Umzukulu ka Nkonjane Imbongi

Umzukulu ka Nkonjane Imbongi Izinkondlo

06/04/2024

Khona ukona singekubalekele,
Siyisizukulwane esingamahlongandlebe.
Ithi into umasithi siyibuyisa ithemba,
Ithi ninjenje ingenxa yokhamba elwafuza imbiza.

Awukodwa ngomama noba baba😭💔

Send a message to learn more

08/11/2023

KWANHLUPHEKO KUYASA NAKHONA!!

🌞

14/09/2023

Noma singaphola isilonda ,kodwa izibazi noma isibazi Siba isikhumbuzo sobuhlungu besilonda

12/09/2023

Inkinga kanginakuyibhala inkondlo yothando ngibhalele wena
Ngoba inkondlo yothando uwena
Isizathu sokuba sothandweni ngasibona
Ngamzukwana ngibona wena

Lalela
Kangikuthandanga ngoba ngibona ubuhle bomzimba wakho
Kodwa izithelo zezenzo zakho
Ezangidonsa ngezothando izibopho
Yazi indoni yamanzi uwena nkosazane
Ubuhle bokuphuma kwenhlamvu yelanga
Izihlabathi zolwandle
Konke lokho akukuhle okudlula wena
Namagama engingawasho kuwe ayangiphelela

Ngiphe awakho amagama engingawasho kuwena
Ngoba isichazi magama uwena
Ngisho amagama othando
Intando yokuthanda wena kuphela ngayidliswa umdali uqobo

08/09/2023

Ngivuswe usiba lwezimbongi
Lukhala ezimathonsi izinyembezi
Lithi mzukulu nginembuzo engidinga ukuba ungiphendule yona
Izinkondlo enizibhalayo ezokulapha amanxeba
Noma senifuna ngazo imali na?
Ngoba seninakho nina ukungiphendula isigqila
Ningisebenzisele nakulokho engingadalelwe kona. ..........

23/08/2023

Nkosi yamukela imithandazo yethu
Uze ungalibali ngeyabazali bethu
Bayafisa nkosi yami ukusibona siphila impilo engcono
Kunale ebesiyiphila izolo

Abanye bethu kuze kube inamhlanje
Ikati lisalele eziko
Nayizolo,
Bakhule phambi kwalo licambalele eziko
Kabayazi engcono impilo
Ngaphandle kwale eseyaba udondolo

Sale usubakhumbula baba wethu osezulwini
Hlezi bayokubonga ngakho u kudumisa
I yamukela neyabo imithandazo
Hlezi uyokuzwa nabo ukukhala kwalo

Abanye babo
Sebafelwa nangabazali uqobo
Kabazi nokuthi bazolala bedleni
Bathatheni bahlanganise nani u kuze
Impilo iqhubeke
Yakha amacebo
Okuguqula lesisimo abaphila ngaphansi kwaso

Babethi onkulunkulu bethu bokuqala
Wena uyezwa usheshe ukuphendula
Ngeyabanjani imithandazo oyizwayo
Kepha eyabanye ube ungayizwa
Ngathi nabo abazali bethu babesikhohlisa

Ngiguqe lapha phambi Kwakho
Hhayi ngenkohliso
Iso lomhlaba nguwe
Ingakho sikhala kuwe

Sihawukele ndodana ka Davide
Nantu usizi lusembethe
Yebo konke okwenzakayo
Kungeyakho intando
Kepha manje sekwanele

LOBA SIBA LWAMI NAMANJE AKWANELE!!

15/09/2022

Inkanuko yomzuzwana
Yaqeda uthando lweminyaka
Umncedi ebhala


#$loba ngobuciko

09/07/2022

Mina ngashiwa ngunyoko zintathu izinyanga uzelwe
Kodwa angimsolanga
Wazisola yena
Ngokuzalela umahlalela
Impilo yayinzima ngalesosikhathi
Nobuthongo ngasengingasabazi
Ngizama ngihlanganisa ukuba izolo
Lakho lingafani nekusasa

UTHANDO LINGUKUFA MNTANAMI

othandweni kufanele
Wamkele Zonke izimo eziqhamukayo
Ukuze igama lothando lingathukwa Ngawe
Nawe uyazi sewukhulile manje
Ubuhle nobubi bothando ngiyathemba uyabazi
Angingabazi ukube awubazi
Ngabe awukukhethanga ukugana........

