Ayishaywa Graphics

Ayishaywa Graphics My Mother died, My father disappered but i lived. Ngenza izinkondlo ezinamandla kakhulu Ngakha ngikhulise intsha I poetry isegazini angi fosti

Ubani Ongamelana nathi uNkulunkulu engakithi
03/03/2026

Ubani Ongamelana nathi uNkulunkulu engakithi

25/01/2026

Amandla Aye angiphelela

Bengiziphilela, nje ngokuzizamela
Baningi engibavusile, bangijikela
Benza ngathi abasangazi, ungabaphileka
Ukuthi Bawumjuluko wemizamo yami
Sebaphumelele phela, akuthusi neze
Ngikhuleka kuwe nkosi Ngenze
Ngibaxolele futhi ngamukele
Inhliziyo ngenze ngiyivumelele
Ngiyisdalwa sakho nkosi ngikhathele

Ngiwumuntu nje ophila ngokuzizamela
Ngyazama noma ngizwa ukuthi manje
Ngyehleleka ngidinga wena nkosi Manje
Ngyazinyeza ngemizamo yami Manje
Ngiqala ukuzingabaza angsenamandla manje
Ngifile ngihamba, sengiphenduke umphuphe manje, Manje akusafani nasekuqaleni
Ngidukelene nobumina, Salahlekelana
Ngenxa yokuthanda kakhulu abantu okudlula mina, mina ngiwumsebenzi wezandla zami.

Ngiwumuntu nje ophila ngokuzama nakhona
okungatheni, ngisahamba namashwa okuthi
Kubaba ngafana necala elaphenduka umphikwa, ngiphenduka nelanga nsuku zonke amathuba omsebenzi awavumi
okuhle engkwenzayo akubonakali
ngithuka izanya nsuku zonke ngyazingelwa
ngizingelwa nje ngimsulwa anginacala
ngizozithini ezingaka izitha engingazazi zivelaphi, ngaphenduka undaba mlonyeni
uDumo olubi lwangilandela ngoneni kubani
ngokhala kubani, ngithi mama kusabele bani.

ngiwumuntu nje ophila ngokuzizamela.
akukho okutheni ngami, anginasmanga
abanamanga basho okungafani abanye
ababonayo basola umsamo wami babodwa
abathi ngazalwa ngimbethwe kusobala
ngambathwa ingubo yenhlupheko nezinkinga
angikwazi okuhle mina ngeso, inhliziyo yami
ihlale isinda ngikhala mihla yonke ngizithulise
nkosi ngipholise

ayishaywa

01/11/2025

Kuningi okungaphakathi esingakhulumanga
Baningi esphile nabo iqiniso abangasenzelanga
Baningi esabona sebasishiyile kodwa singaxabananga
Futhi singalindelanga, singalindelanga abanye basihleba singabonanga
Singabonanga nje babesihamba ngemuva ukuthi asibonanga
Ei nina nikhulunyiswa ukungazi ukuzi ukuthi kunjani ukujikelwa
Umuntu omthemba ngayo yonke into onayo wangijikela umuntu
Namanje angikholwanga, abanye basona, sabaxolela kodwa abaxolisanga

Othandweni mina ngilimele
Ngilinyazwe ngabantu engabathanda ngeqiniso bangenalo iqiniso
Ngilinyazwe ngabantu engabanikeza iskhathi sami ekubeni bona bengasdingi
EI ngoba kubuhlungu, ukubhalela nokufonela umuntu ongafuni ukukhuluma nawe
Kwale ngisho usumtholile ocingweni uphendula okushoyo umuzwa ukuthi
Ngenhliziyo ufisa suqedile ukukhuluma naye ngoba umbangela isdina
Ei mina othandweni ngabuya nembande yesikhova kwala ngisho
Ngizama ukuyigawula ezizweni induku enhle kwanhlanga zimuka nomoya
Ei ngoba kulomhlaba akusiniswa amahleza, umlondolozi uzithela isisila

