Short Stories by Enhle Emjay

Short Stories by Enhle Emjay It's all about the love of Art 🌹Emjay 🌹is my name

Umbhali wenu😍
04/01/2024

Umbhali wenu😍

20/12/2023

Wathi engabuyela ngaphakathi u Sphesihle wasala nemibuzo u Nomcebo kodwa ayshaye indiva baqhubeke kungathi akonakele lutho.
Sthandawa sam ngicela sisale sesibonana ngalo usuku olukhulu uyazi ke ave ngizokukhumbula kakhulu mkami.

Nami ngizokukhumbula kodwa ke aksasele nsuku zatshwala usuku seluse mome maduze ngizobe ngingowakho ngokusemthethweni

Angisakwazi nokulinda yazi ngyakthanda wakwami

Nami ngyakthanda myeni wami (Basho bangana kubonakala nje ukuthi cha uthando lusemoyeni kulaba nobabili, bahlukana kanjalo ke u Nomcebo wasala kubo wase eqhubeka-ke u Sphesihle eseqonde kubo.)

Labe alishayanga ihora lezimanga watheleka u Nonjabulo efake encane ingubo le emkala Kahle umzimba,wayemekahle naye eyi sbutubutu nje.Phela u Sphesihle lo wayezisikela kwelinonile wayengavele athathe nomayini nje wayebhekisisa.

Hau Nonjabulo washesha bo yazi bengakulindele ukuthi ungafika ngaleskhathi,awusho uphi umfana wami Pho wahamba wedwa

Sphe awkahle ingane I right la ikhona bengicela sikhohlwe izinto eziningi ,buka mina ngsakthanda Sphe ngenhliziyo yam yonke ngyazisola ukuthi ngavumela sihlukene (abe ehlala phezu kwethanga lakhe amphulule intshebe )

Nonjabulo uyazi ngizoshada mina( amsuse isandla ebusweni bakhe) kwakona ukuth ufike la yiphutha mina bengithi uza nengane

Shhhhh(amphushele embhedeni aqale amyenge ) Wena ungowami uyohlezi ungowami

Amphelele amandla u Sphesihle lapho esehlubula lengubo aygqokile abuyele kuye amphulule

Ngiyazi uyayfuna lento njengoba nami ngiyfuna musa ukutatazela sthandwa mina nawe sidalelwene

Kusenjalo kuzwakale ukuvuleka komnyango

Hawu sthandwa Sami ufunani la (avele awe phansi)

Wathi engangena nje u Nomcebo esitolo u Sphesihle wabe ekhala ocingweni wakhuluma iskhathi eside nalomuntu kwaze kwaba u...
11/12/2023

Wathi engangena nje u Nomcebo esitolo u Sphesihle wabe ekhala ocingweni wakhuluma iskhathi eside nalomuntu kwaze kwaba uyaphuma uNomcebo wezwakala esethi ok ok sizobonana ngo 6 ke.
“Ubani lo ozombona ngo 6"?
Ohhh ai umngani wami loyo u Nhlanhla Kade ngzomtshela ukuthi eze emshadweni

“U Nhlanhla? Angimazi mina loyo mngani wakho "

Ohhh cha sthandwa Sami ngeke umazi sasifunda naye"
"Ok ngyakuzwa"
Ngicela ukufaka uphethiloli lapha mama nakhu sengihamba ngelibovu. Avume u Nomcebo aphume qede ashiye ifoni yakhe esihlalweni somshayeli athi uphonsa amehlo kungene imilayezo ku WhatsApp ilandelana aqaphele ukuthi izithombe kodwa uma ebheka I nombolo ayibhaliwe igama ,esamangazwe yilokho kungene ucingo wasuka ngelika Simenya u Sphesihle ezothatha I foni ayiphendule kodwa ebe ehlehla kancane ku Nomcebo

11/12/2023

...Kuphinde kunezelwe nawukuthi selokhu kwaqala amalungiselelo omshado akakaze asthole iskhathi sokuncinda.

