Menzi - The Author

Menzi - The Author ●Author
●Actor
●Guitarist
●Singer
●Motivational speaker

Cell phone : 068 668 6261
(3)

Ndluyakwethu noma Kade yagcinana, ngicela ningibongise uNkulunkulu usengiphe omunye futhi unyaka. HAPPY BIRTHDAY TO ME 🎉...
05/06/2026

Ndluyakwethu noma Kade yagcinana, ngicela ningibongise uNkulunkulu usengiphe omunye futhi unyaka. HAPPY BIRTHDAY TO ME 🎉🎈🎉🎈

Menzi Cija Ntshangase

25/05/2026

Sengikhona ndluyakwethu bengingena data

IFA S3 Isiqephu 136Kwasa okungaliyo ubeseyindlela uZwane, uDelani nonkosikazi wakhe uBonisiwe beze kuye la eqeda nje ibh...
13/05/2026

IFA S3
Isiqephu 136

Kwasa okungaliyo ubeseyindlela uZwane, uDelani nonkosikazi wakhe uBonisiwe beze kuye la eqeda nje ibhulakfesi bahlala naye kwacaca nje ukuthi banenkulumo, ubesethi uyasukuma nje bese ebalinda.

"Mangethe usuyahamba?" Kubuza uDelani naye ubesegqokele ukuhamba eye emsebenzini, umuntu obemgakalungi uBonisiwe nje.

"Umthwalo usobhokweni manje Mangethe, yini neza ngathi khona okungahambi kahle, kwenzenjani?" Kubuza uZwane ngokwethuka uzitshena ukuthi bafuna ukukhuluma.

"Cha baba akukho okubi ungethuki u....." uDelani ephazanyiswe uZwane.

"Phela ngizitshena ukuthi sekunenkinga ezokwenza ngilale, unyoko sengimutshenile ukuthi ngiyabuya wajabula akusekho ukuhlehla ngane zami ngiyahamba manje nami ngikhumbule umkami." Kusho uZwane.

"Empeleni baba besizothi nje uhambe kahle , ngifisa ukuthi ungabe usabuya ngokuzosisiza manje kodwa ubuye ngoba usikhumbule nje ukhumbule nabazukulu bakho." Kusho uDelani.

"Okunye baba nali ikhadi lakho, njengoba usuya empeshenini nje manje fanele udle izinyoni zethu abantabakho, lapho uzokwazi ukusebenzisa imali ngendlela ofisa ngayo, akukwazi ukuthi ungacela imali kithi Mangethe usebenzile for le mpumelelo " kusho uBonisiwe emunikeza ikhadi.

Emoyizele uZwane esathi uyalemukela eledlulise nelinye.

"Leli elikamama baba, eJozini niyophila nenze noma yini enifisa ukuyenza makuthi ngiphume niyodla asikho isidingo sokucela." Kugcizelela uBonisiwe.

"Siyabonga bantabami, naye umama wenu izojabula, eh ngisakhuluma ngomama wenu nje, s**e sakhuluma kusihlwa bathi angiboke ngikhulume nani, umama wenu unesifiso sokuthi abazukulu bakhe bonke beye ekhaya eJozini beyofunda khona." Kusho uZwane.

Bebukane uDelani noBonisiwe eqhubeke uZwane.

"Zikhona izikole lapha ekhaya ezizimele, Jozini Primary nje izimele, lo osezoya e- High school uzosithola naye esizimele, laba owele bazothi uma bekhula nabo benakekeleke kahle le ngesandla sikagogo wabo." Umbono kaZwane nje lo useziba ngoMaMsomi, vele ngoba ehamba akathembi ukuthi izingane zizophepha la engekho.

UDelani ejike ebuke uBonisiwe, noBonisiwe ebuke uDelani ukuthi hleze uzophendula. Ebone uDelani ukuthi uBonisiwe uyilindele kuye impendulo.

"Ay siyakuzwa Mangethe, ake sibonisane noMaMyeza bese sikushayela ntambama ngesiphakamiso sikamama, sizwe nakundodakazi uMfundoh ngoba yena usemdala ukuthi engathanda ukuyohlala nogogo." Kuphendula uDelani.

NoBonisiwe enqekuzise ikhanda ukuvumelana nomkhwenyana wakubo uDelani.

"Ay kuyezwakala ngane zami, ake ngithi ngizomutshena unyoko ukuthi nizosazisa." Kusho uZwane.

Bese ethatha amakhadi akhe elule isandla exhawule kuDelani.

"Mfana usemahlombe akho lo mndeni mina fanele ngiyopphumula epulazini lami ekhaya nabazukulu." Kusho uZwane esukuma ecela indlela.

"Baba sizokukhumbula." Kusho uBonisiwe lapho uZwane ubesethi uyahamba.

"Woza la koti!" UZwane evula izandla eze uBonisiwe emunkonkoshele emuhlikihle umhlane.

"Ngiya la eJozini hhayi phesheya kwezilwandle, noma inini nizoza uma nje izingane nizosinika , ngiyethemba sizobonana isonto nesonto." Kusho uZwane.

Lapho uBonisiwe usenamabhodlela emehlweni uyabona ukuthi uma engacwayiza kungakhithika izinyembezi.

