20/08/2026
{{Entendeni yesandla zakhe}}
Vs Senamile
Episode 6 of 100
Ukulandisa 🔶
UThobile uphaphame esekwenye indawo angayazi uvele Wathuka kakhulu mebona abantu angabazi asukume enqasha phansi uvalo lusho ukuphuma ngamakhala wazama ukuyophuma ngomnyango kepha akakhonanga...Ezwe kuvuleka umnyango kungena omunye wonogada khona lapha kulendlu akuyona....
Thobile “Ungubani wena” ufunani Kimi?
Mthokozisi “Akuyona into engingakuchazela ngayo leyo kumele wazi njengoba usulapha uzokwenza konke okuthiwa ukwenze’”
Thobile “Noma kungathiwa inkulu kangakanani into enifuna ngiyenze ngeke ngikwazi ngidinga ukubuya kubaba wami ukhathazekile ngami lapha akhona”
Ahlekele phezulu uNogada...
Mthokozisi “Khohlwa ubaba wakho lapha akhona akanayo nencane indaba nawe kusho ukuthi akazange wakuthanda”
Thobile “Yabona ungikhulumela umbhedo ngeke akwenza lokho ubaba wami ”.
Mthokozisi ‘“Mengabe ubekukhathalele Kungani ulapha namuhla kubeke emqondweni wakho ngeke waphinda walibona izwe lakini namuhla ntambama uyasuswa uyobekwa kwamanye amantombazane”
Thobile ‚”Umbhedo lento ongitshela yona ngibuyisele kubaba wami ”!
Ngihleke kakhulu kusobala ayingikholwa lentombazane ngibekile ibhosi yami ayibhedelwa njengoba ikhuluma kanga kuyoshaya esikhathi kuyobe sekuphele konke ukudelela lokhu!
Mthokozisi “Lalela ke Mina ngisebenzi salapha ibhosi yami izofika lapha ungalinge nakancane uzame ukwenza lenkani yakho izokubonisa izulu nomhlaba..
───
Ngakolunye uhlangothi uMbhekeni usanda muvuka uphuza icoffe lakhe njengoba kungene ubusika uvamise ukuziphuzela lona njalo mevuka....Mmmmmm kusobala umuntu namuhla uzolala ethole isithelo esihle uyothi ingayosebenza lengane kaKhetha ngiyobe sengiqedile ngayo ngihlise inkomishi ye coffee mengibona unogada eza kumina ngiyafisa ukwazi uzofunani lapha ngoba wazi kamhlohlophe awudingeki lapha! Ekhuluma ngokukhulu ukuthetha lokhu!
Mthokozisi “Aydle izishiyele bhosi yami ngizofuna amaphilisi enhlungu lapha kuwena”.
Mbhekeni “Ngabe unokugula okukuphethe yini”?
Mthokozisi “Cha ngibona leyantombazane inokungahambi kahle Mhlampe kukhona inhlungu ezinayo”
Mbhekeni Athuke kakhulu mezwa loludaba umangele inhlungu eziphuma kuphi zona lezo ngoba akakhumbuli uKhetha emntshela ukuthi iyagula indodakazi yakhe! Angibange ngisaqedela ngisho itiye lami ngaqonda khona kulendlu esigcine lengane kuyona' ngingene necabha ngisondele kuyo!
Mbhekeni “Imina umnikazi walendawo ngizwa kuthiwa ukhala ngenhlungu zingakuphi”?
Kunokuthi ngiphendule ngikhale kakhulu kungenzeka ibona angidlwengulile labantu Kungani benza konke lokhu kumina!
Mbhekeni “Ngizokuthokozela kungangiphendula”
Thobile “Akudingeki ukuthi ngingakwazisa ngalokho ngidinga amaphilisi nje kuphela ongangisiza ngakho nokuphuma lapha ukhathazekile ngami ubaba wami”
Mbhekeni “Hahaha Thana uyadlala ubaba wakho ulapha kungenxa yakhe”
Thobile “Akukho konke lokhu engikushoyo ngeke wayenza kumina owabi ubaba lento ngibuyiseleni ekhaya ngikhale kakhulu ”
Mbhekeni ‘“Mthokozisi ngizothumela amaphilisi manje kulesisebenzi esilapha endlini okunye ukuphuma kwami lapha ungake ulinge usuke kulomnyango ugade lengane' Wena ntombazane ukukhala kwakho ngeke kwakusiza akukho lapha uyakhona uzosebenzela mina engikuthandayo akukho lapha uzoya khona ngiyophuma ngomnyango”
★★★★★★★★★
Nomazwi : Ukusa kubonwe imina ngiqonde lapha kulala khona uSenamile kepha angizange ngimthole ngithole indlu yakhe ingenamuntu kwangithusa kakhulu ke lokhu ngiyongena endlini ngivusa uZethu...
Zethu “Wangivusa ekuseni kangaka mama yindaba”?
Nomazwi “USenamile angimtholi endlini yakhe”
Zethu “Kungenzeka isemfuleni ”
Nomazwi “Kanjani amabhakede elapha endlini”
Zethu “Angazi ke mama shuthi uwena ozoyobasa emnyango kumele ngiyeskoleni namuhla angikhoni ukulova ngenxa yamanzi okugeza”
Nomazwi “Usuqala ukusangana ke manje Zethu unazo izandla zokwenza lokho kuhle ngoba isikhathi sisekhona hambo basa emnyango’”.
Zethu “Shuthi angiyi ke eskoleni ngeke ngiyonukelwa intuthu ukhona Wena mama ”
Nomazwi “Mayeeeee! Ngiyalingwa yini usithatha kuphi isibindi sokukhuluma kangaka kumzali wakho"!
Zethu “Hawuuuu! Bengingazi ukuthi ngikhulume Kabi Yobe mama wami!”
★★★★★★★★★
Khetha 🔶
Angizange ngiyenhobo emaphoyiseni ngibeke ngangena endlini Yami ngazivalela khona ngihlezi phansi kusofa ngibuka ithombe zendodakazi yami kubuya bonke ubuhlungu engibenze kuyona ayisoze yangixolela ngesenzo Sami ngimamathekee ngedwa mengibona ilanga esashada ngalo nomkami sasingeve sibahle kukhale ucingo lwami...
Ngilibeke endlebeni yami.
Mbhekeni “Uthatha imali Yami kanti uyazi ungenza isilima Khetha”
Khetha “Angiqondi ukhuluma ngani”
Mbhekeni “Imali engikuthembise yona isishabalele yonke ndoda ngaphandle mungangilethela elinye iVargin”
Khetha “Ngoba iyona kuphela ingane enginayo leyo elinye lovelaphi ndoda ngiyamangala Muthi ayiphelele ingane yami”
Mbhekeni “Njengoba ngisho ndoda usuyozama elinye uzothola imali yakho ngokuphelele kwayo”
Ngivale ucingo lwami..... umuntu usazothwala kanzima menjena lemali ngiyayidinga ngempela kuningi engingakwenza ngayo....
LIKE 👆 COMMENT 👉 SHARE