27/11/2024
Sanibona.
Ngike ngafunda ama comments kwenye yama posts ka Mama uMaBiyela wakwaMthembu.
Ubekhuluma ngesithembu ethi "abesifazane kumbe amakhosikazi ayaye anqaphaze ukwelanywa okukanye ukungena esithenjini asuke engazethembi,enokwesaba ukuthi lo wesifazane agane naye noma ozomelama engahle ebengunkosikazi kangcono kunaye" .
Kuma comments,iningi labesifazane liyihlabe layihlikiza leyo.
β’ Kukhona ophawule wathi,"Ngeke mina ngiyivume leyo,why kumele ngi sacrifice injabulo yami for indoda ukuthi izenzele umathanda.Uma yangishada ngoba ingithanda pho iyenza kanjani into engingayithandi nengingavumelani nayo,that's abuse and disrespect nje"
- [Elami lithi] Injabulo yendoda ibandakanya umkayo kanjalo neyowesifazane ibandakanya umyeni wakhe,akekho onenjabulo yakhe ngayedwana abantu beshadile.
β’ Omunye wathi,"Uma kuthiwa indalo leyo,uNkulunkulu wayezoyikhipha zibeningi izimbambo indoda bese eyidalela amakhosikazi amaningi kodwa wayidalela oyedwa njengomsizi wayo".
- [Elami lithi] uNkulunkulu wadala indoda wabe eseyidalela umsizi wayo ngoba kwakumele/kwakudingeka kube kanjalo ngaleso sikhathi.Konke kuncika esidingweni.
Wagcina lapho uMveli ukudala indoda nokuyidelela umuntu wayo.Bayazalana abantu manje,baningi okwenza umsebenzi wendoda wokuzicingela umsizi wayo ubenzima.
Ku comments section ngizothi ukwenaba,ngiveze elami ilaka.
i-EP yethu iSTORY OF MY LIFE isatholakala njalo kimi (R50) or kuma DSPs.
For bookings & S.O.M.L EP please contact [email protected]
0603461070