Imbongii Yesizwe

Imbongii Yesizwe Thath Ipen Ul'beke Phans Nokulunga Ngabe Sengyal'beka �

06/06/2022

Bengicela ongangisocongela lenhliziyo ngisale sengifa kube kanye
Ebusuku angilali ingikhumbuza mina ubaba wangilahla ngisemncane
Akusazwelike ngoba vele lokhu kuyihubo engakhula ngalo ngize ngibe mngaka
Ibuye ingivuse phakathi kwamabili sengiphakathi nabo ubuthongo
Ingibuza ngicabanga ukuthi imuphi oweslisa ongangithatha ekubeni nobaba ongizalayo ehluleka
Ingenza ngizibone uthando mina lungangifanele nokuthandwa kungangifanele

Iyangihluphake lenhliziyo
Ngoba kwamanye amalanga inokubhekisa amehlo ami elangeni
Ngilibuke liphuma lize liyozilahla kunina ngingenzanga lutho
Angithi vele nginokuma phambi kwesbuko ingitshele mina angiyilutho futhi ngofa ngingenalutho
Bathi ingane engakhali ifela embelekweni
Ngingazike bathini ngathi esabelethwa ngethawula lona leli esengalilahla mina
Kungcono khona ukufela ezintabeni Kunokufela ethembeni ongenakulibona nakulithinta kodwa kuthiwe bambelela kulo

Maningi amanxeba lenhliziyo beyilimaza othandweni
Endleleni yami yothando ishiya amaconsi egazi amanxeba awapholi
Mina sengikhathele iyona ihamba izifaka lapho ingadingeki khona
Kumanje ifukamele iziqalekiso engazisulelwa ubaba
Ilinde nje ozonginyathela ubhozo ebese izidlulisela kuye
Ubuhlungu bangaphakathi buzwela kakhulu kunobase nyameni
Uphuma kancane kancane umphefumulo mangicabanga ukushona kwelanga
Bengicela ongangisocongela lenhliziyo ngisale sengifa kube

Imbongi Yesizwe

05/06/2022

Namhlanje Sikhulekela Bonke Omama
Abadela Ukuphila Kwabo Nenjabulo Yabo Ukuze Zikhule Ezabo
Ngisho Laba Obaba Bazo Abazidela Zisencane Kodwa Bona Bama Njalo
Laba Abangalali Bengazikhulekelelanga Impilo Encono
Laba Abaziqhenyayo Ngezibeletho Zabo
Omunye Ukuzala Kwakhe Kwaba Ithikithi Lok'phuma Enhluphekweni
Ngoba Nesowesfazane Odelelekile Ziyamkhipha Udokotela

Namhlanje Sikhulekela Bonke Omama
Laba Ezahlala Iskhashana Ezibelethweni Zasez'xebuka
Ngisho Laba Izingane Zabo Esezibavulela Iy'nhlanhla
Lemhlane Engabelethanga Nayo Leyabeletha Iskhathashana
Khona Laba Abaz'bamba Beqeda Kuz'zala Zase Zibashiya
Singabakhohlwa Nalaba Asebalala
Izimbali Phezu Kwamathuna Sibatshela Phezu Kwawo Amathuna Siyabathanda

Namhlanje Sikhulekela Bonke Omama
Nalaba Okuthiwa Ezinganen Zabo Babola Izibeletho Mhla Bezizala
Laba Ezabo Ziwuhlupho Emphakathini Kwakhe Abapheli Abakasdlodlo
Singabashiyi Nalaba Abaz'khiphayo Ngoba Bengakak'lungeli Ukuba Ngabazali uNkulunkulu Abathethelele
Nalaba Abazala Besebancane Nabo Bangabazali
Izimbokodo Phela Ukuba Umama Lokho Akufundelwa Kukowesfazane Ngaphakathi

Namhlanje Sikhulekela Bonke Omama
Uthando Olungenamgomo Nambandela
Loluthando Olungenamkhawulo Ek'thande Ngaphandle Kwes'zathu
Nabo Laba Abangabatholi Abantwana Abakhulisa Abantwana Babantu Bangomama
Kuthatha Ukuba Nesbindi Nokuz'dela Wena Ukuba Umzali
Yena Akay'thwala Izinyanga Kwesakhe Kodwa Khona Lo Owamzalela
Namhlanje Uyikhulisa Njengeyakhe Eyanqumela Kuye Uqobo
Ze Zande Izinsuku Zenu Zok'phila
Nabazukulu Befudumale Kulezozandla

By Imbongi Yesizwe

05/02/2022

Syazama Ukulunga Senze Kangcono Kunakuqala
Inkinga Ithemba Lethu Lokuthi Kusengashintsha Uk'hamba Kwethu
Endleleni Balinyathela Ngezinodaka Basibulalela Ithemba
Bethi Bengashintsha Bonke Kodwa Ay Wena
Wena Usafana Nay'zolo Nak'sasa Uzobe Usafana Nanamhlanje

