Askhulume nge Bible nobu Nazaretha

Askhulume nge Bible nobu Nazaretha Shembe nobuNazaretha nebible

09/02/2022

UNyazi lwezulu is the way.
uShembe oyingcwele ungunkulunkulu,ungene ekuThuthukeni kwama Nazaretha egoli.Abantu mabayozibika kuye.

Siphila ngo Nyazi lwezulu

Amen

06/02/2022

Inkosi yomusa bayisembese ngobuthongo bentokozo,inkosi enhle eyingcwele uNyazi lwezulu

06/02/2022

uShembe usebuhleni bamanazaretha,
uJesu ngowase Nazaretha laseGalile..

Konke esikwenzayo kulotshiwe ebhaybhelini..

Mathew 2:23
Kwagcwaliseka okwakhulunya ngaba phrofethi ukuthi uyakubizwa ngokuthi ungumnazaretha,wafike wakha emzini waseNazaretha laseGalile lapho ondliwa khona...

Amanazaretha alandela emthethweni kaJesu nakuMose,nakuba phrofethi..

Ingubo emhlophe umnazaretha iyahloniswa,ayiwasha nezinye izimpahla.kodwa uyaziwasha ezinye izimpala ngamanzi osuwashe ngawo umnazaretha.
uShembe wasifundisa ukuthi umnazaretha yingubo yokunqoba, umnazaretha awuphathwa ngoshekhasi.uphathwa ngeskhwama uyagoqwa ngendwangu Noma iduku elihlanzekile ubekwe endaweni efanele nehlanzekile..

ISambulo 6:11
Base benikwa kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe..

ISambulo 3:5
Inqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezinde ezimhlophe,negama lakhe alisoze lasulwa encwadini yokuphila.negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukababa nezingelosi zakhe..

Injani eyakho???

06/02/2022

uKhuzani uthi;
Thina sesaba amadivoce..

Deuteronomi 28:30
Uyakuganwa ngumfazi omunye umuntu alale naye,uyakwakha indlu ungahlali kuyo...

Konke esikwenzayo kulotshiwe ebhaybhelini..

05/02/2022

UNyazi lwezulu is the way!!
uShembe UNyazi unkulunkulu.

Hoseya 4:6
Abantu bayabhujiswa ngokweswela ulwazi.....
Nantu!!

Weeeeee!!
Ngayiqalindaba..

Ake ngichaze uShembe ungumoya oyingcwele lapha wnazaretha.ne Nkosi uJesu inguye umoya oyingcwele ungunkulunkulu.

ISambulo 22:16
Mina Jesu ngiyinzalo nempande kadavide inkanyezi yokusa ecwebezelayo.

Isizwe esambona ukristu ukuthi uyini nakuba wayephila naso..

Kolose 2:9
Kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu.

uJesu uyindodana ka!!
Johanne 6:42
Lona usho kanjani ukuthi uvela ezulwini ekubeni uyise nonina sibazi??besho uJosefa NoMariya...

Roma 9:5
Ozelwe ngokwenyama kepha yena ungunkulunkulu ngokoMoya...
Nampu ubufakazi bokuthi wazalwa...
Mathew 1:1
Uzalo lukajesu..
Luka 3:23
Uzalo Luka Jesu,uvela endlini kadavide uKhokho wakhe emva kwesizukulwane way 13,wabe esezalwa....

Izenzo 2:22
Iyakuvezela ukuthi waba ngumuntu oqiniswe ngamandla kayise uJehova...

Kungahle kukudideke lokhu
Ngoba abanye bathi uJesu uyindodana ka Jehovah,kaDavide,kaJosefa...

Kulotshiwe ukuthi bakhona eyakubadida lendaba yobungcwele..

Funda.Mathew 11:25-27
Ngamehlo enyama Angeke wayibona lento,Uma wambulelwe ngamehlo kamoya uThixo uyakwambulela....

Akuvunyiswa muntu ngenkani bonke abashoyo ukuthi uShembe unkulunkulu Basho ngemisebenzi yokuphila ezimpilweni zabo...

Amen

05/02/2022

UNyazi lwezulu is the way!!

Uma usuthathe isnqumo wakhetha uJehova wagcina iSabatha ubusisiwe ngisho nemindeni yabangasekho iyathokoza ngawe.

Ngilapha endabeni yesabatha usuku luka Jehovah oyingcwele.noma ungesilo iNazaretha kodwa uma uligcina iSabatha liyaphilisa,uma ungaligcini liyabulala futhi liyalimaza

Ngiyilona iNazaretha loNyazi lwezulu ebuhleni,ngithi angikuvule amehlo malungana nesabatha.ngolunye usuku kwakuyisandulelo ulwesihlanu kisihlwa ngisemsebenzini.Kwakubanda kakhulu ngalobo busuku kusebusika,ngehluleka ukubekezela ngabasa ngotha.

