16/04/2020
Vika Nkosi seziqalile izitha zami...
Vika njengoba wavikela uDavide.
Walindlala itafula phambi kwezitha
Vika nawu umndeni wami ungiqeda
Sengisho uBaba ongizalayo
Engabe uyangikhulisa , nokunisela
Izinfundiso ezizongakha , ngibeqotho
Ngivuse isizwe esiphila kulo
Kudume izimfundiso zakhe emazweni
Kodwa unginisela , ngezinhlamba
Angizingele ngemithi , yabathakathi
Abhidlize engizama ukukwakha
Okuyikusasa elizoqhakaza
Umuzi kaGogo usewu phendule ,
Umwume wabathakathi , bayangena
Bayaphuma iloyo naloyo unokwakhe
Okuzobhidliza umuzi kaGogo
Yingakho ngithi Vika Nkosi...
Kwenzeke okwenzeka kuJosefa
Abafowetho nodade sebephenduke
izitha uqobo lwazo
Bafuna ukuthwala ngathi ,
Wake wazwaphi ukuthi incebo yigazi
Iphelile imizi yoGogo ibulawa ,
Izingane ezingena themba nokwazi
Ngempilo nokuziphatha
Vika Nkosi sebeqalile , bayaqeda
Bazali ningabathukuthelisi abantwan
Ngokuba intukuthela , iyokwenza
Ububi nencithakalo
Vika nkosi....