17/02/2024
Iskhuni Sbuya Ngomkhwezeli.
Isahluko 14
Ikhasi 23
UNxamalala uhlezi ngaphansi kwesihlahla sakwakhe esingekude kakhulu nesivande.
Uzipholele nje lapha phansi kwesihlahla,ushaya unemenadi obandayo ofakwe ama-ayisi. Ngasesandleni sakhe sesinxele ubeke umsakazo wakhe omncane uwudlalela phansi.
Abize omunye wonogada amtshele ukuthi makayobiza u-anti osizayo lapha ekhaya . Nangempela unogada enze njengoba esho uNxamalala.
Eze ngokuphythuma u-anti osizayo lapha ekhaya , "eeh! Zwakele ngizodinga usizo lwakho".(uNxamalala esho njalo ebe ethi qhabu esiphuwzeni sakhe)
Abuke iskhathi ewashini lakhe likanokusho elikhandwe ngegolide, elibenyezela likukhange uza lekude . UZwakele alubuke "Yoh! "(esho ngenhliziyo ) umbona nje ukuthi uyasho ukuthi leli washi ligqokwa yizicebi. Agwinye amathe angaqedi aze azinwaye nekhanda okomuntu ongekho kahle engqondweni.
Kuphi khona uNxamalala esalibele ukuphuza isiphuzo sakhe esimnandi, athi ukunyusa umsakazo wakhe eze ecule nokucula ahlekele phezulu. UZwakele aphenduke isilima eduze kaNxamalala elokhu elinde ukuzwa ukuthi umbizelani uNxamalala.