03/02/2023
IMIZWA
P7
(Kusemini bebade,ilanga lishisa ngisho nasebukhweni bezinja. U maGumede Umi ngaphandle KwaMkhize eNdumusweni umemeza umngani wakhe u maDumisa.)
maGumede: Wee maDumisa asambe ntombi.
maDumisa: Awu kahle wena maGuh awungene hawu sizohqmba kusekahle nje.
MaGumede: (eqa ugange engena eya ngase khishini)Hhayi booh angifuni mina ukufika Enkohlisweni amakhisikazi akude esegcwele indlu, thina baseduze singafikile,usisubheka kanjani nje u maNdlovu.
maDumisa: Awu kahle wena booh kwayena nje lo maNdlovu obalisa ngaye mina angikaze ngingamubona nje emzini womuntu Kade kuhlatshiwe.
MaGumede: Ay khona ke uqinisile ngapho, kodwa ngampela isho ukuthini nje lonto? Shuthi thina silamba kakhulu ngoba sibahambela nje.
maDumisa: (esondeza uthileyi elinokudla) asidle ntombi singafike suzamule abafana besazithithizela nenyama yethu, Hhay phela ugane isiqhwaga nje esuhlonishwa umhlaba wonke futhi esuyinduna.
MaGumede: kwayona nje leh yokuthi umbulali aphathe umphakathi hhayi Cha futhi ipolitiki elapha emndenini wethu hhayi bandla.
maDumisa: hhayi awungiyeke wena ngaleyo, wee ntombi awusho uyibonile kodwa indoda engene u Nomah? Hhayi bakwethu Cha phela kudlaliwe nje ngane ka maNdlovu hawu imbakambaka yani nje leyana kudlalwa ngo Nomah emuhle kanjena.
MaGumede: Lutho angikaze ngiybone,angiyazi mina ngangazi umyeni wakhe owashonayo.
maDumisa: Hhaaa kwakuyinsizwa phela leyo, shuthi nje wena maGuh uswele umuntu okukhombisayo kodwa nje nginesiqiniseko ukuthi nawe uyibonile,bekuyiyona yodwa nje Izolo Enkohlisweni indoda ende elapha phezulu eshaya ngentshebe isihlikihliki, angazi ayigudwa ngani,umkhaba imbukumbuku iyalenga lento weee hhayi angiyazi mina leyanto, nami ngiyisalukazi nje kodwa ngeke ngiyivume leyanto mina weee O Dumisa bengavuka bame ngazo zombili ngumfunge ubaba u Nomabhande.
MaGumede: Hhawu maDumisa Musa ukuqamba amanga wena, u Noma ngoba kuyisinqazu nje sentokazi emhlophe ethe qwah, kodwa ingane ivelelwa yini bakwethu, kodwa ke mhlampe iyamthanda njalo phela uthando lolu baqinisile uma bethi aluboni, nakhu Nathi o Mkhize sabagana bezihlibidolo benjee.
maDumisa: Hhayi ungalinge ke ntombi ufanise u Mkhize wakho naleya mbalakaxa, wee insizwa nje u Gabhizwe habe, angiboni nje kodwa ukuthi uthando olungabe luqhamukaphi nje kodwa olungafaka u Noma kuleyanto, sekungaba iyona ke I Mali ngoba ayiluthezi olumanzi ntombi,phela kucashunwa kusale emaPhephetheni.
(Badle baze baqeda zilokhu ziziphumela nje izindaba, sebeze baphuma e Ndumisweni sebebheke e Nkohlisweni.