10/08/2022
Inhlupheko
Ngikhuliswe umama ubaba angimazi .sidla imbuya ngothi ,sibuye silale singadlile
Ubaba angimazi abanaziyo bathi wahamba eyosebenza ethekwini ngangisasonga ngethawula ngakhulisa umama ubaba angimazi
Umama ubevuka eyobamba amatoho ukuze silale sidlile ewa evuka mihla namalanga esebenza ezimobeni, emzini yabantu ukuze siphile
Lapho sengifunda ibanga lesishiyaga lombili kwakuthi mekuvalwe izikole ngibambe amatoho ngelinye ilanga ngathethiselwa ukuthenga amateku egama ngoba ngifuna ukufana nabangani nami
Kodwake ngafunda isfundo sokuthi abo into ebalulekile umndeni wakho nokudla kunezinto ezibizayo
Ngibonga umama namhlanje ngiyindoda ekwazi ukunakekela umdeni futhi angifisi ukuba abantwana nami bengaphili impilo efana neyami