Kwasa ngakusasa ukusa kwaziwa u Sphesihle owayelibangise edolobheni ukuyolanda ingubo ka Nomcebo yomshado kwesinye sezitolo ezidayisa izingubo zomshado lapha edolobheni ngaku Chapel.waqala ngokuyolanda yena uNomcebo ukuze akwazi ukulinganisa bese ebuyela nayo ekhaya.Uyahamba nje emgaqweni uhamba uchofa ifoni abuye aphazanyiswe ukuhutha kwezimoto ezabe zisemuva kwakhe zifuna ukudlula lapho I robhothi selivulile.
Noma ayezama ukumkhulumisa u Nomcebo kodwa wayenokungamnaki kwesinye iskhathi aze athuke okubonakalayo ukuthi lento ayeyenza yayiwthathe wonke umqondo

11/12/2023

Kungulesibili ngoMgqibelo kungusuku loku lomshado ka Nomcebo,sekuhlwile impela kuzwakala ngezinkwezane emnyango ukusho ukuthi cha selishone laze lazilahla kunina ilanga.Ngaleso sikhathi u Sphesihle uzibukela umabonakude emva kokuqeda ukuhlamba kusenjalo kungene ucingo athi uma ephosa amehlo kwi foni yakhe aqaphele ukuthi le nombolo ayikho kuhla lwezinombolo ezigcinwe kwi phone yakhe ayizibe ikhale ize ithule.Esathi uphindisela amehlo akhe kumabonakude luphinde lukhale aqonde ukuthi hleze ucingo olubalulekile noma ayemanqika kodwa waphetha ngokulubamba,phela akasakuthandi ukubamba izi namba angazazi ngoba kuke kwenzeke Kanti yilaba bo wrong number bomdabu wako Lesotho okanye yilaba bemishwarense nemincintiswano engaqondeki esibabiza ngo press one now.Wathi uma elubeka endlebeni kuzwakale izwi lowesifazane embiza ngegama wathi engaphendula wacela ukuba amuphendule ku WhatsApp ngenxa yokushodelwa yi airtime,luvaleke ucingo qede abone ngomlayezo othi “Kunjani Sihle imina u Nonjabulo "
Aphendule ngokuthi yini ufunani ke namhlanje angithi ngaku block ngoba ngibalekela le drama yakho
Aphendule“angizile ngokubi ngicela sikhulume njengabantu abakhulile please"
Okay ngilalele
“Sphesihle ngiyakukhumbula ngyazi ngakona kodwa sengikhulile manje ngicela singabi yizitha ,buka ingane yethu iyakhala njalo ifuna Wena uma ngithi uzohamba yedwa ukuza kuwe uyakhala ufuna ngihambe naye "
Nonjabulo uyazi nginomuntu nawe unomuntu angazi uhloseni ngalento yakho
“Sphesihle akafani nawe akanginiki lenjabulo owanginika yona uwena kphela owawungenza ngijabule and I'm sure nawe lowomuntu onaye akazenzi lezinto engangikwenzela zona" maqede athumele izithombe zabo besathandana
“look how happy we were my love "
Nonjabulo please cela uyeke lento oyenzayo
“kulungile think about it ke "qede athumele isthombe sakhe ebuze ekugcineni afake inhliziyo ezibhakuzayo.Livele lidume ikhanda ku Sphesihle abuye azikhuze phela uma ebona lesisthombe kwakuvuka ubudoda kuphinde kunezelwe nawukuthi selokhu kwaq

KWAKUHLE KWETHU ❤️Kusebusuku u Nonjabulo akalele uyacabanga uthatha uyabeka nje inhliziyo igaya izibozi ngokubona yonke ...
11/12/2023

KWAKUHLE KWETHU ❤️

Kusebusuku u Nonjabulo akalele uyacabanga uthatha uyabeka nje inhliziyo igaya izibozi ngokubona yonke lento eyenzeka phambi kwamehlo akhe iya ngokuya imoshela impilo.U Nonjabulo ungowakwa Mlitwa isbongo khona endaweni yakwa Nyamazane.U MaMlitwa lo ungumama wengane ka Sphesihle abaythola besafunda iskole,noma ke u Nonjabulo no Sphesihle bengasekho kwisivumelwano sothando kodwa wayeke abe nomona uma ebona u Sphesihle eba nobudlelwano obuthile nenye intombazane.Lowo mhawu wakhe ke wawungagcini kuye kodwa wayenza isqiniseko sokuthi leyo ntombazane iyahlukana no Sphesihle.Wayezama yonke indlela ukubahlukanisa esingabala kukho ukuthuka,ukushaya Kanye nezichitho kodwa-ke kulokhu itshe ligaya ngomunye umhlathi ngoba nakhu u Sphesihle uyashada maduze.