Ngiguqa Phansi Ngedolo Ngicela Amandla KuMvelinqangi
Ngizwa Isandla Singithinta Emahlombe
Umama Ekhaya Uthi Mntanami Okwenzayo Uzenzela Wena Impilo Yakho Le Ungabanaki Abantu Ukuthi Bathini Ngawe
Ngimtshela Mama Ang'phileli Omunye Umuntu Mina
Inkinga Kulomhlaba Ngiphila Nabo Abantu Kanti Nami Ngumuntu
Ub'hlungu Ngyabuzwa Nethemba Liyashesha Ukung'phelela

Kubuhlungu Ngiyababona Bephumelela Ngokung'bulalela Ithemba
Kubukeka Sengathi Lesthombe Esimbi Ngami Sisahlezi Emqondwen Yabo
Sinamandla Phezu Kok'guquka Kwami Asisuki Emehlweni Abo
Bayakhohlwa Ukuthi Ukwenza Komuntu Kuyavama Uk'hambisana Nesimo Asuke Ebhekene Naso Ngalesos'khathi
Kodwa Ang'funi Uk'vika Ngezintaba Zami Ngoba Akekho Ongenazo Ezakhe

Mina Engikucelayo Smakade Ukuthi Umhlaba Uphinde Ungamukele
Noma Ungasangamkelanga Umhlaba
Ngicela Ungiphe Amandla Okuzamkela Mina Hlezi Naye Engakwazi Ukungamkela
Abone Ubuhle Nobumnene Benhliziyo Yami Okungale Kokona Kwami
Ngibhekisa Amehlo Ami Kuwe Nkosi
Hlezi Ngingabuyela Kuye Esebona Okuhlukile Emehlweni Akhe Mayeng'bhekile
Uma Wena Nkosi Ukwazile Ukufihla Ubuso Bakho Ezonweni Zami
Umhlaba Wona Ungahlulwa Yini Ukwenza Kanjalo

By Imbongi Yesizwe

02/02/2022

Ngikhulekela Umshado
Ngidinga Nje Ukuzishadela Nethuna
Kufa Busisa N**i Izindandatho Umphefumulo Uhlukane Nenyama Kube Kanye
Vele Mina Seng'fana Nesthombe Nje Ng'file Ngihamba
Nginasoke Nesthombe Salomshado Engiw'funayo
Sengis'bona Isdumbu Sami Sphumele Eb'hlungwini
Ulokhu Osho Njalo Umlolozelo Ngetemu Eliphansi
Ngithi Mangiz'hlanganisa Iy'nhlembezi Ey'phuma Emehlwen Abo
Zingafinyelel Kwak'finyelela Kulezi Mina Engangiz'khala Usuku Nosuku

Ngikhulekela Umshado
Impela Ang'phileli Omunye Umuntu
Kodwa Inkinga Ngiphila Nabo Abantu
Kanti Futhi Phezu Kwalokho Nami Ngingumuntu
Ubuhlungu Ngyabuzwa Nowam Umoya Uyadangala
Ilokhu Kuz'qinisa Ngifela Ngaphakathi
Ngaphakathi Bulokhu Bakhelene Njalo Ub'hlungu Bugcine Seb'khand Ulaka
Mina Ang'siye Umuntu Onolaka
Yebo Ang'zalwanga Ngihleka Kodwa Futh Ang'zalwanga Ngikwatile
Mina Ngazalwa Ng'khala
Yizo Leziy'nyembezi Namhlanje Ezing'bophisa Ifindo Nethuna

Ngikhulekela Umshado
Kufa Ngiguqa Phansi Ngedolo Ngyaz'nikela
Ngicela Ung'thathe Ungenze Owakho Ngoba Mina Sengik'lungele
Sengik'lungele Uk'phumula Emakhazeni Mhlawumbe Ekhaya Ikhona Ingubo Enhle Eng'bekelwe Yona
Mina Kufa Umphefumulo Kade Ngang'zama Ukuz'khiphela
Ngik'hlangabeza Njalo Ungashongo Uyeza Nginethemba Nami Uzong'hambela
Kodwa Namhlanje Ngyak'thembisa Lestifiketi Sizolala Ses'phumile
Lapho Sengilele Ubuthongo Baphakade

By Imbongi Yesizwe

11/01/2022

Namhlanje Kuzalwa Onokulunga
Ngisho Ilanga Liphume Ngathi Libaselwe
Intombi Yomzulu Eshaya Ngelihle Ibala Elimnyama
Bungayinike Ubumnyama Ngaphandle Kwezinkanyezi Es'bhakabhakeni
Ubuhle Benhliziyo Yami Ngibufanisa Nokukhazimula Kwelanga
Ukuzotha Komoya Wami Ngikufanisa Nenkanyezi Yokuhlwa

