14/10/2026
Usabalekile odubule wabulala izimenja ezintathu zakwaBoxer, eShowe. Le nkampani ithi idabuke kakhulu.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshiunda uthi umsolwa ona 33 ubudala kakatholwa namanje.
Ngokwemibiko, ngoMgqibelo 10 October 2026 kube nokuqulwa kwecala kubangwa umsebenzi.u Umsolwa ubesebenza lakubhakwa khona. Kuthe kungaqedwa ukulalelwa kwecala waziswa ukuthi uxoshiwe, yena wadonsa isibhamu wadubula izimenenja ehhovisi zafa maqede wahamba. Kusolisa sengathi ubesevele esazi isinqumo.
Phakathi kwababulewe kubalwa uThandiwe Chili (54), obesebenzele inkampani yakwaBoxer iminyaka engaphezu kwengu-20. Umndeni wakhe ufuna ubulungiswa.