"Uhambe kahle baba sizoxhumana ngocingo." Kusho uDelani.

Ephume uZwane idume imoto maqede beyizwe iphuma, kithuleke nje phakathi kukaBonisiwe noDelani. Ngesikade uDelani edonse ucingo elucofe kabili kathathu bese elubeka endlebeni.

"Mfana weNkalakatha!" uMseleku ebamba ucingo.

"Bab' uDuma, ubaba usebuyele eJozini, eh ungidonse ngendlebe ngokubambisana nawe baba , ey benginesicelo nje esisodwa bab' uMthombeni." Kusho uDelani.

Dlengelele uMseleku ukuthi usecelani uDelani ehamba nje uyise.

"Khuluma mfana kwenzenjani?" Kubuza uMseleku.

"Ngicela baba singamushayeli ubaba uma kunenkinga noma ngabe eyami sizame mina nawe ukuyilungisa, ubaba usekhulile kanti ufisa ukuphumula njengoba eya eJozini, umuzi wakhe wempesheni loya ngicela singabe sisamuhlupha Duma." Kusho uDelani.

Engazi ethini uMseleku kulesicelo sikaDelani ngoba noZwane naye ucelile kuMseleku ukuthi emugadele uDelani emazise uma kunezinkinga.

"Ngyakuzwa mfana kodwa phela kuzolala ekutheni inkinga engakanani leyo." Kusho uMseleku.

"Mina nawe Duma akukho okungasehlula, ngingathokoza Baba uma singamuyeka manje ephumule, sekubuhlungu nakimi ubaba uhlala inyanga nomama sekumele ebuye ezokwenza into ebesingayenza sobabili." Kusho uDelani.

Ephelelwe ngamazwi uMseleku evume noma enazonizikhalazo ngalendaba.

"Kulungile mfana, ay asethembe azikho izinkinga ezizosilandela manje ." Kusho uMseleku.

"Ngiyabonga Duma." Kusho uDelani.
******************************************
Kukho lokho kusa eHluhluwe kwaMkhwanazi bafike sekusebusuku abasuka eThekwini. UThelmba noMfuthi bayazi ukuthi balala kuphi, bahlezi belala endlini okwakungekayise. Bafike bangena kuyo baze babonana ekuseni nomfowabo lo okababa wabo omkhulu uMboneni uBonga.

Nakhona bahlangana esibayeni phela la kwaMkhwanazi kuvukwa kuyosengwa ekuseni.

"Bafo!" UThemba emubingelela.

"Sure!" uBonga.

Ebone uBheka ubaba omncane wabo ukuthi zithibelene bese ebona kuncono eqale ngabo.

"Bafana ake siye phansi kwesihlahla sithi ukuxoxa njengamadoda." Kusho uBheka.

Bese bemulandela, uMfuthi uyadondolozela uyakhokhoba njengoba ubhambo lwephulwa inhlamvu. Phansi kwesihlahla kube ubab' omncane wabo uBheka, uThemba, uMfuthi,uBonga, Mkhanyiseleni oyindodana kaBheka, noma esekhulile kodwa muncane kunabo bonke.

"Bafana lo msebenzi esizowenza la owokuhlambulula izidalwa, kuvelike kimi ngiyohlola ngenyanga edlule ukuthi lokhu komkhokha wokulimazana kwamalunga omndeni kwenza kungabi nozinzo kwelamathonga, ngimdala ngiyabona nami ukuthi engathi anijabulelani ngendlela okufanele ngabe nemukelana ngayo njengezinsizwa zandawonye ezingasazani." Kubeka uBheka

Kuthuleke kuthi cwaka engathi kwedlula ingelosi, eqhubeke uBheka.

"Yini bafana bhobokani ilona ithuba leli, ngeke sihlambulule abangasekho abaphilayo bengahlambulukile." Kusho uBheka.

Kuphinde kuthi cwaka,kuze kuthathe yena uBheka.

"Themba!" Edumba uThemba ngoba uyena omdala .

"Bab' omncane eh ngicabanga ukuthi imbangela ikhona nje ukuthi kwagcina ngathi kixatshenwe lokho okwenza udadewethu uNobuhle naye ubafo behambe ekhaya eThekwini, nokuthi-ke u....." UThemba ephazanyiswe uMfuthi.

"Musa ukugega bafo , bab' omncane asingajikelezi iguma la, umfwethu uBongz akachaze yena inkinga yakhe ngoba ubhut' uThemba umbingelelile wabanda, akuyena okumele abande nje, kunje ileligovu elinguyise uMboneni, labulala ubaba ngoba nifuna ukudla amandla akhe..... Yini eyanixosha ekhaya mfwethu?" Kubuza uMfuthi ebhekisa kuBonga ubona ukuthi uyafudumala ukhumbula izinto ezenziwa ubaba wakhe kubo bebiya ejele.

"Cha Cha mfana siyalungisa la asoni, eh mina angisafuni siyovumbulula ukuthi kwenzekeni phambilini ngoba u ......" uBheka ephazanyiswe uyena uBonga edinwa uMfuthi.

"Yini ekunyanyisayo wena ngoba ubaba wabulala ubaba wakho nani nabulala ubaba, wazenza i- victim nje!" Kubhoka uBonga naye efutheka.

