30/01/2023
Inkosazane 👑-8
Sekuphele amahora amathathu imoto ishosholoza ihamba idunsuzeka igxuma gxuma kuyacaca njerh abashayeli bayo base bekhohlwe ngqi ngomuntu abamufake ebhuthini nokuthi engahle elimale ngenxa yalendlela abashayela ngayo kepha kwakundabani ngoba bona babephuthuma ukufika lapho beya khona ukuyoqhubeka nolunye uphuzo mangicabanga ...
Kwalamula ukuthi lomunye ohleli nomshayeli aswabuluke kuthy ukwehla utshwala egazini wakhumbula ukuthi konjerh kukhona umuntu ngemuva emotweni "hhayi wegazi Kahle bo uthi bengiphupha bekuyinini lapho besibhukuza umuntu kazana ngemoto sidle amponjwana??" Kubuza yena lomfana ebuza umshayeli ...
"ewwu angazi gazi kungani ungbuza lokho?" esho ethatha ithamu ebhodleleni futhi ehlise nomculo ucime njerh nyaa ...
"Ayy nginomuzwa omubi ngalento awume sihlole ukhumbule akusiyo neyethu lemoto awcabangek sesifika laphayana nesidumbu ayy (esho egigitheka) " ....
Nokho ame ngempela endaweni njerh esehlane ebukeka ixwayekile njengendawo engahlala abantu kusobala njerh akekho umuntu ohlala lana nongabe ukhona ohlalayo kuyobe unemfihlo impela ngoba ngeke umuntu ojwayelekile ahlala endaweni enjena ....
Kuwumgaqo wobhuqu onqamula ihlathi elinezihlahla ezinde ezihlangene okwenza libe mnyama s**e ngokungangeni Kahle kwelanga ,,azikho nezinkomba zempilo kelihlathi ngazuthi akukho ngisho izilwane uqobo ngendlela elithule ngayo akukho ngisho izinyoni ...kusobala noMnqobi mabezomshiya lapha ekulesimo namathuba okuthi alibone elidlalayo angangenso yenyoni kepha kuhle ngoba siyazi akhona ngoba nenso yenyoni ikhona yize ingangayo....
Iyaqhubeka...
Please like an follow the page
🤗✨