Namhlanje Kuzalwa Indlovukazi
Akukhulumi Mina Kukhuluma Inkondlo
Ithi Nginokul'phakamisa Ipeni Kuthinteke Nezinhliziyo Ezidabukileyo
Nabalahlekelwe Ithemba Liyababuyela
Ubumnene Benhliziyo Yami Kubagcina Befudumele
Uthando Lwami Ngilufanisa Nomthombo Ogelezayo Ongenamkhawulo
Osephuze Kuwo Akaphinde Ome
Ngoba Olwami Uthando Alupheli

Namhlanje Kuzalwa Inkosazane YamaNguni
Into Eyabusiswa Yembathiswa Isases'belethweni
Isipho Esikhethekileyo Esivela Emadlozini
Owazalwa Babuza Ufumbetheni
Ufumbethe Amandla Okukhuleka Basinde Nabasek'feni
Embethe Ingubo Enhle Emhlophe Exosha Nabomoya Ababi
Ngoba Amandla Asolimini Lwakhe Ayamthobisa Omubi
Aphakame Ngelikhulu Awavume Lamandla

Happy Birthday To Me🎉🎉

09/01/2022

"Bambopha Engenacala"🎶

Umntomnyama Kulelizwe Badlalile Ngaye
Bathii Vele Unesinyama Ngakho Babona Kumfanele Uk'hlala Ebumnyameni
Bemthatha Bemvalela Ebumnyameni Ngecala Angalenzanga Bethi Ungumsolwa
Vele Mumnyama Kulelizwe Uhlezi Uzophenduka Umsolwa

"Bambopha Engenacala"🎶

Behlekisa Ngok'hlupheka Kwakhe Bemvumisa Icala Angalenzanga
Impela Imali Impande Yesono Pho Ubezokwenzenjani
Vele Iy'mvula Ziyamnetha Mihla Namalanga Ilanga Liphumela Kyena Lize Liyosithela
Isisu Silokhu Silihube Njalo Iculo Lendlala
Kumfikela Ukuth Ejele Ngeke Azak'swele Ukudla

"Bambopha Engenacala"🎶

Benza Ngathi Bamenzela Umusa Kanti Vele
Bek'mele Bemakhelile Umuzi Nokudla Bemthengele
Kanti Lohulumeni Usebenza Kanjani
Udayisa Ngowebala Lakubo Umsulela Ngamafutha Inyama Engay'dlanga
Bambukela Phansi Omnyama Isthunzi Sakhe Bas'nyathela Ngey'nyawo
Siphila Ngengcindezi Kube Kuthiwa Sonke Sakhiwe Ngomfanekiso Wakhe
Kodwa Thina Bas'fanisa Nez'lwane
Bas'phathisa Okwez'lwane

"Bambopha Engenacala"🎶

Yena Umsulwa Pho Somlekelela Ngani Ngoba Namandla Siphuciwe
Emqondweni Yethu Bangenile Bas'khubazile
Nathi Sesiz'bona Kulomhlaba Singelutho
Umndeni Wakhe Ukhalela Phezulu
Umazi Njengomuntu Ongazwan Nok'khuluma Kanti Into Engalimaza Omunye Umuntu Engahlangani Nayo
Kodwa Namhlanje Bamsola Ngok'shisa Is'gungu Es'phakeme Kangaka

"Bambopha Engenacala"🎶

Ubezozuzani Ngempela Ubezozuzani Umuntu Ozihlalela Emgaqweni
Nakhona Hhay Ngoba Ethanda
Wahamba Ekhaya Ethi Uyofuna Umsebenzi Akazange Was'thola
Namali Leyo Yok'goduka Akakwazanga Ukuy'hlanganisa
Lomuntu Ubeziphilela Nok'hlanganisa Okuya Ethunjini
Namhlanje Bamfaka Embangweni Yabo Yezepolitiki
Usizi Lwakhe Lumfakela Onoxhaka Lumbopha Ngamaketango
Kungek'dala Azomkhalela Amasango Kas'gonyela
Ingakho Sothi Uzuskhumbule Nkosi Embusweni Wakho

"Bambopha Engenacala"🎶

By Imbongi Yesizwe

08/01/2022

Imzimba Yethu Seyaphenduka Amathuna
Ifukamele Lemphefumulo Okudala Yafa
Ebusuku Asilali Ubuhlungu Busiphendula Izikhova
Kodwa Kuthi Kusa Sisuke Sesikhazimula Kunye Nalo Ilanga
Sivuke Sigqoke Ingubo Yenjabulo Sifihla Ngayo Izibazi
Saziwa Njengabahlezi Bemoyizela Kuthiwa Sihleka Ngisho Ubala
Kanti Abazi Sisuke Sibuyisela Iy'nyembezi Emuva Mase Zifuna Uk'bhala Usizi Lwethu Emehlweni

