19/08/2023
💍UMENDO💍P.11
UZanele no Ronald bahamba bebuka abasebenzi emasimini kodwa namhlanje uyethuka uRonald indlela amadoda ayibuka ngayo imoto.
Ronald:Zanele Yabona madoda zigebengu buka ndlela bona buka Moto yami because of you
Zanele:Ayiii boss akusikhona lokho
Ronald:Gumede gawula ndonda yini wena buka Zanele so(ekhuluma nomagawula evele ngewindi)
Gumede:Ngeke phela mnumazane uhambe nentombi enhle maqede singayibuki
Ronald:Ayibo ndoda wena khona mfazi wakho khaya
Gumede:Uyasho nje nawe ekhaya ayii la enkopholo
Ronald:Sikhathi mina holela wena Baba wena Hamba ekhaya yombona phela haaa madoda(beqhubeke behambe beze beyojika esilengeni bese bebuyela emuva)
Zihambile izikhathi no MaNtuli uselungiselela ukuphuma emsebenzini ngoba ufuna ukuqala edolobheni bese eya ekhaya,kukhala ucingo kufona uZandile.
MaNtuli:Yebo Zandi mtanami
Zandile:Mama ngicela ungiphathela umuthi wenyongo ekhemisi
MaNtuli:Yini kwenzenjani?
Zandile:Ngiqutshukelwe yinyongo angikwazi kwenza lutho,ngiyaphalaza nokudla akudleki
MaNtuli:Ngizokuphathela nomuthi wokunqamula ukuphalaza,uke wamtshela umkhwenyana uSya
Zandile:Cha angikaze ngimtshele futhi nocingo lwakhe kalungeni
MaNtuli:Kulungile Ngizokuphathela,manje kawuphekanga nje?
Zandile:Mama akwenzeki lutho
MaNtuli:Khululeka uzofika apheke uZanele vele nami sengiyaphuma.
Zandile:Ngiyabonga ma sengizobona ngawe(evale ucingo aqhubeke alale)
uZanele uthatha oplastic akabathengelwe yi boss yakhe maqede wavalelisa.useyophuma ngesango.
Zanele:Sawubona Phoyisa(ebingelela unogada esangweni)
Nogada:Yebo Sisi,unjani?
Zanele:Ngiyaphila bhuti.Ngicela ukubuza indlela esheshayo engangenza ngifike eplazini ezansi
Nogada:Yehla ngalomgwaqo,mawufika ezansi la ukuphambana khona imigwaqo ujikela esandle sesikudla uzothi ukuhamba kancane bese ujikela kwesesinxele uyobe usufikile njalo
Zanele:Kuzwakala sengathi kuseduze indlela ochaza ngayo?
Nogada:Yebo kuseduze kakhulu kodwa mawuhamba ngemoto iyajikeleza
Zanele:Ngiyabonga bhuti
Nogada:Uhambe kahle Sisi,umuhle njalo
Zanele:(emoyizela)Ngiyabonga(ahambe futhi uyashesha)
Abashayeli sebeshayisile manje ngoba umoba usheshe waphela emasimini Namhlanje,uSbheva usewubekile ugandaganda maqede wazigaxela isikhwama sakhe sebeyazixoxela nje nabanye abashayeli.Bezwa kukikizela omagawula ngaphandle enkopholo,uma bephenduka bebuka kuqhamuka uZanele ungena esangweni.
Mthethwa:We Khumalo Nayi le ngane ofike nayo ekuseni,eyaphi?
Sbheva:Madoda nonke njengoba nilana ngicela n**i ukuthi ingane yami Lena ngakho ke ningayisukeli
Abashayeli:(bonke)Inhle
Sbheva:Ngiyayibongela.
uZanele afike kuSbheva nalaba akame nabo afike abingelele bevume bonke kodwa amehlo awasuki ku Zanele.
Sbheva:Madoda asibonane ekuseni sengiyahamba(athathe uplastic ku Zanele bese beyahamba)belunjani usuku lokuqala emsebenzini?
Zanele:(ejabule).........
Iyaqhubeka.......