Ei mina emoyeni ngilimele
Kodwa noma ngilimele iqiniso ngyohlale ngilimele, angisoze umoya omubi
Ngiwuvumele khona inhliziyo enhle ayimsizi umnikazi kodwa mina eyami ngeke
Ngivume ingiphelele, isfiso sami ngisaphila emhlabeni ukuthanda ngokweqiniso
Abantu engibathanda ngokweqiniso, isfiso sami ukukhombisa uthando
Ngayo yonke indlela kulaba engibathandayo noma bangangilimaza mina
Kulungile, amanxeba ami azosulwa emazulwini ngoba injabulo yami
Ayikho emhlabeni, ekuphileni kwami isfiso sami ukusiza laba abangakwazi
Ukuzisiza noma ke lokho kujike kungenze umuntu omubi, anginakho okutheni
Kodwa kusenhliziyweni yami ukungathandi ukubona omunye ekhala noma eswele
Ngiye ngiswele umgodi wokucasha uma ngabe ngizohluleka ukulekelela ngeqiniso
Engimuzwe ecela, abanye bazothi nginenhlliziyo enhle ngokweqile
Bakhulunyiswa ukungazi ukuthi nami ngilapha engikhona angazi ngizobakhokhela
Ngani ekuhluphekeni kwami abangisizile, ngineslilo nezinyembezi
Kungenxa yabantu abangenzel

17/07/2025

🕯️ Ngiyazifaka... Kodwa ngisala ngiwedwa. 💔

Ngibatshela “ngiyabonga”, 😔
Ngibasiza, ngibaphilisa ngehliziyo yami 💉❤️
Kodwa uma ngidinga mina – kuthule...
Ngathi ngikhuluma nodonga 📵🧱

Ngiyabaphilisa bona, kodwa mina angiphiliswa
Ngiyakhulumisa bona, kodwa mina angibuzwa
Ngithi "ngikhona", bona bathi "sizobona" 👥❌
Uthando lwami luyakhala, luhlala lungenampendulo 📭💭

Ngoba kube yimi ohlale eqala, ohlale ethembekile
Ngaze ngakhathala... Ngaze ngathula 😶
Izindaba zami azisemnandi, ngoba angisaxoxi
Ngoba “othandayo, uyazifela” 🪶

Ngiyawathanda abantu, kodwa angiwathandi amafu
Futhi bona sebekhanya njengamafu – bayadlula, bangishiye 😢🌫️
Ngiyazifaka... kodwa ngisala ngiwedwa.


🖤💭🕊️

Send a message to learn more

Ngizobe ngikhona...Noma kwadlula izinsuku nezinyanga ngaphandle kwezwi lakho,Ngizobe ngikhona —Ngilalele umsindo wokubuy...
13/07/2025

Ngizobe ngikhona...
Noma kwadlula izinsuku nezinyanga ngaphandle kwezwi lakho,
Ngizobe ngikhona —
Ngilalele umsindo wokubuyela kwakho ongazange ufike.

Wathi "ngiyaphuma, kodwa ngizobuya",
Umoya wathula, iminyango yavalwa,
Kwahamba wena, wahamba izifungo zakho,
Sasala thina — izithombe, izinkumbulo, nezinyembezi ezimile.

Izihlalo zakho zikhona,
Isitsha sakho sisalokhu sikhona,
Intombazane encane isakubiza ebuthongweni,
Kodwa izimpendulo ziphendulwa wukuthula.

Kuthiwa abantu bayaphuma,
Kodwa abalahli okwakhe.
Kodwa wena...
Wawela umngcele phakathi kokukhumbula nokukhohlwa.

Uma uthando lwakho lwaluyiqiniso,
Kungani lwaphuma lwangaphindeli?
Uma umndeni wawubiza,
Kungani waphendula ngephimbo elingenalizwi?

Ngizobe ngikhona —
Ngoba angikaze ngikulahle.
Ngoba noma wawulahla umndeni wakho,
Mina ngikugcina enhliziyweni, ngaphandle kwemibandela.

Ngizobe ngikhona —
Noma ungasekho.

03/07/2025

Ungazifaki emhlabeni ongena WiFi — uthando aludingi “searching...”
Ungalokoth’ uthethelela umuntu owenza sengathi uyakufuna, kodwa akakufuni.

