi isikole ukuthi wayesekhathele ukubayinhlekisa ezinganeni ayefunda nazo.

"Mina ngikhule eBergville. Ngikhule ngiya esikoleni ngingenazo izicathulo ngenxa yesimo sasekhaya. Ngizalelwe eDrakensberg, akekho ongazi ukuthi yindawo ebineqhwa. Ngikhule leyandawo ngiyihamba ngezinyawo. Ngivuke ekuseni ngiyozilusela izinkomo," esho maqede abibitheke bese zizehlela izinyembezi.

Uthe wayeya esikoleni engagqoke zicathulo futhi nebhulukwe lesikole lidabuke ezinqeni ngoba sasingenawo ama-under, okwakuphoqa afake amaphepha ukuze izingane zingaboni izinqe.

"Lento yangenza mina isikole ngagcina ngingasasifuni. Ngangihlala emfuleni kusukela ngo-8 kuze kushaye u-2 ntambama. Ngihlala ngedwa. Ekhaya becabanga ukuthi ngisesikoleni. Ngangikwenza lokho kuze kuphele unyaka ngoba ngangililanda iriphothi libhalwe o-0 bodwa."

Uthe akazibambele amagqubu izingane ezazimhleka nezamenza wafuqa phansi isikole ngoba zazingenacala futhi zazingazi lutho.

"Uyesikoleni, awunazo izicathulo. Uhamba ngonyawo phansi. Uneminkenke ezinyaweni ngoba ulusa izinkomo."

Uthe enye inkinga ukuthi ngaphambi kokuba uye esikoleni wawuqala uhambise izinkomo entabeni.

"Uma usubuya entabeni, uyabuya uyageza, uyahamba uya esikoleni. Uma ufika esikoleni uyashaywa. Ushayelwa ukuthi ufike sekudlule isikhathi sokungena kwesikole. Ngeke bakubuze ukuthi kungani ufike-late. Kuvalwa isango, nishaywa nonke."

Uthe babebuye bavuke ngezintathakusa, kusemakhaza futhi kusalele ungqoqwane beyidipha izinkomo. Njengoba ayehamba ngezinyawo, kwakuphoqeleka ukuba ame phezu kobulongwe bezinkomo ukuze kufudumale izinyawo.

"Uma ungabheka namhlanje ngiyinxusa leCarvela, ingenzela konke. Ukuthi bengihlale ngigqoke ibhulukwe elidabukile esikoleni, ngibe yinxusa leBrentwood isikhathi eside."

Uthe usizi adlula kulo yilo elimenza njalo ngonyaka ayonikela ezikoleni zangakubo ngezicathulo nama-computer.

Uthe usakhile kubo futhi ukwazile ukuthenga izinhlobo zezimoto ayekhule ezifisa neloli.

Eqhuba uthe ubunzima yibo obamakha ngoba ukube akahluphekanga ngabe akekho lapho asekhona.

Uthe nabaculi abangaphansi kwenkampani yakhe, Inkabi Records ubagqugquzele ukuba bakhe emakubo futhi bathenge nemizi eGoli ngaphambi kokuthenga izimoto.

Code : 745224791
12/07/2024

Code : 745224791

Prediction of this game is coming soon
12/07/2024

Prediction of this game is coming soon

Kubafundi abashe bangqongqa engozini abane izingane zandawonyeUmndeni wakwaHlalele ulahlekelwe amalungu awo amane.Lezi z...
12/07/2024

Kubafundi abashe bangqongqa engozini abane izingane zandawonye

Umndeni wakwaHlalele ulahlekelwe amalungu awo amane.

Lezi zingane beziphakathi kwabagilwa abangu-12 abashone engozini enyantisayo yokushayisana kwezimoto eyenzeke e-Merafong, e-Gauteng, ngoLwesithathu ekuseni.

Izingane zishone kanye nomshayeli wetekisi abebehamba ngayo ngesikhathi iveni yohlobo lwe-Ford Ranger ibashayisa ngemuva. Ikhumbi ishe yangqongqa ezinye zezingane zasha zaze zangabonakala.

Kumanje kutholakale ukuthi abane kwabashonile bebephuma emndenini owodwa.