Ebone uBheka ukuthi uma ezithambisa la izomehlula le ndaba.

"Bafana ! Nginguyihlo uma ningadlaleli mina nizolalela bani? " Kubuza uBheka ngolaka.

Kuthi cwaka ngathi kwedlula ingelosi, ephinde ethathe uBheka.

"Asisavumbuli izinto ezedlule manje bafana siya....." uBheka ephazanyiswe uThemba.

"Ngixolise bab' omncane ukukwephula ulimi, ngithi angicacise la kuBonga umfwethu ukuze naye ezoluleka. Ngesikhathi ubab' omkhulu ebulala ubaba sasibancane, kodwa leyonto siyithole siphuma ejele, umama ubengaboni emehlweni ngenxa yokuthi wabaleka nenzilo ubaba wakho efuna engenwe, sithe uma siphuma ejele singazi lutho ubaba omkhulu uMboneni wafuna ukusibulala ngoba ezama ukuvikela amafa kababa ayesephenduke awenu, ibhusha kababa bese kungekababa wakho enganandaba nathi ukuthi sikuphi, umuzi okwaSanti eThekwini ungowakhe ehlala nani engazi thina sikuphi, wanele wezwa ukuthi siphumile wasifina efuna ukusibulala, Zwane lowo owasicosha wasizwela kuze sikwazi nathi ukuzivikela, and lo baba omkhulu asimbulalanga esekhaya sazivikela ezosibulala, wena ukwazi ukuzokhuluma leyonto kithi, phezu kwakho konke umama wanicela ukuthi nihlale nathi Nina nenzani nabaleka, bafo awehlise ikhanda uthobeke sithelelane amanzi sibe umndeni, izinto ezenziwa ngobaba siphume kuzo." Kubeka uThemba eyilanda la eyaqala khona bese ethula uBonga kubonakala ukuthi luyagoba uphondo .

Kuthi cwaka lapho sekulokhu kuhhonga uThemba.

"Kube angiguli mfwethu angidutshulwanga ngabe ngikufaka induku nje wehle uthobeke." Kugcizelela uThemba.

"Ay ndodana usuqedile, kimi uyithemba lalomndeni njengegama lakho, unginika ithemba lokuthi noma ngifa uyosala uwuqhuba lo mndeni." Kusho uBheka.

Kuphinde kuthi cwaka ngathi kwedlula ingelosi ephinde ethathe futhi uBheka.

"Xhawulanani bafana idlule lento." Kusho uBheka.

Esukume kuqala uThemba ebambe ithambo kuBonga noBonga edlulele kuMfuthi bexhawulane bese kuthatha uThemba.

"Mtakababa nikuphi ngokuhlala manje?" Kubuza uThemba.

"Sise- Kloof eThekwini naye udadewethu, Nina nisasekhaya kwaSanti, nenzani manje ispani?" Kubuza uBonga kucaca ukuthi bafuna ukwazana kancono njengabafowabo manje .

"Ay bafo si- runner yona ibhusha kababa asikhoni ukuthola umsebenzi ngenxa ye- criminal record, sibuye size uZwane kuma- business abo and ay basiholela kahle impela." Kusho uThemba.

"Wena bafo ususebenza kahle ngibona imoto nje enifikenngayo." UThemba

"I am a plastic surgeon. Khona e Kloof angibange ngisabheka emumva ngaqhubeka ngafunda." Kusho uBonga.

Bebukane basadidwa ilomsebenzi ikakhulukazi ubaba wabo omncane uBheka. Kuphoqe ukuthi echaze.

"Ngiwudikotela kodwa osebenza ngokuguqula indlela umuntu abukeka ngayo, nginendawo Yami engisebenzela kuyo khona e- Kloof." Kuchaza uBonga

Bebone nje oThemba ukuthi abayilutho la isiqumama sakubo lesi, okuhle ukuthi bekubukeka ngathi bayazama ukuthelelana amanzi.
******************************************

Njengomusho kwakhe uMbheki emva komhlangano erenki ubevele esevule amehlo ebheka intuba ukuze etshene ithimba laseMsinga ukuthi lisondele. Okokuqala nje akuthole emhlanganweni ukuthi uZwane uthathe umhlalaphansi manje.

Phela uMdletshe bekumele ebatshene ukuthi wonke amakhumbi akwaZwane umlungu sekungu Delani. Nokuthi-ke ikhalathi lisagcwele izinkalo alikabanjwa. Into yokuqala-ke ayenzi ukubikela labafana baseMsinha.

"Izindaba ezingemnandi ukuthi uZwane usesemakhaya manje ngeke ephinde ebonakale la eThekwini." Kusho uMbhekiseni.

Dlengelele uThela okunguye obeshayelwa ucingo.

"Hawu! uDelani yena?" Kubuza uThela.

"Ay ukhona loyo futhi kulula ukumthola, singamuthola enkampanini, simgade uma ephuma ngoba bathi lapha ay ezokuphepha ziqinile kakhulu." Kusho uMbhekiseni.

"Ay mina ngithi asigaklaze yena lo Delani, ubuhlungu uzobuzwa ngokuphindaphindekile lo Zwane, uma simubulala ngeke ezwe lutho ubuhlungu buyosala nabaphilayo." Kusho uThela

"Lokho-ke kuzoba lula kakhulu, engingakusho nje buyani manje sizokwenza lento yedlule madoda." Kusho uMbhekiseni.

