UKhoza imbongi enamandla

UKhoza imbongi enamandla A Poetic and A fashion style

15/04/2022
27/02/2022

🔔Ifu'elimnyama 🔔

Coming soon please don't forget to like on my page :

Ukhoza imbongi eNamandla
🙏❤️✍️🔥💪

30/01/2022

Happy Sunday ngiyathemba nizoba nosuku oluhle nemindeni yenu 🔥💞🙏✍️

Ngithi anginishiye nje ngamazwi ambalwa azothoba inhliziyo zenu

Hau zavuma ingoma izayoni , usilangazelela isihlabelelo sokubuyisa ithemba , namhlanje usuku lwabancwele abakholwayo emabandleni sibafice begcwele , ngashona phansi ngedolo embengeni ngakhuleka , ngikhulekela ukuthi umdali angiphe amandla , njengoba ngisabu' thakathaka ngoba akhekho ufuna ukuba nami , ngithi ubani ongathanda mina ngingena lutho esandleni , impela imali yenza abantu balahlekelwe ukholo , ngoba nocebile akalibhadi nje enkozweni , manje nithi akayiphendule kanjani imithandazo yeni njengoba nina nimufulathela , kusasa yinina eniyokhaka ngokuthi umdali akaninaki , ngoba vele nina nimudinga ngesenu iskhathi , kusasa yinina eniyobe nikhihla esikanandi uma izinto zenu zingahlangani , nikhohlwa ukuthi thina uma sidla asisakhuleki , ngakho asimdumiseni unkulunkulu sisaphila , ngoba asazi ukuthi liyofika nini elokugcina emhlabeni , ngicela ungivuse mawukuthi iphupho leli , ngoba kufanele ngabe ngise nkonzweni , Hau nasi isibonakaliso nkosi yami , ngisho ngibamba umkhuleko omncane , njalo njalo kuzekube phakade ,

Ukhoza imbongi eNamandla
🔥💞✍️💪

22/01/2022

🚨Yafa lmbhali Yesizwe 🚨

Amacaphelo wami adangene ngumabona kude , ngicwele ngezibuyakude , izindlebe zami ziyankenketha ngusakazo ohlala usakaza , ufafaza ngikwabo ababulala isizwe ngokufeza izidingo zabo , maye... Mina Ngiyasaba ngelakusasa , uma nihlukumeza abesifazane nibabulala , nithi obani abazozalwa ngakusasa uma thina sisele sodwa emhlabeni ,

Kanti sezashonaphi izinsizwa ezingayihlabi ngakumisa , kunkinkize omama ngeyinsizwa nemikhapheyane , awu aze avelelwa amakhosikazi kanye neyingane nkosi yami , abesifazane sengaphenduka izilwane bayahlukunyezwa , lemigodi igcwala nini bebulalwa nanku umbuzo phendula , ngicela ningixolele ngemibuzo engaphenduleki ngoba seliningi kakhulu igazi elichithekile ,

Kwiyimanje abesifazane bayakhala bathi bakhathele ukuhlalela ovalweni , omunye uthi uyesaba yena ukungena emathandweni , hlezi ebuya esethule umphefumulo wakhe usumshiyile , sanikhuza ngapha nashona ngale kwenze njani madoda , iyimbhali zesizwe lezi zifa phambi kwethu , kodwa thina sithule singamadoda asenzi lutho ,

Kwiyimanje ingane ziyakhala zikhalela lelithuba lokuba bakhule ngothando lwabazali , kodwa ukufa kwalivala lelothuba , kazi lembewu eyawela emhlabeni iyoqhakaza ivukuze ukufa Nah , ngoba abesimame neyingane ezincane sebaphila kubuhlungu ngenxa yezenzo zethu , asisameni ukushintsha indlela yokwenza madoda , ukuze lembhali ikwazi ukumila iqhakaze iyiqhenye ngobuhle bayo , ikhule ikhulele phezulu kuze kube naphakade ,