Umuntu wakwaNkomo akalwi — ugxuma noma yisiphi isango!
Awu, mina angiceli i-love — ngicela i-loyalty engadingi i-password. 🔒❤️

Ungaqomi kwaKude, ngoba ne-signal iyaphela lapho.
Wena uthando lwami ngifuna lukwazi ukufika nakwi-airplane mode. ✈️💬

Uhlala umuhle, kodwa ube mubi ngezenzo — usengathi i-photo ene-filter enezinhliziyo ezipinki.
Awu mina angiyingeni i-romance ehamba nge-receipts — ngifuna uthando olunge-spaza. 🧾🧃

Inhliziyo yami iyaziqeqesha — ngoba ayifuni i-bench, ifuna ukudlala yonke imizuzu.
Ngifuna i-relationship engafani ne-TikTok — egcwele ama-challenge kuphela. 📱⏳

Send a message to learn more

Izinhliziyo zami ziyacindezelana njengama-buttons ku-keyboard,Wena ungumqondo ongikhalisa ngawo ngingakaze ngikhaliswe u...
03/07/2025

Izinhliziyo zami ziyacindezelana njengama-buttons ku-keyboard,
Wena ungumqondo ongikhalisa ngawo ngingakaze ngikhaliswe umuntu.

Umsindo wokuhleka kwakho ungcono kune-mp3 yami yothando 🎶
Ngizwa sengathi amazinyo ami angasuka ejele aye e-paradise uma uhleka 😄🦷
Ngiyajabula, ngoba uthando lwakho lushisa njenge-ring light 🎥
Ngoba ngaphandle kwakho, izinsuku zami beziyizithombe ezimnyama zinga-printwanga 📸🖤

Ngihlala ngikuphupha ngisho ngiphaphile 😴
Ngithanda indlela uthando lwakho olwaziyo uku-type-a enhliziyweni yami ngaphandle kwe-typo 💌
Wena ungumlilo ohlale ushisa ku-status yami,
Ngoba ngithola ama-reaction ngaphambi kokuba ngithi "I love you" — sengathi inhliziyo yakho iyaphendula nge-like ❤️💬

Ngiyathandana nawe ngendlela i-sun ethandana ngayo ne-sky 🌞☁️
Ngifisa ukukuhlala eduze sengathi uthando lwakho lushaya i-bluetooth connection 📲💙
Uyangiqinisekisa — sengathi nginescreen protector yenjabulo.
Awuyona ingelosi, kodwa ulawula izulu lenhliziyo yami ☁️⚡

Wena uthando — awuhlali ebhokisini le-DM, uhlala enhliziyweni.
Ungaphenduki meme — ngoba mina ngihlale ngikubheka seriously 😌❤️
Wena uthando luhlala lugqoka kahle, aludingi i-outfit —
Ngoba sengathi uthando lwakho lwazalwa seluhle. 😍✨

📝❤️

22/06/2025

We Laugh So We Don’t Cry
By a tired but hopeful South African

We laugh at load shedding —
Candles lit like it’s a date night,
Boiling water on a gas stove,
“Champions of survival,” we say in the dark.

We joke about petrol going up —
“Walk it off, chief,”
Even when our shoes have holes,
Even when the Uber driver cancels 3 times.

We laugh at broken promises —
Manifestos printed on recycled dreams,
With leaders who dance better than they deliver,
But hey… we know all the lyrics to disappointment.

We make memes of pain —
Unemployment lines turned into TikToks,
Service delivery protests with punchlines,
Because if we don’t laugh, we’ll drown in the silence.

We’re the funniest broken people —
Making braais with no meat,
Celebrating birthdays with pap and colddrink,
Still posting “ ” like soldiers of hope.

We’ve mastered the art of smiling with sore hearts,
Of finding rhythm in the chaos,
Of wearing joy like church clothes —
Even if it’s borrowed for the day.

So if you hear us laugh too loud,
Know it’s not just jokes —
It’s therapy,
It’s rebellion,
It’s how we stay alive.

Send a message to learn more

05/06/2025
AYISHAYWA GRAPHICS
05/06/2025

AYISHAYWA GRAPHICS

Address

DURBN PINETOWN
Durban North
4000

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ayishaywa Graphics posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Ayishaywa Graphics:

Share

Category