Ingcweti Media

Ingcweti Media YouTube channel https://www.youtube.com/
W/App: 0810458073
TikTok: Senzo Zungu Ingcweti

14/11/2024

Hlasimpe ngingekwazi ukuveza umuzwa wenhliziyo ngokwehluleka ukwendlalela inkulumo yami ngesisoka, nangendlela ezwakalayo.

Wathi; "Lalela Senzo awudingi isisoka ukuze uzwakale, ngoba akusibobonke abakhuluma kahle abasuke bekuqondile abakushoyo, abanye bakhuluma kakhulu ukudlula izenzo zabo."

Ngizijwibe amakhahlangane; Sokalisa, kungabe ngihlabene uma ngingaqonywa nguwe.

Athi; "Aw! Senzo mina ngiseyingane."

Ngiyazi, kepha enginesqiniseko sakho ukuthi ngeze wahlala uyingane kuze kubephakade. Yingakho uma ngikubuka, ngikubheke ngeso elibanzi elize liyofinyelela nasemaphupheni enganginawo ebuncaneni bami ngowesifazane okhetheke njengawe, ohlukile kwabanye abejwayelekile. Umuhle unesizotha nentobeko Kanye nenhlonipho.

"Ooh cha ngiyezwa"

Ngiqhubeke; Singekubalekele ukuthi ngathatheka kakhulu ngobumnene bomoya wakho Mashenge. nokuyimanje ngizicelela ngesihle ukuba mina nawe sibe moyamunye. Ube yisenabelo senhliziyo yami nobude bayo.

Athi; "Okungcono singaba abangani"

Mama lokhu engikucelayo kungaphezu ngisho kobungani, kuwubuhlobo obude, obujulile obufaka phakathi ukubambisana, ukuthembana kusekelwe ukuthembeka komunye nomunye.
Mina kuwe Sokalisa ngibona unina wabantabami nasekusaseni engifisa sizabele lona thina sobabili.

05/11/2024

Stupid Girl Slept With EX IN Her Boyfriend's Room.

11/09/2022

"Ubohlakanipha"🤟

Kusho umamakho ekunika amakhekhe ngo reverse emcimbini😭

31/08/2022

Uthi uvakashele u bae wakho💑 bese ekucela umuphekele🍜 uthi uvula ibhodwe🍵 ufice u R800 000💰 uvele usangane🙉 nilandelane niye ekamereni aku kiss💋 maqede ashiye i ring emlonyeni, usathi uyakhala😭 avele akwesule izinyembezi ngezikhiye ze BMW🚗 khona lapho bese ecela u drive niye Ku picnic🎉🍔🍦🍹 usathi uya driver uzwe Pha! Pha! Pha! Vuka ugeze uye eskoleni uzoselwa
😂😂😂

24/08/2022

"Unciphile" Bafethu sinciphiswa ukungabi namali💔💴💰😢 sinciphiswa ukuhamba kweminyaka🤥 sinciphiswa ukubona amakhaya ethu ewa evuka ngenxa yokungabibikho kwemali💔😭Bafethu ziningi izinto esibhekene nazo sibancane🤞💆 ungaboni sihleka akuhambi kahle😩🤞 sinciphiswa ukubona abazali bethu besibeka emthandazweni beesicelela ku Thixo🙏🧘❤️ bebeka thina cz bona kabasenalo ithemba😭🙇Bafethu sinciphiswa ubuhlungu nengcindezi yokungalungi kwezinto😩🚮 nezilingo zakulelizwe🌍😢 Ayi lento yoku Judge abanye abantwana nithi bondiswe abafana😭