Okhulumela abakwaHlalele, u-Aviva Manqa, utshele abezindaba ngoLwesine ukuthi umndeni uthole induduzo ngokwesekwa nguHulumeni.

“Okokuqala sibonga kakhulu ngokuthola ukwesekwa okuvela koNgqongqoshe ababili ngoba uma kwenzeka izinto ezimbi kanje umuntu yilapho ebheka khona ukuthi abasiphethe bathini ngalelo shwa.

“Ngesikhathi sibona oNgqongqoshe bezokuThutha nowezeMfundo bengena, besazi ukuthi okungenani bayaseseka. Sithole imiyalezo yokweseka umndeni evela ehhovisi likaNdunankulu, bethi nabo balimele njengathi.”

UManqa uthe umndeni ufuna izikhulu ukuthi zithole imbangela yengozi eyethuse izwe lonke.

“Okusikhathaza kakhulu ukuthi asazi ukuthi kwenzekeni.

“Ugogo wezingane utshele uNgqongqoshe ngesimo setekisi izingane ebezihamba ngayo. Itekisi ibihambisa izingane kodwa ibingenazo izihlalo ezifanele. Izingane bezisebenzisa amabhakede ukuhlala phansi.

“Sifuna ukwazi ukuthi kwenzekeni,” kusho uManqa.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane uthe sebayaphothula ngolibofuzo njengengxenye yophenyo lwabo.

Khonamanjalo, uMengameli Cyril Ramaphosa uthumele amazwi enduduzo emindenini yezingane ezingu-12.

Esitatimendeni uMengameli udlulise amazwi enduduzo emindenini, abangani, kubafundi kanye nothisha bezingane ezishonile.

“UMengameli uphinde wafisela ukululama okusheshayo kubafundi abayisikhombisa abalimale kulesi sigameko.

“Ukulahleka kwezimpilo zabantu abasha kangaka ekuqaleni kwethemu entsha yokuvulwa kwezikole kusithinta sonke njengesizwe.

“Sifisela imindeni ethintekile kanye nemiphakathi yezikole okuhle kodwa njengoba izilela ukudlula kwezingane eziphucwe ukufeza ikhono lazo kanye nokuchitha izimpilo zazo nemindeni nabangani,” kufundeka isitatimende.

USihlalo we-South African National Taxi Council (Santaco) uMidday Mali uthe bakhathazekile ngodaba oluqhubekayo lokulayishwa ngokweqile kwezimoto ezithutha abafundi, nokubeka engcupheni impilo yezingane.

“Sinxusa abomthetho ukuthi baqinise imizamo yabo ekuqiniseni imithetho yezokuphepha emgwaqeni, ikakhulukazi ezindaweni okuseshwa kuzo izimoto ezithutha abafundi,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: Izingane ezine zomndeni wakwaHlalele ezishone engozini enyantisayo yangoLwesithathu.

IKaizer Chiefs iqinisekise ukuthi umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, usayine inkontileka yeminyaka emibili enombandela ...
12/07/2024

IKaizer Chiefs iqinisekise ukuthi umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, usayine inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuthi ingelulwa ngomunye unyaka.

UNabi (58) umemezelwe ngokusemthethweni ngeSonto kulandela ukutheleka ekhempini yaMakhosi ayibambele phesheya, eTurkey.

Phambilini uke waqeqesha amaqembu ase-Sudan, Egypt, nelaseTanzania, iYoung Africans. Ngesizini edlule ubebambe izintambo kwi-AS Far Rabat, eMorocco, lapho ebeke khona leli qembu endaweni yesibili kwiBotola Pro League, waphinde walifaka kowamanqamu kwiMoroccan Throne Cup.

Lo mqeqeshi odabuka eTunisia, unelayisensi yokuqeqesha ye-UEFA Pro. Ufike nethimba elisha labaqeqeshi.

Iphini lakhe lokuqala uKhalil Ben Youssef abebambisene naye kwi-AS Far nakwiYanga. Elesibili uFernando Da Cruz oseke wasebenza emazweni ahlukene njengomqeqeshi, umqondisi wezobuchwepheshe nenhloli emazweni afana neBelgium, France neMorocco.

