31/07/2025
Kanti Ngoneni Kubani...?
Empeleni mihlanamalanga
Sengihlezi ngikhihla esikanandi
Phelan nginokuhlala ngizibuze
Kepha impenduli ngingayitholi
Ngabe Ngoneni Kuba..!?
Empeleni ngabe Ngobeni
Kubani ezweni ngaphathwa
Kabi Mangala nginokuphupha
Owesimame onomzimba
Ongasoze wabonakala
Lowesimame ungitshela ukuthi
Kukhona abangisongelayo noma
Kungathiwa ngizama kangakanani
Ngingagcina ngingaphumelelanga
Phela kukhona Lo phehla amanzi amnyama
Njengoba ngibhala lenkondlo
Izinyembezi zyazehlela akukho
Ukuzivimba Kant nenhliziyo
Iyadungeka kepha umqondo
Uyalibala
Ngokwesimo syash*tsha sengithembe
Lo ongaziwa futhi owangidalayo
Phelan ithemba alilahlwa futhi
Aliqagelwa....NGABE NGONENI KUBA...?
Obhalile u SABZER IMBONGI ENGADUMILE..✍️