"Ngizokhuluma noMbuyiseni bese sinquma usuku esizofika ngalo sigadle sibuyele emumva eMsinga." Kusho uThela.
*******************************************
UZwane bekumele efike ngeleshumi eJozini kodwa ngesimo sokuthi uqale oPhongolo ngenhloso yokubheka izinto ezithile ugcine efika ngehora leshumi nanye eJozini. Akube ukupaka waphuma esekhulima nocingo.

"Kusasa ngicela nifike for i- quotation yalolucingo, ngifuna kube nogesi ukuze uma ungena ngaphakathi la ekhaya ungene ngendlela eqondile, enkanjini yezinkomo zivikeleke zingasindeli kulolu olunogesi......yebo ngathi kungabanjalo nje impela ... Ayibonane kusasa madoda." UZwane ekhuluma ezongena egunjini lokuphumula nangu uMaMsomi useyezwa ukuthi uqinisa ezokuphepha.

"Nkosikazi!" uZwane.

Esukume uMaMsomi bangane bebingelelane kube mnandi ebize impilo yezingane esho uZwane ukuthi ziyaphila.

"Nkosikazi ngigcine ngiqamba amanga kubantwana ngathi sixoxile ngezingane ukuthi zibuye la, eh bazofina ntambama ubatshene ukuthi

Ndluyakwethu, ngicela ningilekelele sifisele nangu umfana wami uZiM'Zim usuku oluhle lokuzalwa.Usehlanganisa u 10 years ...
12/05/2026

Ndluyakwethu, ngicela ningilekelele sifisele nangu umfana wami uZiM'Zim usuku oluhle lokuzalwa.

Usehlanganisa u 10 years namuhla.

Khula-ke Menziwa 🎈🎉🥳🎉

Menzi Cija Ntshangase

11/05/2026

IFA S3
Isiqephu 135

Ayikho into ejabulisa uZwane njengomubona labafana abaphila naye bejabule futhi impilo yabo inyukela kwelinye izinga, namuhla ntambama ujatshuliswe izindaba zokuthi u-Obhama useserenki yaseStanger njengomnikazi wamakhumbi akwaMaduna.

Phela u-Obhama uzifikele mathupha kwaZwane ezobika ukuthi usesebenzela kwaDukuza, ubenzela uma kuhlangene erenki yena engekho kungabi nokudideka, bese kulungiselwa isidlo sakusihlwa nje kwaZwane ngesikhathi befona onogada bethi kunomlisa ongaphandle uthi uze kwaZwane.

Bathe uma besho ukuthi uthi ungu- Obhama wathi uZwane bengangena nangempela wangena uhamba noNosiphiwe ingoduso yakhe, ephume uDelani noyise beyomlinda ngaphandle nangempela ingene imonto ize ime egcekeni behle bobabili, Injabulo ibhalwe emehlwenikubo kuyacaca ukuthi konke kuhamba kahle.

"Sanibona baba nawe bhut' Delani!" uNosphiwe ehlale ebingelela phela ubajwayele kade ehlala nabo la kwaZwane.

"Ndodakazi, ay ukuphethe kahle lo mfana webhusmane ngikubona nje uza le kude." Kusho uZwane evuna bese encokola.

Behleke bese eyedlula uNosphiwe eyongena phakathi endlini u-Obhama esondele kuZwane noDelani bese behlala emabhentshini lawa aseduze kwedamu lokubhukuda khona la egcekeni bese ebingelela u-Obhama.

"Mfana webhusmane, ay ngyajabula mfana ngoba ngiyabona ukuthi niphethene kahle ngomakoti wakho." Kusho uZwane.

"Ay impela uyisika kimi iphethini mfoka Ellis." uDelani sakuncoma bese beyahleka ,efakaze uZwane.

"Ay khona ngeke sidle amandlakho mfana nawe umphethe kahle unkosikazi walapha eMangetheni." Kusho uZwane emumbambatha ihlombe, ehleke uDelani kwazise ubencokola.

Bese ethatha u-Obhama okuyikhonokumulethe la kwaZwane ntambama nelanga selizilahle kunina.

"Cha Mangethe bengithi angizokubikela ungaze izwe usuzwa ngendaba nje, eh namuhla ngethulee njenge owner kwaDukuza, ukubheka amakhumbi kababa kaKaMaduna lapha ukuthi ayesebenza futhi akukho okubi okwenzakala kuwo." Kusho u-Obhama.

"Yazi bengiyicabanga nje leyo ngithi undodakazi ngabe ufaka wena lapha, kuhle-ke ngoba bengicabanga into vele eseniyicabangile, okubalulekile mfana ukwakha IFA lezingane zenu ninothe nenzele nesizukulwane esizayo singafiki nje sesiqala phansi, usebenze ngokuzikhandla mfana uma kuvela amanye amathuba usuke uhlale, kodwa-ke kukho konke ungakhohlwa ukuthi lo mkhakha unezitha, kodwa-ke uma usaba izitha dlalela kude nempumelelo." Kusho uZwane emukhuthaza futhi emutshena ukuthi eqaphele.