Ethimbeni lakhe labaqeqeshi kukhona nozocija onozinti, u-Illyes Mzoughi , nozobhekana nokuvocavoca abadlali, uSafi Majdi.

Abasizi bakhe bafika kuqala baqala ukupheka iqembu eGoli njengoba sebehlangene bonke eTurkey.

“Kusinikeza injabulo enkulu ukuthi ekugcineni samukele umqeqeshi wethu omusha ngemuva kokucubungula isikhathi eside,” kusho umqondisi weZemidlalo kwiKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jr.

“Sikholwa wukuthi sithole umuntu ezofeza inhloso yethu yokubuyisela Amakhosi endaweni efanele, esicongweni. Siyamamukela umqeqeshi uNabi nethimba lakhe futhi siyafunga ukuthi sizobeseka ukuze sifeze izinhloso esivumelene ngazo.”

12/07/2024

Abaholi be-EFF bashiye ezibomvu bajoyina i-PA

Owayeyilungu le-EFF ePhalamende, uKenny Motsamai, ushiye i-EFF wajoyina i-PA ngoba ethi uzizwa ehlukunyezwa amalungu asemancane.

Usejoyine i-Patriotic Alliance (PA) kanye nabanye abaholi be-EFF, okuhlanganisa nomgqugquzeli kazwelonke kanye nelungu lePhalamende uPatrick Sindane nabaholi benhlangano yomphakathi iDudula.

UMotsamai noSindane abazange bangene ohlwini lwe-EFF lwasePhalamende noma lwezishayamthetho ezifundazweni ngaleyo ndlela abangathola zihlalo ngemuva kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Esithangamini nabezindaba se-PA e-Sandton ngoLwesine, uMotsamai uthe ubebekwa eceleni futhi ubexhashazwa ku-EFF.

“Angifuni ukuxhashazwa noma ukutshelwa ukuthi yini elungile noma engalungile ngibe ngikwazi okulungile nokungalungile,” usho kanje.

UMotsamai uthemba ukuthi i-PA izobhekana nezindaba zokubuyiswa komhlaba futhi ilwe nokufika kwabantu abavela kwamanye amazwe ngokungemthetho.

USindane, owesulile ePhalamende likazwelonke ngoZibandlela ngoba ebhekene necala lokudlwengula, uthe ushiyile ku-EFF emasontweni amabili edlule.

Icala lokudlwengula likaSindane lihlehliselwe uNcwaba eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko.

“Ngiyidlalile indima yami ku-EFF, kodwa sekuyisikhathi sami sokuyokhonza kwenye indawo,” usho kanje.

IPhini likaMengameli we-PA uKenny Kunene ujabule ngokuthi baningi abantu ababona nabajoyina iqembu lakhe.

“Sesiyikhaya labantu abaningi abebecabanga ukuthi siqale leli qembu njengento yokuzilibazisa. Sifuna ukubona amalungu amaningi amaqembu ezepolitiki afana ne-Cope (Congress of the People) esijoyina,” usho kanje.

12/07/2024

Kuboshwe amaphoyisa ayisishiyagalolunye ngecala lokuzama ukubulala

I-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ibophe amaphoyisa ayisishiyagalolunye ngesigameko sokudubula esenzeke e-Pinetown, KwaZulu-Natal.

Kusolwa ukuthi usomabhizinisi wendawo, uThabiso Ngcobo, wayeshayela ku-M13 ngase-Pinetown ngomhlaka-30 kuNhlaba ngesikhathi amaphoyisa emumisa. Kuthiwa amyalela ukuthi avule iwindi lemoto yakhe kodwa wenqaba. Kuthiwa amaphoyisa abe esedubula ebhekise emotweni ngesikhathi uNgcobo engaphakathi.

Akalimalanga kodwa kuvulwe icala lokuzama ukubulala emaphoyiseni.

La maphoyisa ayisishiyagalolunye avele eNkantolo yeMantshi yase-Pinetown ngoLwesine mhlaka-11 kuNtulikazi kanti umuntu ngamunye unikezwe ibheyili ka-R5,000. Icala lihlehliselwe umhlaka-20 kuNcwaba ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

UKhomishana wamaphoyisa eKZN uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe amaphoyisa ngeke aze abekezelele amaphoyisa aphula umthetho.