“Hmm lentombazane icathi iyini ngempela ukuthi ingaze izongithathela ubaba wengane yami,cha ayingazi Kahle ingizwa ngendaba njengo Jesu ngizoyifundisa ukuthi mina ngiwubani hmm cha ingijwayela kabi impela.Esho lamazwi usebheje amehlo abomvu ukucasuka.U Nonjabulo yize ayenesoka elalimthanda lize lithande ngisho ingane yakhe liyenzela yonke into liyiphathisa okweyakhe yize babengenayo ekungeyabo iih kodwa wayengakhombisi ukuba nenkinga.

Yize kunjalo u Nonjabulo wayethi uma ebamba isisu salomlisa abese eyasihushula ngesizathu sokuthi akafuni ukuba nengane naye izomubambezela emaphusheni akhe futhi akafuni ukuba nengane nenye indoda ngaphandle kwa sofa silahlane wakhe u Sphesihle

Wayengazibekile phansi u Nonjabulo nangezinsuku u Nomcebo no Sphesihle besajolisana wayenomkhuba wokufona kungenasidingo ngenhloso yokubaxabanisa,okanye afike endlini ku Sphesihle ehamba nengane enze sengathi akonakele lutho.Kwakumcasula lokho u Nomcebo ngoba u Sphesihle wayekhombisa ukungaliboni iphutha kulokho kuze kufike ektheni baxabane adube u Nomcebo kodwa ke kwakungasizi ukuduba ngoba unkabi lo unolimi ungafunga udla umlomo omnandi kanti cha,wayemthambisa athambe bushu u Nomcebo azbone esesezandleni zakhe futhi.

06/12/2023

KWAKUHLE KWETHU ❤️

U Sphesihle waba nesisoka kule ntokazi ngoba akazange axhamazele ngoba wayibekezelela lapho ingamnike thuba ingezwa mshini,kwamthatha iminyaka emibili emshela kodwa emchitha u Nomcebo kwaze kwalunga ngawo unyaka odlule lo u 2022 .Akazange esapholisa maseko umfoka Mazibuko wathi engaqonywa wathumela omalume emva kwezinyangana bazishaya zonke ka Bhengu kwase kuqoshwa usuku lomgcagco.

Namhlanje ke injabulo igcwele ebusweni ku Sphesihle phela wase elibona iphupho lakhe no Nomcebo lokuthi baphile ingunaphakade ndawonye lifezeka.
Basendaweni yokudlela ukuzoxoxisana ngokuthi asemakuphi amalungiselelo omshado wabo yikuphi okumele bakwengeze.

“Cha sthandwa Sami mina ngakolwami uhlangothi konke sekumi ngomumo sekulinde lona usuku olukhulu ",kwabe kungu Sphesihle loyo owayekhuluma ngokumamatheka ebambe isthandwa sakhe u Nomcebo ngesandla.
“Ngiyajabula bbe uma sekulungile mina sengikhathazwa yinto eyodwa nje"esho ecwebisa amehlo
“Hawu sekwenzenjani manje mamah ukhathazwa yini ngoba ngithi konke bekuhamba Kahle nje Kade ungitshela ngesonto eledlule "asho eqhabula isiphuzo esasiphambi kwakhe esasibukeka siqanda ngenxa yokujuluka kwengilazi

“Sphe mina ngyasaba ngisaba ukuphoxeka,ngyakthanda bbe kakhulu uyikho konke Kimi futhi kuyisifiso Sami ukuthi mhla ngiwavala okokgcina amehlo ami ngiwavale ngthanda Wena, sthandwa Sami mina angfisi ukuba umabuya emendweni ngigijime inkantolo ngenzana nesehlukaniso angfisi ukfika kuleso sigaba ngyasaba Sphe ukuthi mhla kuthiwa kyenzeka ngyothi webani asabele kuphi"

“Ceboh mamah ngyacela ungazikhathazi ngezinto ezingakenzeki ,uyabona mina nawe MaNgcolosi akukho nokukodwa okuyosehlukanisa kanti nami ngyathembisa ukuthi angisoze ngakuvumela lokho kwenzeke.Uthando lwethu luvunywe amathongo Kanye noMvelinqangi akukho okuyongena phakathi kwethu sikuvumele,ngfisa siluvikele loluthando silulwele ngoba nami ngfuna ukuthulela kuwe mamah,uyiphakade lami Ceboh ukphila kwami ngiyize ngaphandle kwakho sthandwa Sami"ambambe izandla az

KWAKUHLE KWETHU ❤️Kuyisonto  elandulela usuku olukhulu namhlanje kwa Bhengu kuyaphithizela ubutatata kwazise yonke into ...
05/12/2023

KWAKUHLE KWETHU ❤️

Kuyisonto elandulela usuku olukhulu namhlanje kwa Bhengu kuyaphithizela ubutatata kwazise yonke into bafuna ihambe ngomumo kungabikho lutho olushodayo.