"Congratulations Mlungu, ungabe usabheka emumva." Kusho uDelani naye emubongela eze ekhule isandla exhawule.

Ngaphakathi endlini ungene wafica ulkumatasa kuphekwa uNosphiwe, vele bebendawonye noBonisiwe emsebenzini ungene nje wabingelela koMavis naku Cynthia wase enyuka eyobona izingane kwabamnandi kuyasho nje ukuthi kwahlukwanwa kahle kungaxatshenwe.

Bagcine sebezixoxela nje kungamancoko nokuhalalelisana kuze kube uyahamba u-Obhama nengoduso yakhe bese kusala uZwane noDelani behlezi khona phandle base bethi ukuxoxa ukuze bengene endlini sebekhulumile.

"Mfana ukusa kuyokwaziwa yimi ngiye ekhaya, ngiyanithemba manje noMaMyeza nizosale ninakekela konke nami isikhathi sokuthi ngithathe ikhefu ngiye ekhaya manje ngiyolungisa." Kusho uZwane.

Kwedlule ingelosi kuthulekile uDelani ulalele nje, eqhubeke uZwane.

"Ungisize ngento eyodwa nje mfana wami uhloniphe obaba uMseleku, uMdletshe, kulomkhakha wamatekisi uma usazoqhubeka nawo uMdletshe uzoba usizo, bese kuba uDuma, uyazi nawe ukuthi uMseleku uweseke kanjani lo mndeni, kusuka usemncane ubelokhu ekhona, nibambisane noMelusi nibakhokhele nabafana laba abawumgogodla womnotho wethu, uyobe ungisizile mfana uma wenze njalo, mina kumele ngithi khumu manje ngiyohlala phansi kulomuzi oseJozini ngidle izinyoni zabantwana." Kusho uZwane nhomoya ophansi, phela usalakahle uhlezi ubuhlungu.

"Ngiyathembisa Mangethe ngeke ngimoshe yonke lento oyisebenzele kanzima kanje, nami ngizokhulanngishiye kuLibo naye edlulisela kusizukulwane ." Kusho uDelani.

"Good!" Kusho uZwane.

Bephazanyiswe uNomfundo ofike egijima kubo.

"Babah! Mkhulu! Uthi umah i- supper isi- ready!" Kusho uNomfundo naye osekhulile impela ngoba uzohlanganisa ishumi nane kulonyaka.

"Alright my daughter." Kusho uDelani bese besukuma bengena endlini kanye kanye beyodla isidlo sakusihlwa.
******************************************

KwaMkhwanazi nakhona ubutata njengoba amabombo ebheke eHluhluwe, bekufakwa izikhwama emotweni, umuntu ozoshayela uyena uThemba bazosebenzisa imoto yalapha ekhaya inqovunqovu eyashiywa ubaba omkhulu wabo yize bengavamile ukuyisebenzisa ngoba bekholelwa ekutheni ekanina.

NoPhilile ubefaka izinto azozidinga njengoba azi ukuthi uyokotiza le eHluhluwe. Yagcwala yathi qhu ibhuthi kwazise kufakwe nezikhwama, usebenzise esisodwa ukufaka izimpahla zikaThemba noMfuthi uPhilile phela uyazi ukuthi noThemba uwutaku lwakhe njengoba engenamfazi nje. Ilokho okwenza nonina wabo uMaZulu emuthande uyabona ukuthi akazile ukuzoqhatha izingane zakhe la kodwa uzozenza zibumbane kakhulu kunasekuqaleni.

Bathe sebeqede ukupakisha lukhale ucingo lukaThemba bese elubheka ubab' omncane wakhe uBheka bese eluphuthuma elubambe.

"Baba!" uThemba.

"Eh mfana sebefikile abafowenu la abazalwa ubab' omkhulu wenu uMboneni, eh silinde nina manje." Kusho uBheka ocingweni.

"UBongz noBuhleh?" Kubuza uThemba.

"Yebo mfana phela ngabashayela bathi ukuba manqika bebengasayifuni into ebahlanganisa nalomndeni, kodwa-ke nampa bafikile, eh nizofika ebusuku angithi Nina?" Kubuza uBheka.

"Yebo baba kunjalo, siyasuka nje manje la eThekwini." Kusho uThemba.

"Kulungile Ndonga fanele sihlambiluke senze lo msebenzi sedlule kulento." Kusho uBheka bese eluvala. uThemba ebabuke endlini bonke ngaphambi kokuthatha.

"uBonga no Bihlee sebesekhaya, ubab' omncane ugcine ekwazile ukubathola." Kusho uThemba.

"Kuhle lokho , asinanxa nabo ibona abakhetha ukishiya lo muzi emva kokuthi kushone ubaba wabo, bahlulwa ukuhlalisana nathi." Kusho uMaZulu.

"Kunjalo ma oledi." Kusho uMfuthi.
******************************************
Izindaba azihlali phansi zesaba amazolo, phela indaba igcine ihambe yaze yafika eMsinga ukuthi inkampane kaDelani ongumfana kaZwane ibanjwe inkunzi, phela ibingeke ingabhebheseki njengoba izintatheli zasezinkundleni zokuxhimana zibhala umzuzu nomzuzu, kwalenkulumo kaDelani ayenzile esho ukuthi bababambile abenzi bokubi ibisinamekiwe ezinkundleni.

