Delak'bona Imbongi engadumile

Delak'bona Imbongi engadumile Delak'bona the poet

23/06/2026

Ngangikhona ngibuka ............,.................
Loading..........,. From Delak'bona imbongi engadumile ...

Imbongi umthoba nhliziy' usengaphind' abhale

Ngibuyile, Ngibuyele WenaNgibuyile, ngizibambe ngezandla ezincane,  Ngizalwe yizinyembezi engizifihla ebusuku.  Ngidukil...
23/06/2026

Ngibuyile, Ngibuyele Wena

Ngibuyile, ngizibambe ngezandla ezincane,
Ngizalwe yizinyembezi engizifihla ebusuku.
Ngidukile ezindleleni engaziwayo kuzo,
Ngibuyele lapho inhliziyo yami yaziwa khona.

Ngibuyile ngibuyele wena,
Ngoba emhlabeni wonke angisatholi khaya.
Izandla zakho beziyisivikelo sami,
Amazwi akho ayisiphuzo sami ngenkathi ngiwela.

Ngiyaxolisa ngesikhathi ngathula,
Ngicabanga ukuthi “kusasa” lizokwanele.
Kodwa kusasa lafika lingenani,
Namanje ngimi lapha, ngilambele uthando lwakho.

Ngibuyile, ngingenakho okuphelele,
Ngiletha inhliziyo ephukile kepha iqiniso.
Ngibuyele wena, khaya lami,
Ngoba ngaphandle kwakho, ngilahlekile.

Ngibuyile, ngibuyele wena...
Ubangela ngiqale futhi ngiphefumule ,ngoba ngaphandle kwakho impilo ibingeyinhle neze themba lam.

Imbongi umthoba nhliziy' usenhaphind' abhale

15/06/2026

Ukuthula kwam' akusho giya ngelam' ithambo

Yeyi khuzeka ngabami labantwana ,musudlala ngabo ngize ngibone ,mina ngibathwale izinyanga eziyi9 futhi akekh' obehlos' ukungisiza ,manje ngokuwufulathela nje lomhlab' omagada senibaphendul' imbongolo baya nomakuphi,

Nina benizithanda ingane zam mina ngisaphila ,lothand' ebenibanika Lona banikeni sebeyaludinga manje niyahluleka ,bantabam ukuthulula kubika lukhulu kusimakade ,noma nibon' inyam' ayisavumi kodwa niwe phansi ngedolo nimubize yen' uyakuphendula ,

Yen' uyindod ' engalahlani uzakuba nani ningalibali yim ngizakubanani ngokomoya ,Nina bezwe ngokuthula kwam' abantabami nikheth' ukubaphendula izimbongolo, luphi lothando ebenibanika Lona ngisaphila ,sekucacile bekungesilo uthando bekuyinto nje ehambisana noncumo lwenhlinini..

imbongi umthoba nhliziy' usengaphind' abhale

Ungadikibali mtasekhaya ungalilahl' ithemba yen' ukhona ,usmakade khumbul' uyindoda engalahlani , nase bumyameni yenauba...
09/06/2026

Ungadikibali mtasekhaya

ungalilahl' ithemba yen' ukhona ,
usmakade khumbul' uyindoda engalahlani , nase bumyameni yena
uba nawe mtasekhaya, ngakho
nom' usubone ngathi yen' akasekho
ubokwazi loyo ngumcabdngo kasathane,
yena uyindoda engashiyani wen' angakushiya kanjani mtasekhaya,
mawusebunzimeni uyathwalana
futhi mawusebumyameni uyakhanyisela,
yena ungambiza nom' ingasiph' isikhathi
uzobekhona ngenxa yabantwana bakhe.

imbongi umthoba nhliziy' usengaphind' abhale

phendulani silindele impendulo
06/06/2026

phendulani silindele impendulo

Uk'kthula kwam' akusho giya ngelam' ithambo...........Loading from Delak'bona imboni engadumile
06/06/2026

Uk'kthula kwam' akusho giya ngelam' ithambo...........