14/07/2022

Each and every time mangibona isthombe sakhe ngimane ngifikelwe umfanekiso womhlaba omusha oyi Paradise esathenjiswa wona🌍 Kwathiwa lapho kuyobe kungasekho usizi nezinhlupheko. Kuthiwa akhekho oyobe ephila kulowo mhlaba oyothi ngiyagula. Kuthiwa kuyobe kungasekho ukufa; siyobe sesizophila ingunaphakade. Kuthiwa zonke izihlahla ziyobe ziqhakazile kanye notshani, isbhakabhaka siyobe seluhlaza cwe. Amanzi ayobe ecwebile emifuleni kuyobe kundiza izimvemvane ezimbalabala emihle egqaamile. Izinyoni zezulu ziyobe zicula sakulolozela zijabulela umhlaba omusha. Kuthiwa ilanga liyobe selingashisi ngale ndlela. Kuthiwa e Paradise siyobe sidlala namabhubesi. Kuthiwa emhlabeni omusha ziyobe sezavuka zonke izihlobo zethu esezashona kudala. Kuthiwa kulowo mhlaba esathenjiswa wona kuyobe kukhona injabulo engakaze yabakhona nasemaphakadeni. Uma ngibona isthombe sakhe😊 ngiyakholwa ukuthi konke lokho kuyokwenzeka kufakazelwa izinga lobuhle bakhe👌🌻. Every time mangibona isthombe sakhe ngimane ngifikelwe umfanekiso womhlaba omusha oyi Paradise esathenjiswa wona 🌍

12/06/2022

It's a New day🧡 another opportunity to shine💎Vuka ukhanye Nkanyezi🌟 kakade wawudalelwe ukuqhakaza✨ khazimula💫 Nalapho kufika izikhathi zobumnyama🖤 ngawe kukhanye🕯️ Good morning😊🌅☕

10/06/2022

Ngiyakhumbula nje ukuthi nguwe umuntu wokuqala engaba nomuzwa wothando lwakhe lapho nawe usemncane pkt usewu jahidada☺️🌻 ngaleskhathi sikhula Kula lukhula khona nalo uthando lwakho enhliziyweni yami lapho ludlondlobala ngiya ngokuya ngiwuqonda kangcono lo muzwa bese ngifisa ukwenza kangcono esgabeni sokukhula. Ngifisa ukukusondeza eduze kwami ngikunike lonke lolu thando esengilufukamele yonke leminyaka kusukela saqala ukwazana. Ngikulungele ukukubonisa lolu thando engikhuluma ngalo. Sesikhulile manje. Nginayo into ethi sesingathandana into ephilayo. Wena uma ungahle nje ungiphe Ithuba😊♥️

10/06/2022

Ngiphuphe kungazuthi imina nawe emhlabeni🌎 wethu sobabili👫 kungekho muntu osiphazamisayo🤭 kungazuthi sisendaweni eyihlane enhle egcwele utshani obuhlaza🍃 kungathi kugcwele nezimbali ezinokubomvu nokumhlophe🌼🌹 ezinhle lapho thina sihleli phakathi kwazo🙈 sibukana simoyizela😊 si blush(isana) 🙈 sihleka sobabili singazi ukuthi sihlakani😁♥️ kungazuthi isibhakabhaka sihlobe ngezinkanyezi✨ Kanye nothingo lwenkosazane🌈 silokhu siphikisana sibala izinkanyezi🌟 ngithi mina "hhaena uyarobha awuyibalanga leyana" sibuye sijahane emhlabeni wezimbali nathi sobabili😊🥰 kungazuthi esihlahleni buqamama laphaya kunesihlahla esi pink🌳 kuso kulokhu kubuthana izinyoni ezahlukahlukene ngemibala🕊️ zisiculela ngamaphimbo azo amtoti ahlukaahlukene zisihalalisela🦋🦋 kundiza nezimvemvane eduze kwethu🦋🦋 ungitshe ukuthi uyangizonda🙈 ngikutshele ukuthi ngikuthanda❤️ ukwedlula yonke into♦️💎💠 ngikutshele ukuthi ngikuthanda ulaka😇 futhi umuhle☺️😍 siqhubeke sizithamunde...🙈🙈🙈

Address

Nongoma

Telephone

+27810458073

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ingcweti Media posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Ingcweti Media:

Share

Category