Ingakho lishone isiseMsinga indaba kumfana kaMtshali nakumfana kaMthwethwa izinkuxa zakhona eMsinga ezitholoza ejele. Lezindaba zibafikele emini kodwa baze bakwazi ukuxoxa ngazi manje kusihlwa kwazise emini ilowo nalowo ubematasa ngezinto ezibhekene naye. Phela wonke amabhizinisi ayeqhutshwa obaba babo asewhutshwa yibo. La eMsinga bavunyiwe nje impela.

Bahlangene kwenye indawo yokucima ukoma ephezulu la eMsinga edayisa ubusuku nemini. Bafike bathenga iziphuzo base beyaxoxa nje.

"Yizo Mbuyiseni ezaseThekwini, banokhwe ikhaladi nomkalo lahamba nenyuki." UThela eza nayo kodwa-ke kucace ukuthi noMbuyi uyayazi ngoba ubefakaza.

"Bathi alikabishwa ikhalathi kade kuphostiwe nje kuthiwa liyadingakala kwafakwa nesithombe salo, bathe u Shane Cupido, ay li rich la likhona." Kusho uMbhekiseni.

"Kodwa-ke bafo ilona thuba -ke leli esasilindile, njengamanje i- focus ikulesi scandal, thina asishaye ikhanda." Kusho uThela.

"Usho kanje ntangayethu?" Kubuza uMbuyi.

Engabe esaphendula uThela kodwa edonse ucingo elucofe kabili kathathu bese elubeka endlebeni. Edideke nje uMbuyi ukuthi uthinta ubani.

"Ntangayethu!" uMbhekiseni ocingweni.

"Ntangayethu ilona ithuba leli, uZwane cishe umatasa ufuna lo mlisa obanokhile, thina sigadle ngaleso sikhathi." Kusho uThela.

"Bengithi ngizofona nginixoxele, nizwile ukuthi banokhwe ikhaladi?" Kubuza uMbhekiseni.

"Sizwile, manje wena thuthizela ngakuye vele akajusabi maqede ubone intuba sofika sigadle sihambe thina sibuyele eMsinga." Kusho uThela.

"Kusasa ngizoqala ngithithizele ngakubo lokhu ngiqoqa ulwazi, uma sigadla engasola ngisho yena lo Cupido wakhona." Kusho uMbhekiseni.

"Nene ntanga akungapheli isonto singafadlile, engathi lo Cupido engangatholakala okwamanje." Kusho uThela.
******************************************
Iyaqhubeka

Monday oluhlaza cwee😥
11/05/2026

Monday oluhlaza cwee😥

IFA S3 Isiqephu 134Ngesikhathi amaphoyisa ephuma nezigilamkhuba bese lukhala lungayeki ucingo lukaDelani izintatheli zif...
05/05/2026

IFA S3
Isiqephu 134

Ngesikhathi amaphoyisa ephuma nezigilamkhuba bese lukhala lungayeki ucingo lukaDelani izintatheli zifuna ukubhala, ehhovisi kwathula kwathi cwaka abakholwa ukuthi lezidumbu ezintathu zonogada babo kungenxa ka-Veronica nabanye onogada.

Babodwa abathi balayekile , abanye bethi ngathi bengafelakhona ejele. UDelani ngedikhathi kwenzeka konke lokhu ubesabheka imibiko yonyazi , bekusenothi umshwayilense ngeke ukhokhe, babeka-ke izizathu, kuzoba umyalezo ovela ezikhulwini ezimunike lelithenda, bona ke bebecela incazelo.

Nokho eebaphendule ngokuthi akulona iphutha le nkampane kodwa iphutha lababili abathathu abasebenzela inkampani. Inkulumo kaDelani ibihamba nomusho othi asikwazi ukuqeda umsebenzi wabantu abayikhulu ngenxa yabantu abathathu, wasevala ngokusho ukuthi baboshiwe sikhuluma nje. Esafunda eyamakhasimende amanye abekhathazekile ngemibiko yayizolo ziphendule izikhulu.

Izikhulu bezithi nje ziyazwelana nonogada abasale enkundleni futhi zancoma ukushesha kwe- Lion Security services ujusheshaukubamba izigilamkhuba, base becela inombolo yecala. Base bethi bazocubungula bese bebiya kuDelani ukuthi beqhubeke noma beme ukusebenza lelithenda.

Emva komsebenzi wasehhovisi ephume uDelani phandle bezisekhona izixongololo kubatshazwa noSenamile noSthandiwe bebemangele ukuthi lo Veronica abebenaye kusuka izolo uyena ohlomise lempi ehlasele inkampane.

Kanti kolunye uhlangothi amaphoyisa aphume nabo onogada bevalelwe ndawonye nomshayeli sebeqala manje besolana nomunye ethi nguwe nomunye ethi nguwe.

"Uyayibona inkinga osifake kuyo, lo mjita esiholela kahle futhi esinakekela njengabasebenzi sesimubhunyele ngalo emehlweni lolothando." Kusho omunye wonogada esola umshayeli obekunguye obethi ayenziwe lento ngeke bebanjwe.