KANKONJANE

09/06/2022

Ngamhlazane sengiya kwelamathonga
Nize ningangikhaleli
Hlezi izinyembezi zenu ziyophenduka imifula endleleni
Elibeni nize ninginxusele ukuba linganginqobi
Izimbongi zihaye inkondlo yokufa
Hlezi iyoba isibani enyathukweni

😭😭😭NGAMHLAZANE SENGIYA KWELAMATHONGA
NIZE NINGANGIKHALELI !!

UMZUKULU KA NKONJANE
NGOBUCIKO

26/05/2022

Ukube ngangazi

Ukube ngangazi
Ngangiyokwazi
Ukuthi kayikho into edlula umzali
Abangani engaphika nabo bangiholela ekubulaleni
Ikusasa lami

Ukube ngangazi
Izeluleko zabazali bami
Zaziyoba uthayi
Emqaleni wami
Ngangiyovuma ukuba zifake ucingo emnweni wami
Ngilibophe elomshado ifindo

Ukube ngangazi
Ngangiyosebenza kusakhanya
Nekusasa lami lingakafi
Izinyembezi zikameme zingakaweli phansi
Kazi ziyobuthwa ngani
Hlezi ngihlupheka nje
Izinyembezi zomzali
Ezawela phansi
Ngenxa yami

Ukube ngangazi
Laliyothi liqamba
Lithwasa ihlobo
Izihlobo zaziyophenduka abangani kimi
Hlezi zona zaziyongicabisa indlela
Ebheke empumelelweni

Ukube ngangazi
Ngabe ngalalela kusaneskhathi
Bonke esakhohlisana nabo bangaphansi
Komhlabathi
Nami kangilutho
Ngiswele ngisho eyokufihla ikhanda indawo
Kalikho iphambili
Nemuva ngazibulalela mina

Ukube ngangazi
Ngangiyolucela uxolo kumama
Inyama yakhe ingakahlukani no mphefumulo
Engakangideli nangenhliziyo yakhe
Awuuuu kodwa ngezi luleko zakhe
Namhlanje ngiyakubona ukubaluleka kwazo
Sengingenakuphindisela
Iskhathi nemzuzu emumva

Ukube ngangazi

25/05/2022

Ziyishumi nambile kuncwaba
Amathunzi ayewukela
Izintaba ezikhala amanzi ziya ngokusithela
Ithemba lami kalibonwa

Lolusuku usuku lwesthembiso
Owayenguthembise ngalo ubaba wabantabami
Selibuyisa imidodovu emazibukweni
Imizwilili yengoma yothando enhliziyweni
Isalokhu inkeneneze njalo ekujuleni kwezibili
Ithemba lami kalibonwa

Lasho lalokoza ikhandlela
Likhala ezimhlophe izinyembezi zenjabulo
Imibuzo nemicabango isesgcawini kwelami ikhanda
Iyasina iyadedelana
Kazi ubaba wabantabami ukuziphi izintaba
Ngoba nasemfantweni yezikhala
Zezintaba zakwantombi iqoma ngegugu akabonwa

Lasho layozilahla kunina
Isbhaka bhaka sahloba ngemfalakahlana yezinkanyezi
Ubucwephelezi benhlamvu yelanga esbhakabhakeni
Kusho ukuphela kwenyanga
Banenhlanhla labo abesfazane
Ababopha ifindo lomshado namanjeza aneqiso
Ngoba umbulali wothando enhliziyweni yowesfazane inkohliso

Sezize zalishumi izinyanga ubaba wabantabami
Wagcina ukuqhwakela esgqikini sakhe
Lisalokhe likhalile ihlombe
Lengoma yothando enhliziyweni
Imibuzo nemicabango iyasina iyadedelana
Kazi sekwaba ngubani umkakhe

kaNkonjane
ngobuciko✏

Address

Msinsi
Kloof

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umzukulu ka Nkonjane Imbongi posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Umzukulu ka Nkonjane Imbongi:

Share