01/04/2025
Thixo smakade ngelosi yezulu
Kumina lomthandazo mkhulu
Ngicela ufinyele kubaba unkulunkulu
Ngoba Lendaba engizanayo inkulu
Ngishisa impepho ngibiza obaba mkhulu
Dear baba nkulunkulu thixo wami,
Inhliziyo yami igcwele izibazi
Umoya wami ugobhoza igazi
Umama nobaba sebengabafelokazi
Mzukwana kubulawa eyabo indodakazi
Bebenalo ithemba kuleyantokazi
Kodw baqala ngokuthatha ubuntokazi bayo
Maqede bacitha negazi layo
Enhlizweni yami bashiya esikhulu isibazi
Kant thixo ezweni konakelephi
Uma kunyukubezwa izingane ezincane
Maqede zibulawe zincane
Ubudoda sebuphelile kwelikamthaniya
Kwelikamaphunga nomageba konakele
Thixo smakade ngenelela.