Lapho ukhalaza nje iyabagunquzisa iveni ngemumva kusukwa nabo khona la e Morningside bayiswa e-Westville, kwekaMbatha imonto encane enoMbatha namaphoyisa amabili no Veronica bathe akabakhombise indlela eya kwa- Cupido e-Marianridge.

Lapho ubelokhu ebanga umsindo ekhala ngokuthi uyasukelwa yena akazane natulo lokubamba inkunzi.

"He's my husband! Engangifonela noma inini!" Kubhoka u-Veronica.

"Veronica Cupido sicela uthule ngoba konke olokhu okukhuluma la sizikusebenzisa njengobufakazi enkantolo." uMbatha emkhuza.

"I am not joking, I will sue you!" Kusabhoka yena uMrs Cupido, u-Veronica phela.

Imoto iseza ngo- N3 kungene umyalezo ocingweni luka Veronica osuka kuShane.

“My love, I will always love you, but I have to leave. I wish you good luck in court.” umyalezo ovela ku Shane.

Evele ekhale kakhulu u-Veronica uma ebona lo myalezo kumkhanyele ukuthi uyedwa kulento.

"Shane bursted! Uyazi into yakho le usungishiya ngedwa kuyo!" Kukhala u-Veronica ezama ukumshayela kodwa lungasangeni.ekhale kakhulu.

Kumuphoqe uMbatha ukuthi ewubuke lomyalezo, ay kunjalo nje bese ethatha.

"Uyabona-ke Mrs Cupido ukuthi impilo unjani, kodwa-ke uma usebenzisana nami ukhulume konke ngingakusiza uthole uswazi oluncane, lo ethole okumfanele, siyavumelana?" Kubuza uMbatha.

Evume ngekhanda u-Veronica lapho ucinene usethi ngeke nhiboshwe ngedwa kube kungu Shane umthakathi wezindaba.

"Uma uthola I off ramp mshayeli asibuyele e- Westville siyoqeda ngo Mrs Cupido bese sicinga yena u Cupido esekhulume konke u-Veronica." Kusho uMbatha.

Ibingasekho enye indlela yokuyigoqa ku- N3 ngaphandle kokuzophuma e- Westmead ngathi uya e-Pinetown ngase UKZN Edgewood bese eyibuyisela kuwo u-N3 isibheke emumva eThekwini.
******************************************
Zikhala nje eThekwini enkampanini kaDelani kuboshwa abantu ngapha kwaDukuza erenki ugcine efikile umfana webhusmane u-Obhama ingoduso yakhe yamethula kahle koMthiyane nomfana kaShezi, into ebibajabulisa ukuthi uZwane ngeke kusagcaluza yena njengoba bese kuba nguye phambili entweni ethinta izingane zakwaMaduna.

"U- Bradley Ellis lo umkhwenyana wami, njengamanje ngizomethula kini njenge- owner eliphethe izimoto zakwaMaduna." Kusho uNosphiwe.

"Syakwemukela ndoda ubani konje isibongo?" UZondo

"Ellis" u-Obhama eziphendulela.

"Mfoka Ellis, ngiwuZondo mina, kanti uShezi lo bese kuba uNtuli lo , yithi esesisele la kwaDukuza, nhethemba uyazi ukuthi lo sosesheni uke waduma njengososesheni onodlame kakhulu, ingakho silwa singafuni ubuyele kuleliyahlazo, ngiyakwethemba- ke mfoka Ellis awuzukufika nodlame." Kusho uZondo.

Bese ecela indlela uNosphiwe njengoba ephuthuma la e-Ballito emsebenzini, esale u-Obhama nabo kusaxoxwa, kuphele umhlangano ehlangane nabashayeli bakhe. Belungise indaba yemali ukuthi njengoba ehlala kude fanele ntambama beyifake ebhenki.

"Ku- reference ufaka i- code yemoto like I 334 , ngizobe sengazi mina ukuthi ubani ngoba ngiyazi I 334 ishayelwa ngubani." Kusho u-Obhama.

Beqale nethiswe ikhalathi elikhuluma isiZulu esome gelekeqe. Naye u-Obhama ebone nje ukuthi impilo iwumlingo uhlonishwa nangobaba abadala manje njengoba esephethe, ecabange emumva njengoba wayeyintandane wacoshwa uDanger benza ubugebengu kwaze kwaba bahlangana noZwane, buka manje uhlala emzini kanokusho eManzimtoti e- Doonside eduze kolwandle, unomfazi ophumelele futhi osafuna ukuphumelela, manje uphethe amakhumbi kwaDukuza ungumphathi.
******************************************
NakwaMkheanazi nakhona sekuqala ukuphola impela baya ngokulibala ukuthi bacishe behlelwa ifu elimnyama, ziyenzeka nje eThekwini bona bavuke bayovula ibhusha wase ebuya nomfowabo njengoba ubecele umhlangano uThemba osezama ukuthi engaziphathisi kwengane eziphathise okwenhloko emva kokuwuleka ejike kuyise.

Useyaxhumana noyise ngamaphupho impela manje ingakho ecele isigubhukane somhlangano. Bekunguye, uMfuthi,unina uMaZulu, uNoxolo, bese kuba uPhilile umakoti walapha ekhaya yize kungakasinwa.

