29/09/2022
NGIYAMTHANDA LONA ❤.
Ngike ngathanda phambilini kodwa akekho engike ngamthanda njengaLona.
Lona ngamthanda ngiqala ukumubona.
Ukumubona,kwangenza ngaphinda ngakholwa ukuthi uThando lukhona khona.
Yazi ngokuthanda yena anginakuz'sola, ngoba inhliziyo yam ibilimele kodwa Lona usefike wayithoba yaphola.
Inqondo yami ibihlale, ihlale imcabanga Lonogolantethe awangishaya ngemfiphindiwe wathi uyang'thanda.
Kunele kwafika Lona ngakhohlwa.
Ey Mina ngyamthanda Lona.
Umangim'bona, ngizwa inhliziyo ishaya ngamandla ithi isishayela yena ngoba Mina sekuyimpilo kimi ukum'bona.
Lona ngisho ngithandaza ngyacela enkosini ukuthi mina naye singahlukanii...
Njenge sbhamu nesotsha..
Impepho nesangoma, iSilo noNongoma.
Singaxabani.
Uthando lakhe lungabulali, njeng'zinhlamvu zenjoloba.
uhluke Lona kunaLona kade ekhona..
Umangingekho ryt akangibuzii, Lona uyakwazi ukungibona.
Wenza isiqiniseko sokuthi alupheli engawenzanga uCallback uma enenayo into yokufona.
Uma engekho eduze nami Ungenza ngifise ukumubona.
Bafethu ngyamthanda lona.
She's my heart beat, ung'shaya ngaphakathi.
Isphalaphala indoni yamanzi, intokazii egeza ngenhla ngiphize ngezansii 🔥😊.
Umsindisi wothathando lami,Gugu Lami.
Mfudumalo yami, Mthunzi opholile wokuphumula wami.
Sthandwa sami, Mthobi wamanxeba enhliziyo yami.
Themba lami, wena ungumelaphi womuzwa olawula inzwa yothando lami.
Lomthakathi owathathakatha inhliziyo yami maqede wahamba, angisenenda sengiyitholile inyanga yangelapha.
Akusizii nokumubeka Amabala ngoba...NGYAMTHANDA LONA🖤
VEEVEE.VEE.we ungakhali mkhulu uzoyithola inyanga ezokwelapha 😹👏.
SthadSthadwaGee ZikodeUKO SASE NQUTHU ✍