09/11/2022
VUMA IZONO
Part 1
By Sakhi M
Libafazi bedube inyama namhlanje njengoba kuyihora lesithupha ekuseni. UGumede uhleli phandle ubuka igceke lakhe elikhulu. Uganiwe unomfazi uNomathemba Kanye nezingane ezimbili eyomfana Kanye neyentombazane. Abuke esibayeni sezinkomo zakhe aqaphele ukuth sekusele inkomo eyodwa sezife Zonke. Angene endlini avule efrijini aqaphele ukuth kukhala ibhungane.
Aqale manje acabange amasu okuthola imali ezokondla umndeni wakhe isikhathi esize. "Uyazi Uma ngingaya kukhokhovula lwenyanga engu Mfenefile enganginika amakhathakhatha omcebo, baningi nabanye ebasiza Mina engangiyekelani pho," uGumede ekhuluma yedwa maqede aqonde ekamelweni akhiphe imali esikhwameni atshele unkosikazi ukuthi uyabuya.
Yize kukude enyangeni kodwa aze afike. Liqale isiphepho esikhulu izulu. Afike angene ahlale. "ngingakusiza ngani ndoda yamadoda?" Kubuza inyanga. "Ngifuna umuthi wokuceba, ngfuna ukuba nemali, Uma ngikhanda ibhizinisi lisimame" kuphendula uGumede.
Bamnike umuthi, bamyalele ukuthi uyofike achithe igazi lenkomo ekhaya, elinye aliphuze. Kube nzima nokho kodwa avume.
Afike ekhaya kunkosikazi angachazi Kahle aqonde esibayeni abulale inkomo yakhe eyodwa eyase isisele, ancinde imithi ayinikwe inyanga akhwife aphuze negazi.
Avule ibhizinizi lihlale izinyanga limngeniseka izigidi emva kwesikhathi kushabalale konke. Abuyele Ku Mfenefile inyanga eyobuza ukuth sekwenzekeni ngoba imali ayisangeni. Inyanga ithi sekufuneka igazi lengane. Hhayi noma iyiphi ingane kodwa eyakhe. Uma engakwenzi lokho kuyobhubha wonke umndeni wakhe. Abuyele ekhaya edangele futhi enokusaba.
Kuhlwe. kulalwe ekhaya. Phakathi nobusuku avuke ayovusa okomfanyana wakhe okuneminyaka eyisikhombisa athi abaphumele phandle beyobuka unyezi nezinkanyezi njengezikhathi zakudala. Ivume ingane nangempela baphume. Sebephandle, afake isandla ephaketheni.