Entembeni, Kwa Nxamalala - Enkandla

Entembeni, Kwa Nxamalala - Enkandla Masakhane eNtembeni Sixoxa ngezinto ezenzeka endaweni yakithi, siphinde sibheke izindlela esingasana ngazo phambili ngokwempilo

02/11/2025

Isizwe sakwa Nxamalala namhlanje sivuke nezindaba ezibuhlungu zokwedlula emhlabeni kweNduna uNdlovu, oSwanini. Induna ibisinesikhashana ingaphathekile kahle empilweni okuholele ekutheni iphume ingena ezibhedlela, nokuthe nje sesithi isibangcono kanti sekuwudlula kwakhe emhlabeni.

Ngakho ke sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini, izohlobo, omakhelwane, isigodi sonke saso Swanini, sikhalise iNkosi yesizwe sakwa Nxamalala kanye nesizwe sayo sonkana, sithi nje akwehlanga lungehlanga, akaphumule ngokuthula uGatsheni, Boya benyathi buyasongabbuyasombuluka, Ndlovu ezadl'ekhaya ngoba zeswele abelusi.

Sicela niwuhlabe niwulawule
09/10/2023

Sicela niwuhlabe niwulawule

09/07/2021

FREE Msholozi the Peoples President

21/01/2021

Basaphila nje abantu esigodini sase Ntembeni nase sizweni sakwa Nxamalala, nakuzona zonke nje izizwe esakhelene nazo? Asizivikele bo silandele imigomo njengoba ibekiwe, singabi izikhokho, siyabulala lesi sifo, bayaphela abantu. Asiwasheni izandla njalo, sizifuthe ngezibulali magciwane lezi ezikhona okuthiwa ama sanitizer, sifake izifonyo, sigcine umgomo wokuqhelelana, singayi lapho okushonwe khona uma labo abashonelwe kungesibona abemindeni yethu edisondelene nayo kakhulu. Uma kwenzeka, sihlale nje emakhaya singabi uvanzi

Asizameni bakwethu
20/10/2020

Asizameni bakwethu

22/08/2020

Ukuvalwa kotshwala kwenze ukuthi abantu abaya emingcwabeni ngenxa yokuthi bayazi ukuthi kungase kube khona okuphuzwayo babe babaningi, lokho okuholele ekutheni kube nzima ukugcina inani lesibalo sabantu abavumeleke ukuthi baye emingcwabeni. Lokhu sisazokubona njengoba sekuvulwe utshwala nje, sebezoba bancane abantu abaya emingcwabeni ngoba abantu bazihlalele lapho bazihlalele khona bayaziphuzela abaphuzayo, abanandaba ukuthi kuzokwazi yini ukungcwabeka ka makhelwane noma esihlotsheni, abanye sebeze bebonakale noma bezwakale besho nokusho ukuthi ngeke baye emngcwabeni ngoba asikakavumeleki ukuthi sihlangane sibe baningi ngenxa yegciwane le Corona, okuyinto abakade bengayinaki ngenkathi utshwala bungakavulwa....

Eyakithi le
01/08/2020

Eyakithi le

Address

Mount Edgecombe

Opening Hours

08:00 - 16:00

Telephone

+27768303616

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Entembeni, Kwa Nxamalala - Enkandla posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category