Izincwadi zika Mlah Mtshali

Izincwadi zika Mlah Mtshali I'm just the guy with a big dreams ,full of talents. Let me heal your heart and clear your mind. This is Mlamuli Sabelo Vince Mtshali

Izinto ezincolile azivumelekile kulelikhasi. Uma ufuna ukuhlonishwa qala ngokuzihlonipha wena ngaleyondlela wonke umuntu uzokuhlonipha

23/02/2026

Impindiselo.

KwaNongoma izinsizwa ziyahloniphana futhi ziyabuhlonipha ubunsizwa kanye nobudoda nje.

Ezigodini ezibudebude buduze naseNyokeni esgodlweni senkosi uZwelithini Ka Bhekukuzulu abanye bazi ukuthi kuSoSuthu.
Lapha kunezigodi ngezigidi ezahlukene,Kuzozonke lizigodi kukwansizwa.
Kumnandi kulelizwe elihle elisingwe izintaba ezahlukahlukene,Amathafa namagquma ngokwehlukana kwawo.
Izintombi ngobubtombubazo ziyazigqaja ngobuntombi bazo kwazise biyigugu lesizwe sikazulu wonkana kulelizwe likaMthaniyo.

Noma zikhona izinsizwa kulelizwe kodwa kukhona ez
zaziwayo ukuthi akuyi lubuyayo kuzo.

Umfoka Ngema lo eMhambuma ezinsizweni wazi ngo Mpindamshaye,Kungekhona njalo ukuthi uhlobo lomuthi alusebenzisayo kodwa insizwa le engazwani nokushaya umuntu kakodwa ikakhulukazi lapha ezindukwini,Engathi ingamphinda kube kabili.

Enye engabhongoza kulelizwe uCacisa umfoka Zungu eMatsheni.Insizwe eyinono,Engakhiphi amagama ancolile nalumelayo ngowayo umlomo,Uma kwenzekile kuseke sekwaziwa ukuthi isigane unwabu.
Futhi iphenduka ulwandle oludla izizwe ngeziziwe ayibe isabambeka.

🎶Lokhuthi uyinsizwa uyinsizwa kobani kanti,Sanitation le ngakini ziwushaya awuzange utholakale es'gcwawini,Awuzang ubonakale endaweni yesgameko waphelel' emoyeni.

Umfoka Ngema lo ugudla amagquma eya ezibukweni eyokhipha ukushisa kwazise likhipha umkhovu etsheni.
Ngeso elibikhali ebese ekhangwa emhlophe inkosazana yakwa Mpungose esicisayo singanyala ngoba ukwakhiwa kwayo iwumfanekiso ongakaze ubonakale nasemadala judeni.
Ethuke uPhinda ayith' ukuhlehla kancane ukuze ayibonekahle lentokazi ingamuboni yona.
"Mameshane,Ngibona kahle kodwa noma ngiyaphupha ngilele? Ingelosi noma..."

Ezwe bgento ethi fohlo emvakwakhe. Ebheke kancane.
Haw umnganiwakhe uMjovo ka 12000 umfoka Ntshangase.
"Wahoba nje Phinda mfwethu ubukani kanti lapho."
Ebese zicoshisa ubikhwezezane phansi kwakhe.
"Hhayi adulthood Mjovo mfwethu ngizixoshela ne iphanga nganabu ubukhwebezane."

Bese bethathela bebhede emfuleni.
"We Mgazi mfwethu,awungelaphe lapha nakhu ngigula."
UPhindamshaye lowo ngephimbo eliphansi.
"Kuzwakala sengathi iyakukhathaza lendaba,Khuluma mnganwami ngilalele."
"KuneNtokazi emhlophe engiqala ukuyibona,Ngiyibone ezokha amanzi kubukeka sengathi eyaseMhambuma ngokubuka kwami ngoba angiyazi la ngakithi.Uyayazi?"
Bame bathamele ithunzi besadingida loludantshana.
"Usho usho uTsh*tshi"?,"Ha! Yey Inhle kabi leyantombi mfwethu ngathi ayizalwanga yalandwa emazulwini iyingelosi yabuya yeza la kwamhlaba ukuze izosibusisa thina zoni. Yey yinhle leyangane,Eyakwa Mpungose khoana eMhambuma."
UMjovo ephetha.
"Yeyi yekanini mayebabo,Yeka mnganiwami isikhonjwe Impindamshaye,Uhlombe eliphambana nengoma,Umasina azibuke njengodwandwe. Uzandla Ezinkulu zabekwakabi zabekwa esothutheni,Umahlaba zihlangane,Umshayi wezinsizwa ezizinkulungwane aziphinde kabili. Iyeke Msusi wempi iliwe ngabakwabo mfwethu leya isiyogcagcela kwaNgema inkosimpela ngiqinisile."

Esho emoyizela uPhinda.

"Hhowu yaze yatheza olumanzi ingane yabantu kuwe🤣🤣🤣🤣,Ngiyakwazi phela wena uyoyilandela kozekube umhlawokuphela. Nasemgangeleni uyobe usudlalelayona hhayi ngoba uyobe ukhetha amankonyane ezinkunzini."

"Wena ungazikancono mnganami,Asambe siyogeza."
Belle bebheke emfuleni.

Big thanks to Sipho Ntlapho, Lindiwe Nokuthulafor all your support! Congrats for being top fans on a streak 🔥!
07/01/2026

Big thanks to Sipho Ntlapho, Lindiwe Nokuthula

for all your support! Congrats for being top fans on a streak 🔥!

Address

Vryheid

Telephone

+27646656198

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izincwadi zika Mlah Mtshali posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Izincwadi zika Mlah Mtshali:

Shortcuts

Share

Category