Loading from Delak'bona imboni engadumile

Ngawe NglimeleAngilindi ngoba ngingenalutho olwenziwayo,  Ngilinde ngawe ngoba wena uyinto engiyifunayo.  Isikhathi sing...
31/05/2026

Ngawe Nglimele

Angilindi ngoba ngingenalutho olwenziwayo,
Ngilinde ngawe ngoba wena uyinto engiyifunayo.
Isikhathi singadlula, izinsuku zibale izinyembezi,
Kodwa mina ngimile ngiqinile ngase ngqondweni yami.

Abantu bathi ngiyaziqhenya ngokulinda,
Kodwa bona abakazi ukuthi inhliziyo yami yathatha isinqumo.
Akuyona into engiyidlalayo, akuyona into engehlulayo,
Ngawe nglimele, ngaze ngathi ngilokhu ngizalelwe lokhu.

Uma uza, ngizoba lapha.
Uma ungafiki, nami ngizoba ngifundile ukulinda ngokuthula.
Ngoba ukulinda ngawe akukhohlakali,
Kuyafundisa ukuthi ukubekezela kuyingxenye yothando.

Ngakho lala kahle, phumula,
Mina ngizohlala ngilindile lapha.
Hhayi ngoba ngiphoqelekile,
Kodwa ngoba ngawe nglimele.

Imbongi umthoba nhliziy' usengaphind' abhale ✍️

26/05/2026

Themba lami

ungadeli ukung'buk' emehlweni
ungitshel' ukuth' uyangithand.
ungabanaki laba vele umkhuba wabo
ukukhulum' ezabantu indaba ,
laba bayosigxeka senzakahle baphinde
basigxeke noma sisephutheni wedali,
yin' engathi laba bakulethel' uvalo Dali.
Themba bayohlale bekhuluma laba,
sebajwayela ukukhomba bakhohlwe leminwe emine ikhombe kibo Lana .
ungabanaki mabethi sohlaka kulolu
lweth' uthand' ondaba abanaw' amandla
okusehlukani ,wena uyoba ngowami NAMI ngibe ngowakho .izinsuku zami zokuphila ngifuna wen' eduze kwami .

imbongi umthoba nhliziy' usengaphind' abhale

Wen' uyinhliziyo Yami ❣️Wen' ukuphila kwami ,Wen' uncumo lwami ngoba ngaphandle kwakh' angikhululeki,Wen' uyimbali ekhan...
23/05/2026

Wen' uyinhliziyo Yami ❣️

Wen' ukuphila kwami ,
Wen' uncumo lwami ngoba ngaphandle kwakh' angikhululeki,
Wen' uyimbali ekhanga kamnandi ngicela ukhange mina kuphela ntokazi, Ungabanaki Laba bazokumoshel' inhliziyo yakho.

Masibhalelana imiqhafazo kube sengathi ugijima kimi ngaphakathi ,wena ungumculo wezinyoni won' Osho kupholile inqobo nje wen' usholo ngaphakathi kweyam' intliziyo.

Wen' uyilokhu engingakaze ngacabanga ukuthi ngiyoba nakho okuyi themba kwezothando ,ngicela ukhulul' intliziyo igide umgid' owodwa neyami .

Ngifisa nokukbona ngawenyama ngoba ngawe ngqondo nothando sengikubone ngaw' amahlandla amaningi impela .

Yeyi abangani bathi akusesikho ukuthanda komuntu ophilayo lokhu sekuyidliso, kepha ngivele ngiphendule ngithi siyeza nesen' isikhathi sokuthanda ngokweqiniso, Wena sowaphenduk' imbongi entlizweni uhaya inkondlo yezigi zokushaya kwentliziyo Yami ,lothando luzongibula manjena ngyakthanda.❤️❣️

Imbongi umthoba nhliziy' usengaphind' abhale

18/05/2026

Ngibuyile ngibuyele wena

By Imbongi Umthoba Nhliziy' Usengaphind' Abhale .................Loading

Izobe isikhona kusasa lokhu okusayo

Address

Mlazi
Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Delak'bona Imbongi engadumile posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category