"Mama nawe mfwethu bengithi anginibize ukuze sithi siya le ekhaya sengike ngakhuluma mayelana nomndeni kababa omkhulu uMboneni, sonke siyazi kwenzakalani, angazi noma noMaMsomi ubusumazisile." Kusho uThemba.

Enikine ikhanda sakuphika uMfuthi bese ethatha uThemba.

"Into eyenzeka eminyakeni eyedlule Noxolo nawe Philile, safelwa ubaba wethu uMkhonto ngesandla sikababa omkhulu uMboneni, ngenxa yefa efuna ukudla izinto zikamama, nathi sasibancane umama onolwazi kahle, ngebhadi kanti sizoboshwa, sithe uma siphuma ejele samfica esehlala la nomndeni wakhe, edla imali kamama yebhusha, unele wezwa sikhona wafuna ukusibulala siziphumela ejele, kuphoqile ukuthi ehambe emhlabeni ngesandla sethu, thina sasizivikela." Kusho uThemba echaza enqamulela .

Dlengelele uPhilile, uNoxolo uyazi yena.

"Sasifuna kuhlaliswanwe thina kodwa uBongz noNobuhle izingane zikababa omkhulu zahamba la nomama wazo , umsebenzi osekhaya oeokuzama ukuhlambuluka sigezwe ukuze ingabi ukhondolo lento yokubulalana, ngikhulume nobab' omncane uBheka wathi fanele bebekhona uBongz noNobuhle ukuze kuhlanjululekwane sibe umndeni futhi." Kubeka uThemba.

"Baphi manje labantwana Themba, ey angazi zamani kodwa ayivamile ukudlula nje impi yokufa komuntu, nginovalo nje." Kusho uMaZulu.

"Ngizoke ngiye e- Pinetown e Bank ayesebenza kulo usisi Nobuhle ngizwe ukuthi usekhona noma uma esahamba waya kuphi, ngizoya emini namuhla." Kusho uThemba.
*****************************************
Ehlile amaphaphu kwaZwane, bese nezihlalele nje ehhovisi bexoxa ngoba bengazi bazokwenzani, umuntu obematasa uDelani njengoba uthathe ilephothi kaMbatha ngecala, ubesevume konke u-Veronica wayithumelela abomushwayilense, wabuye wayithumelela abaphathi bomsebenzi owonakele bathi awuqhubeke umsebenzi.

Nomshwayilense wathembisa ukukhokha zingakapheli izinsuku ezimbili, zabuye zanyuka izihlathi kuDelani waphuma ehhovisi eya kuyise noMseleku wabafica baqethukise izihlalo bayaxoxa ehhovisi abanikwa lona bazixoxela ngempilo nje nangokuhamba kweminyaka.

"Le ntwana yakho ifunde kakhulu ifundiswa nguwe manje yona ifuna impilo ehluke kakhulu kuwe, uVuyo uncono kakhulu akekho kude kakhulu." Kusho uZwane bakhokuma ngendodana kaMseleku.

"Exactly Nkalakatha, ingakho ingahlali nasekhaya nje I......" uMseleku ephazanyiswe ukungena kukaDelani emoyizela.

"Bobaba nihleba ngathi la!" Kusho uDelani.

Behleke bonke endlini bese ephinda ethathe uDelani.

"Eh u-Veronica usewavime wonke amacala, ngase ngithumelela umshwayilense i- report, uzokhokha in 2 days." Kusho uDelani.

"Kwangcono wangasibambezela lo mgulukudu!" Kusho uZwane.

"Izindaba ezinhle lezo mfana." Kusho uMseleku.

"Okokugcina umsebenzi wokugada imali sisenawo, bathi bayaqala ukusebenza nabantu aba fast kanje uma bebanjiwe, konke kusami ngomumo bobaba ngiyabonga ngaphandle kwenu angilutho" kusho uDelani.

"Hawu umkhulu uSomandla." Kusho uZwane.

"Akube isifundo lesi ndodana abasebenzi sbangazi konke manje, bona abezwe ngebhodi nje ukuthi kuzokwenzekani." Kusho uMseleku.

"Eh le ngane ebisisebenza noSenamile ngzoyifaka kulesikhindla sika V , uSenamile uzozibonela usebenza nobani." Kusho uDelani.

"Ukube naqasha yona le ngane kwasekuqaleni, kodwa-ke siyabonga. Ay uma sekulungile fanele ngibuyele kunkosikazi wami ekhaya." Kusho uZwane sakuchoma.

Behleke bese kuthatha uMseleku.

"Asambeni siyodla inyama Nkalakatha ukuze uhambe usuthi kusasa, asiye khona erenki imnandi leyanyama." Kusho uMseleku.

"Awuthi ngikhumule lesudu ngihambe na...." uDelani ephazanyiswe uMseleku.

"Ay mfana imina neNkalakatha biza owenu nawe." Kusho uMseleku.

Ehleke uZwane naye eqhubeke emugcone.

"Asingangawe Delani." Kusho uZwane

Behleke Injabulo iyachichima umsebenzi awonakalanga.
*****************************************
Iyaqhubeka

Address

29 Gillits Road Pinetown
Durban North
3610

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Menzi - The Author posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Menzi - The Author:

Share