20/11/2023
Iskhuni Sbuya Ngomkhwezeli.
Isahluko 7
Ikhasi 10
UNxamalala ubala imali , amemeze owesifazane osizayo lapha emzini wakhe eze eshesha. Amtshele ukuthi akotshela umaMchunu uma eseqedile ukuhlanza igceke eze lapha kuye.
Nangempela umaMchunu eze esesosongana eme phambi kukaNxamalala egibe ikhanda ."Yebo mnumzane".(ehlanganisa izandla samuntu owashayo)
uNxamalala amnike isamba semali, umaMchunu ayenqabe imali.
"MaMchunu ithathe le mali ngikupha yona futhi nje asikho isidingo sokuthi uma uyifuna ufukuze phela wena ugane umngani wami uDludla".
umaMchunu kube engathi uyaphupha ahleke kancane ayemukele maqede abonge.
Kungene uWelile kanti ungena vele umaMchunu ubesevele eyindlela. UWelile ebuke umaMchunu ambuke phansi naphezulu eze eyophuma . "Dad! Bebangaka abantu besifazane ukhetha lo , lona pho? OMG! Enjalo uhluphekile and uyanuka noDad".(esho ngenkulu indelelo uWelile kuze kuthi akabuyise konke ukudla ekade ekumaya)
No! My daughter I'm not dating with this lady it's just that ungumakoti kaDludla umngani wami , ayy Welile lona akekho kwilevel yami geez!"(esho ezihlekela) imphendule ngikuphazima kweso indodakazi yakhe. "Alright my father bengicabanga ukuthi umuntu wakho, oh! Lona umama kaMbewenhle?"
Avume ubaba wakhe.
UWelile ehleke bese ethi kuloya mndeni bahlwempu futhi nje abasile akayiboni into abayiphilelayo , uNxamalala athi uWelile ucela abe ngumngani noMbewenhle. Avele akhiphe amehlo uWelile "What? No dad I can't " .
UNxamalala etshele indodakazi yakhe ukuthi ayisize uWelile ukuze ezophumelela abe njengaye. "No dad! Ngithe ngeke ngikwenze lokho dude".(ekweqa amehlo)
Okokuqala nje lesiya sinikiniki asikho kwilevel yami. Buka nje mina I got my own business ngapha ngisevarsitu".
UNxamalala uyikhulisile le ngane uyazi ngokudlulele futhi uyakwazi ukuyenza ikholelwe entweni asuke eyisho. Nangempela uNxamalala indokazi yakhe agcine eyenza ibone isidingo sokuba nomngani ikakhulukazi ohlwempu. Aze ayitshele nokuthi uyasidinga isicashalala esizohlala siseduze kwakh.