Simphiwe Gumede-Umbhali

Simphiwe Gumede-Umbhali NginguSimphiwe Gumede, umbhali waseKZN. Ngibhala izindaba zesiZulu ngomndeni, ukholo, nentethelelo. Ngilandele!

Incwadi yami "ISONO SABAZALI" izophuma maduze ku-Amazon Kindle.

03/07/2026
30/06/2026

Welokhuza

31/05/2026

UKHALA NGAKUYEKA MHLA NGITHOLA UMYENI WAMI EPHEZU KOMUNYE UMFAZI* part1

Kwakungolwesithathu ebusuku. Imvula yehla kancane, sengathi izulube liyakhala nami. Ngifike ekhaya ngijabule, ngiphethe ibhokisi lekhekhe engalithenga ngemali yami yokugcina. Bekungu-anniversary wethu weminyaka emithathu. Ngicabanga ukuthi uzomangala, azothi “Sthandwa sami, ngiyabonga”.

Ngavula umnyango kancane, ngingafuni ukwenza umsindo. Kodwa umsindo owangibulala wawusekamereni. Kukhala, kuseka... izwi elingelilami.

Izinyathelo zami zimile. Inhliziyo yami yawa phansi. Ngisukume ngaya kancane, ngavula umnyango wekamelo.

Lapho mbona. Umyeni wami. Indoda engiyithandayo ngenhliziyo yami yonke. Elele phezu komunye umfazi. Umfazi engangimazi - ungumakhelwane wethu.

Umhlaba wama. Khekhe lawela phansi, lagcwala u-icing ushukela. Kanti nami ngaphakathi kwami ngaphuka ngendlela efanayo.

Angakhala. Angamemeza. Ngimi nje ngibuka. Ubuzwa buyeza: “Yini engingayenzanga? Ngiphelelwe kuphi? Ngiyena yedwa engimthandayo.”

Waphenduka, wangibona. Amehlo akhe agcwele ukwethuka, kodwa hhayi ukuzisola. Wathi, “Ngizochaza...”.

Kodwa angifunanga incazelo. Ngiphenduke, ngaphuma. Imvula yangiqala ebusweni, ngingazi ukuthi yizinyembezi noma amanzi.

Ebusuku bonke ngihlala phansi ekhoneni, ngibambe izingcezu zenhliziyo yami. Ngiyakhalela mina. Ngiyakhalela uthando lwami olwalunikezwe indoda engafanelwe. Ngiyakhalela ukwethemba engangizokwethenjwa yena kuphela.

Ekuse. Ngigodla ibhokisi lekhekhe eliphukile. Ngiya emnyangweni, ngithatha izinto zami ezimbalwa. Ngishiya iringi yethu etafuleni.

Ngiphuma ngingenqekuzela. Ngoba ngaleso sikhathi ngiqondile: Angikhaleli ukumshiya yena. Ngiyakhalela ukuzishiya mina - mina owake wazibeka phansi ngenxa yothando olungalufanelwe.

Lindela Part2

24/05/2026

unezinkomo zokulobola. Phela ukuze ngibone ukuthi uyindoda ngempela mfana wami, anginqabi ukuthi unakekela ingane yabantu ngoba vele ngeke ngisakwazi ukukuhlukanisa nayo. Kodwa hhayi lapha emagcekeni akoMhlongo, ngiyakholwa mina intombazane ingena ngomshado, izogana hhayi ngomkipito. Uyaphuma kanjalo."

UMzwandile uyolala endlini, kungena ucingo lwesithandwa sakhe umbikela ukuthi usekhulelwe. Athuke, wesaba umama wakhe.

UMzwandile ngolunye uhlangothi uyajabula ngoba wayeqala nokuba nengane. "Kulungile sithandwa sami, sengathi kungaba umfana. Bakithi ingane yami kuba mnandi, kuba njena ekuseni."

Ngovivi uyavuka uMzwandile, ubheke elawini. Iikanina uyombikela udaba lwengane.

UMomhlongo, "Kulungile ndodana, bengivele ngikulindele lokho ngoba phela usuqonyiwe, vele umphumela yingane. Kungabi nankinga."

UMzwandile unegugu lokuthi usezoba nengane. Ubekisa nemali yokuthi umizalwa ingane yakhe ingahlupheki, ithole isilungiselelewe yonke into.

Kuze kufike nosuku lokubeletha, uyabeletha uThulile ngenhlanhla ingane ngeyomfana. Bayiqamba igama lokuthi nguSlilo, ngoba wayetetema kakhula.

UMzwandile uzama nezinkomo zokulobola ukuze bazo shada noThulile, abuye ekhaya azohlala ndawonye. Ingane ithole uthando luka mama, ubaba kanye nogogo.

Kuthe isinezinyanga eziyisithupha ingane, unina uyicelela kubo kaMzwandile ukuthi bambambele, nakhu yena ethola itolo lasesitolo.

Ebhusha lapha esitolo, kungena wonke umuntu ongamcabanga. Ubona omunye ubhuti osho ngezimpahla ezibizayo, angakaze wambona lo bhuti.

Ucela inombolo yocingo kuThulile. UThulile uyangabaza ukumnika i(number). Akhiphe imali amnike ukumncenga ngempela. Ancengeke uThulile, ubona imali engaka.

Ayi, abangani bakaThulile basebhusha bayamhlohla, "Hawu mngani, ngeke ungabi saliyeka lesoka elinemali engaka. Bheka nje izimpahla abezigqokile zibiza kanjani, imoto abehamba ngayo yona uyibonile kodwa Ahleke uThulile kahleni.

"Bafethu mina ngiyalo tsholwa kungakudala nina. Thungisani nje," bayahleka bayamhlohla. "Hawu kahle wena ungasitsheli ngoMzwandile umahlalela ongenalutho, uzo kukubangela ukuhlupheka lowomuntu." Kanti lamagama ayakhela kuThulile.

Kuba ilanga lyozilahla kunina. Manje kuyavalwa esitolo, uyafonelwa uThulile. "Yebo, sawubona nkosazane enhle, imina obecele inombolo."

UThulile, "Yebo, ngingakusiza ngani bhuti? usuya ekhaya?" Kubuza ubhuti

UThulile, "Yebo, ngibheke khona indodamphini." Wakhuluma kwangathi udiniwe. "Nkosazane, ngicela ukukuthenga ukukhuluma nawe," usho usenda imali efonini. uThulile ngibonwa ubani

Address

P. O Box 07
Ingwavuma
3968

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Simphiwe Gumede-Umbhali posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share

Category