Kwabe sekuwukuqala kwenkinga kimi,ngathi mangikhwezela izikhuni labaswa ilangabi kumina emahlombe Kushisa ngokwedlulele amathambo omgogodla.Kwasa lokhu ngizwa ukushisa ngaphakathi emzimbeni kodwa ngingajuluki.Lento yangishisa kwaze kwedlula amaviki amathathu,kwathi ngolunye usuku kunomsebenzi wokugeza umkhulu wami owafa ngomthwebulo.kwathi kusihlwa sewedlule umcimbi sihlezi endlini kababa kwafika izwi Kimi lathi angigqoke umnazaretha bese ngihlabelela isihlabelelo 7:
Selithethiwe iCala.

Ngathi uma ngiqeda igcwele sphelele endlini,lase likhuluma kimi ikhehla umkhulu ozala ubaba wagcizelela bezwa kodwa ngangingazizwa nxa ngikhuluma wathi;Masigcine iSabatha ngokuba nxa kubaswe nangesabatha bayasha ezulwini ngomlilo oshisa ngokeqile Kunalo esiwujwayele...

Qaphela mntu kaThixo
iSabatha lingukhiye wempilo yami nawe nabangasekho.

Inkosi ibusise enikuzwile

05/02/2022

UNyazi lwezulu is the way!!

Ake sikhulume sixoxe nje Noma ulikholwa Noma ungelona.

Umbuzo wami uthi;
Siyini isivumelwano esdala?
Siyini isivumelwano esisha?
Yini le,eyachithwa esivumelwaneni esdala?

Ngibuza ngoba kukhona ukudidwa nokudideka ngoba kukhona abathi itestamente elidala yilo isivumelwano esdala nesachithwa..Lachithwa ngubani???

Bathi isivumelwano esisha itestamente Elisha...kanjani??

Syaxoxa nje asilwi thina nabantu silwa no sathane!!

05/02/2022

UNyazi lwezulu is the way!!

Luka 24:45
Wabe esevula inqondo yabo ukuze baqonde imibhalo...

Genesis 15:15
Uyakufa usumdala umbelwe uye kwabakini...

Pho kungani abanye bethu abakholwayo beliphika iDlozi??

Mathew 17:3
Kwabonakala oMose no Eliya babe khuluma naye....ukrestu eNtabeni.
Umbuzo uthi ngabe uJesu wayekhuluma namadimoni,phela Laba base bafa...

Khumbula kunomehluko phakathi kweDlozi nedimoni.
iDlozi ngumuntu ongumzimba Kamiya,njengokushiwoyo kwabasekorinte ukuthi kuhlanyelwa kungumzimba wenyama kuvuswa kungumzimba kamoya.
Idimoni ngumoya omubi imvama uhlala futhi usebenza kokuphilayo uhlala phakathi kwenyama negazi..idimoni lingu sathane ongumdukisi wezwe lonke.

Luka 1:17
Njengokushiwoyo uJohane waphila ngomoya kakhokho wakhe olidlozi lakubo uEliya umphrofethi..

Asibakhumbuleni abangasekho amadlozi ethu bese simkhonza uJehova..

1korinte 11:14
Usathane uziphendula ingelosi elungile....

Roma 7:15-17
Engikuthandayo angikwenzi kodwa engingakuthandiyo ngiyakwenza kepha akusimi engikwenzayo kepha ngukona okuhlala Kimi...

05/02/2022

UNyazi lwezulu is the way!!

Bathi Abantu mxm amanazaretha anezinganekwane,Yebo syavuma ziyiqiniso ngoba sizixoxa bese eyasizakala umuntu.Yazi kukhona into emnandi kubantu eyagunyazwa uhulumeni kodwa iletha usizi kumuntu oyenzileyo.(iAbortion).

Ngolunye usuku kuthiwa enye intokazi yaya kuShembe inkosi iNyanga yezulu,iyocela umsebenzi yathi inkosi mntanami umsebenzi uzowuthola uboya etoilet,umuntu ozokunika umsebenzi uzohangana naye khona.Yangena etoilet lentokazi yafica uswane lunegazi lufile yabaleka,kwahamba izinsuku yaphindela kuShembe,yathi baba angiwutholanga umsebenzi! Yathi inkosi uboneni etoilet?yaphendula intokazi ngokuthi ngithole umntwana ofile,enegazi.

Yathi inkosi iNyanga yezulu mntanami angithi wena wakhipha isisu!!uyena lowo mntwana ovimbe ungawutholi umsebenzi,hamba wenzele lowo mntwana umsebenzi umqambe igama uyakuwuthola kuye umsebenzi.

Inkosi ibusise enikuzwile.

04/02/2022

Imini yesabatha mayibehle kwabayingcwele.
Nkulunkulu onamandla wonke
Yise wabo bonke abamkhonzayo,
Lala Nathi,Vuka Nathi,
Usigcine ngomusa wakho
Amen

04/02/2022

Mabaphile Abantu egameni lenkosi enhle,eyingcwele uNyazi lwezulu amen.

Address

Piet Retief

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Askhulume nge Bible nobu Nazaretha posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share