Batatazela nje okuningi sekwenziwe kodwa kukhona idlanzana lezinto ebezisadinga ukulungiswa okuyizo futhi ezibalulekile engingabala kuzo:-yi ndawo lapho okuzobe kwenzelwe khona lomcimbi,yikhekhe Kanye nezingubo zabaphelezeli baka Nomcebo.

UNomcebo lo yindodakazi eyizibulo ku Bhengu Kanye nomkakhe u MaMfeka bese elandelwa abafowabo ababili Kanye nodadewabo oyedwa okunguye umagcino.Uzele impela u Bhengu buka nje yena usingaye lo u Nomcebo uphumalanga sikothe osho ngezifaca ase eba ngamunwe ngebala ,umekahle u MaBhengu lo usho ngesitho sakhe kanti nasesiswini ushile.Baningi babewafaka amagama okushela kuye kodwake kwakungeyona intombi ongaythola kalula njengalesikhathi samanje othi ungathola I nombolo yocingo kube sekuyathandanwa njalo.Kodwa ke izinhlanhla azifani njengoba wagcina eyiwinile lentombi umfana wakwa Mazibuko wasendaweni yakwa Nyamazane u Sphesihle.

Yimi umbhali wenu ❤️❤️..kunendatshana engiza nayo yothando ngthe ake ngime ngezinkinga ..it will be titled Kwakuhle kwet...
05/12/2023

Yimi umbhali wenu ❤️❤️..kunendatshana engiza nayo yothando ngthe ake ngime ngezinkinga ..it will be titled Kwakuhle kwethu ❤️

12/11/2023

Greetings to you all my lovies I'd like to apologise for not uploading i story ngsabhekene nezinkinga ezincane but I promise you I'll come back stronger nginiphe izindaba ezimnandi

Your writer Emjay

UManqobaIsigcawu 1Igama lami ngingu  Manqoba wakwa Mthembu ngokuhlala ngise  Pietermaritzburg e Mgungundlovu Kwa ndongaz...
01/11/2023

UManqoba

Isigcawu 1

Igama lami ngingu Manqoba wakwa Mthembu ngokuhlala ngise Pietermaritzburg e Mgungundlovu Kwa ndongazibumvu,indawo eyaziwa kakhulu ngokubulalana, ubugebengu, utshwala Kanye nezidakamizwa.Thinake esikhule kuyo sikubonile Konke lokho kodwa kuye ngawe ukuthi uzikhethela yiphi impilo.

Ngikhule impilo engekho Lula impela ngoba ekhaya besiphila ngemali ka hulumeni kungekho la sithembe khona ngoba nobaba wendela kwelokhokho eminyakeni eminingi eyadlula,kanti ke u mama wahlaselwa ukugula wangabe esakwazi ukusebenza.Ukulala ngesikhokho namanzi okanye ulale ungafake lutho esiswini kwase kuyiyo insakavukela umchilo waso,kwesinye iskhathi uye eskoleni ungadlile ubuye ungadli lutho futhi, into nje okwazi ukuyidla yithemba Kanye no mkhuleko wempilo engcono kusasa.

Kwesinye iskhathi izinsuku zazibuye zibengconywana uma sikwazile ukudla I rice namazambane lokho kwakufana nokhisimusi kuthina ngoba kwakuyinto engama qabuqabu into engajwayelekile eyenyama ke angiyibali sase singasayihaleli nje kwasemlonyeni.Kwakuba nzima Kakhulu uma inyanga isigamanxa yila kwakuba mnyama Kakhulu ekhaya ngoba kwakuvele kuphele ngisho Kwa sawoti lo, kwakuthj noma u mama ecabanga ukungithuma ukuyonana kamakhelwane avele angazi uzothi ucelani nami ngase ngibuye ngizindele ngenxa yezinkulumo engangizizwa njalo mangiveza ubuso bami kubo base bengasafihli kodwa base belimisa ngesihloko elokuthi sinesidina...

Address

Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Short Stories by Enhle Emjay posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Short Stories by Enhle Emjay:

Share

Category