16/02/2022
Ngizokhulumela izinhliziyo zo Lova ezophayo
Ngikhathele izimbongi zibhala amanga
Ngabantu besilisa ngenhloso yokwethandwa
Yinina besimame,makuwkuth ukukhuluma iqiniso kuzongizondanisa nani,
Kulungileke azilime ziye etsheni,
Ngoba uyazi nina,nina ninoktshela
Abafowethu ukuthi niyabathanda qede
Ningalukhombisi lolothando,nomjolo wawumuhle ekuqaleni useyindlela eya emshadweni kanti manje sekuwumuhhubhe nje ka layini obheke ekuphukeni kwezinhliziyo zabafwethu,umjolo wawumuhle ekuqaleni nisabona abayeni ebafaneni ningakaboni ama bhange emadodeni,ei uyazi futhi nina
Ngizokhulumela izinhliziyo zo Lova ezophayo
Ngisabathe ngiyamemeza,akekho osabelayo,
Angithi kukhona loku abakusabelayo,
Basaba ukuthi,make bavula umlomo hleze lenhlasana ekhona yothando ingase iphele,
Phuthuma ne Mop uzosula,leligazi esiliphenduke umfula,ngibezwa bekhalela ngaphakathi bethi "sikhathele ukubekezela kodwa ngizoyaphi ngoba leli lithemba lami lokugcina",angithi phela thina,sihlala noma sibona kusobala kawsathandwa,uhlaliswa ukukhohliswa ukutshelwa ukuth uyathandwa kant nalo lolothando kade lahamba kwasala igama kuphela,au Mantonbazane ngiphenduleni ngiyabuza,lezinhliziyo eniziphulayo niyozithobangani?ngoba abafana abaqotho bazophela bese nithi abafana baya fana,kuyafana ngoba benziwa inina,nina ninothando lawowonke umuntu uyazi kaniboni ngisho umuntu esefiselela inqubekela phambili ngoba phambili kwenu ebona ikusasa Eliqhakazile
Ngizokhulumela izinhliziyo zo Lova ezophayo
Ngizwe ngandlebenye,ukuthi nithi indlela yezothando yinde yingakho abafana nibabhangqa nga4 angithi nithi imoto ayihambi ngesondo elilodwa,ayibo naku ngikhohlwa,abafana nibabhangqa nga 5 angith kukhona ne spare tire ukuze phela masekubheda omunye umukhiphe ufake omunye,sengikhalale leyo Nsizwa eyabona ikusasa yazitshela ukuth isemathandweni kanti unontombi lo usemdlalweni,loluthando lwenu lufana ncamashi neskweletu ngoba vele ekugcineni sinibuyisela uthando lwenu,ei ngoba loluthando okuncikiselwa ngalo,kwathiwa muntu wesilisa ubothemba itshe kunokuthemba umuntu ongqesta babona kungcono bazibize nge mbokodo
NGIZOKHULUMELA IZINHLIZIYO ZO LOVA EZOPHAYO