“Sisebenzisana ne-Ipid, oKlebe nophiko lwethu olulwa nenkohlakalo ukuze kuphenywe amaphoyisa aphula umthetho. Sizibophezele ekuqedeni amaphoyisa akhohlakele. Baningi abantu abangasebenzi abakulungele ukujoyina amaphoyisa futhi basebenze ngendlela,” kusho uMkhwanazi.

Eminyakeni emithathu edlule, angu-105 amaphoyisa aseKZN aboshwe ngamacala ahlukene.

“Kuze kube manje angu-314 amaphoyisa axoshiwe ngemuva kokumiswa emsebenzini nangenxa zezinye izinhlelo,” kwengeza uMkhwanazi.

Ubonge amaphoyisa aqotho abeka impilo yawo engcupheni nsuku zonke ukuze avikele umphakathi.

12/07/2024

Indodakazi kaZuma iyekiswe isikole ukuze iyogana ISilo uMswati

Uthunjana kaMnuz Jacob Zuma nonkosikazi wakhe wesihlanu okunguNkk Nonkululeko maMhlongo waseMsinga uyekiswe isikole ukuze ayogana iNgonyama yamaSwati.

UNksz Nomcebo Zuma (21) kuthiwa ubenza unyaka wokugcina eNyuvesi elingadalulwanga igama layo eNingizimu Afrika kodwa kuthe ngoNdasa wamiswa esikoleni ngoba sekunezinhlelo zokuba ayoshada neSilo uMswati iii.

Lokhu kuvezwe abomndeni wakwaZuma abebehlebela abezindaba. Injabulo ekhona ekhaya kumaMhlongo ngokuthi umagcina wakhe uyogana ebukhosini obuhlonishwayo emhlabeni jikelele nobukhulukazi e-Afrika.

NgoMgqibelo kuthiwa iSilo samaSwati sithumele ithimba ebelihlanganisa nabantwana baseNdlunkulu kaZulu eNkandla, kwaDakwadunuse ukuzokwakha isihlobo esihle.

Kuthiwa bafike baletha izinkomo eziyishumi kodwa uZuma ubengekho.

“Udadewethu uzalwa ubaba uMsholozi nomama umaMhlongo kanti ungowokugcina kubo bobabili. Ubefunda kwenye yamaNyuvesi enza unyaka wokugcina. Kodwa usethathiwe useSwatini ukuze kwenziwe amalungiselelo okuba agane Ingonyama uMswati iii. Nokho kunezinye izinhlelo zokuthi aqedele izifundo zakhe ngale eSwatini nesingakezwa kahle ukuthi kuzokwenzeka kuwo lo nyaka noma ngozayo ngoba lapha ushiye engakabhali ngisho izivivinyo zasebusika,” kuchaza umthombo.

UNomcebo kuthiwa uzoba unkosikazi wesi-16 kuMswati.

Iphephandaba Ilanga libike ukuthi uZuma uthukuthele ngalamalobolo kaMswati ngoba ngesikhathi bexoxa bavumelana ukuthi uNomcebo uzogana enye yamadodana eNgonyama kanti engazi ukuthi iNkosi izifunela yona.

Ingonyama uMswati noZuma banobudlelwano obude kusuka ngesikhathi uZuma esaganwe umama ka-Edward uNksz Minah Shongwe nowayengudadewabo weJaji uJeremiah Shongwe.

Indlela abebezwana ngayo kwathi ngo-2011 uHulumeni waseNingizimu Afrika Waxhasa iNgonyama uMswati iii ngemali engu-R2 billion.

Lokhu kwayicasula i-Cosatu eyayithi le mali uHulumeni kaZuma uyipha uMswati iii ukuthi aziqhubekele nempilo emnandi.

16/05/2024

G**s and le****ns ngabantu abayezehluleki zobulili phela akukho easy ukuba yindoda akukho lula ukuba ngowesifazane , bobubili lobulili bunezinqinamba zabo zemvelo

Address

Kilmon Underberg 3257
Underberg
3381

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Sboh-Fah TV posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Sboh-Fah TV:

Share