Ukhoza ozithobayo imbongi eNamandla
🔥💕✍️💪

22/01/2022

🔔 Yafa lmbhali Yesizwe 🔔

Nayi inkondlo ngiyathemba izoniphilisa 🔥💕✍️

Ukhoza ozithobayo imbongi eNamandla
🔥✍️💕💪

14/01/2022

🚨 BABA WAMI 🚨

Yakhala indodana kasambulo engabe iyothuliswa ubani nah ngoba noyise akasekho / uthi solokhu wazalwa yena akamazi ubaba wakhe / akazi ngisho nephimbo lakhe nkosi yami / ngoba ave kubuhlungu ukungazi imvelo yakho / uthi wathuka umawakhe ngoba emfuna iqiniso ngokuhamba kayise / nganikina ikhanda ngathi impela ingane zanamhlanje zifuze oyise / ngoba zithi zingakhula zivele zihambe ziyophuza / zibuye zesisishaya zisifuna ukudla nkosi yami /

Uthi ubaba wakhe wamgcina esemncane / nakhona nje wayemgcina ngokumbuka esthombeni / ngoba njalo mangibuka umama emehlweni uthi ngimukhumbuza ubaba ebusheni bakhe / yazi kuvele kube'buhlungu kakhulu Kimi ukubona ezinye ingane zihamba noyise emgaqweni / ngoba obaba banamhlanje bathi bengamithisa bavele bebaleke / bathi lezingane abazishi emvu ziyowondlwa ubani nkosi yami /

Ngoba kubalulekile ingane ikhule ngaphansi kothando lwabazali bobabili / nami bekuyisifiso sami leso kodwa cha nje asifezekanga / namhlanje ngikhulile ngiyindoda ngibonga loyamama owangikhulisa / nathi ke sibahlonipheni abazali bethu sibathande besaphila / ngoba baningi abafisa ukuba nabazali / kodwa abalitholanga lelothuba / ngakho ke ungakhali ndodana ngoba ubaba usezofika /

Ukhoza ozithobayo imbongi eNamandla
✍️🔥💕💪

07/01/2022

🔔 BABA WAMl 🔔

Izophuma maduze asthembe nizoyithokozela

Ninga khohlwa uku like i-page Lami ngibonga i (support)I yenu

Ukhoza imbongi eNamandla

26/12/2021

🚨 Ungazifakeli Incindezi 🚨

Hau ngikhulekela ukuphila nkosi yami / sibonga nje uma usasigcinele imindeni yethu kanye neyihlobo zethu / ngiba vele into ebakuleki la kithi impilo nkosi yami / Ungazifakeli Incindezi ungavumeli Incindezi iphazamise lenjabulo wena oyidingayo / impela kuhle ukubona abantu bejabule kulezi nsuku zombumnandi / woza ke nawe ungasali makhelwane ungazincishi iskhathi sempilo /

Ngoba ave kubuhlungu ukubona umuntu esecwile ezikweledini ngenxa nje yokuphuza / beluyini ke uphuzo oludakwayo kunokuthi uzifakele Incindezi nje komashonisa / ungabo bheka kamakhelwane ukuthi benzani wena nje qondana nesimo sakho / omunye ukuthi akazi uzoyikhokha kanjani imali yestokofela / usecabanga ngisho ukuya komashonisa ningazifakeli Incindezi bakwethu /

Yazi kubobonke omashonisa engibaziyo akhekho ngisho noyedwa nje okholwayo / ufakazi ukuthi imali yabo uma bezoyilanda kubantu bavele bayithathe nje ngendluzula / ngoba abanalo uzwelo asibalekeleni izinkinga ngoba iskhathi sokujabula manje / bengathanda noma sithi siphuza sibuye sinciphise / ngoba umuntu omnyama uma ephuza kasacabangi ukuthi nakusasa kuyasa /

Ubo qaphela ke ngoba nazo inkinga zikukandela kakhulu uma usudle uphuzo oludakwayo / ningazifakeli Incindezi bakithi ngoba uthi ungazi ingane yakho uzoyithengela ngani izingubo zikakhisimusi / ungabe usanaka ukuthi ubani ugqokeni ngabo okubalulekile ukuthi sijabule sonke / ngakho ke shiya phansi inkinga zakho bese uqhubeka nempilo / ungazincishi ubumnadi bomhlaba nje ngokuzifakela Incindezi /

Ukhoza ozithobayo imbongi eNamandla
🔥💕✍️🎤💪

Address

Ezikhonkwaneni
Nseleni

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when UKhoza imbongi enamandla posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to UKhoza imbongi enamandla:

Share