Siguqa Phansi Ngedolo Sikhuleka Kuze Kulamule Zona Izinyembezi
Uwuzwe Lomthwalo Uk'cindezela Umemeze Engabibikho Ok'zwayo
Noma Sew'funa Uk'khuluma Kube Nezwi Elik'vimbayo
Lik'tshela Uwedwa Kulomhlaba Wena Akekho Ok'zwayo
Alokhu Ephihlike Njalo Lamabhodlela Kuwena Ngaphakathi Ufela Ngaphakathi
Emoyeni Sihlukumezekile Amandla Okuzikhulumela Siphuciwe

Ilokhu Isho Njalo Inkondlo
Ithi Labantu Emoyeni Balimele
Emqondweni Baphazamisekile
Inethemba Khona Ozobalulela Isandla Ababambe Ngesandla
Kodwa Kunalokho Bona Bancoma Umbhalo, Isigqi Senkondlo, Baze Bay'hlaziye
Ziningi Iy'phambano Zimile Amathuna Alabo Abafa Bethuli
Ekubeni Abanye Babo Bakhuluma Ngembhalo Kodwa Zange Benakwe Muntu

By Imbongi Yesizwe

08/10/2021

When I See You In Heaven.
I'll Throw Myself On The Ground,
Kneel Down On My Knees,
Opening My Arms Wider,
With My Eyes Failing To Look You In The Eye.

When I See You In Heaven.
My Spirit And Soul Shall Be At Peace,
Peace Shall Fall Upon My Soul,
At That Time You Will Be That Light I've Been Dying To See,
At That Time You'll Be Sitting On Your Throne,
With All The Seven Angels Around You.

When I See You In Heaven.
I'll Be A Free Soul From All The Hardships Of The World,
With No Tears Falling,
With No Heart Break,
I'll Be Finally In A World Of Peace,
With You Calling Me The Soul Of Your Soul,
A Flash Of Your Flash.

When I See You In Heaven.
By Then I'll Know I'm Home,
There To Live Forever,
As There Shall Be No Death After Death,
But Only A Life After Death,
An Endless Life With No Sense Of Fear,
Seeing My Creater Will Be My First Time Being Alive.

By Imbongi Yesizwe

15/09/2021

Ningabe Nisang'khalela Mina
Ngoba Lithe Lishona Ilanga Icilongo Labe Seling'khalela Mina
Ukufa Bese Kung'landile Kumi Kude Buqamama Nami Kulind Inhlambuluko
Ngibe Uk'wageqa Wonk Amagula Kwase Kung'thathake
Ak'phelanga Ngisho Umzuzwana Nje Umphefumulo Way'hlubula Kab'hlungu Enyameni
Ngase Ng'thula Kanjaloke

Ningabe Nisang'khalela Mina
Ngaz'khalela Kakhulu Ngsahamba Kulendawo Yenu Yabafileyo Ngiz'tshel Ukuth Ngyaphila
Ngingaz Uk'phila Kung'linde Ngale Kwethuna
Nalenkonzo Yenu Yay'sidonsa Kangaka
Sheshisani Lenyama Isikhathele Manje Isilangazelele Uk'phumula
Zeningafakazike Amanga Ngami Ning'valel Iy'ndlela

Ngikhanyis Elimhlophe Ikhanda Libheke Kowang'dalayo
Nkulunkulu Wasemazulwini Hawukela Nanku Umoya Wam Ngiw'bek Ezandlen Zakho
Uthe Wena Uyindlela Neqiniso
Ngakho Hamba Nami Baba Kulamadlelo Aluhlaza
Seng'jahile Uk'fika Ekhay El'khulu Ngibabone Beng'bungaza
Leziz'nyembez Abaz'khalayo Kulomngcwabo Ng'cel Ubasule Ngoba Ziyang'gqilaza
Kulendlela Eng'hamba Kuyo Ababoni Bang'khandel Udaka
Hlezi Ngase Ng'gcine Ngingasafikang Ekhaya Ngoba Langikhona Ilanga Alikho Ukuzolomisa Lolodaka

Ningabe Nisang'khalela Mina
Impilo Sengiy'philile
Ibanga Ebeng'bekelwe Lona La Emhlaben Sengil'hambile
Nendlela Yami Sengiy'phothulile
Ibhuku Lami Lok'phila Bese Liphelelwe Iwona Amakhasi Ok'bhalela
Manje Sen'lindele Lowo Mzuzu Nje Niyong'fihla
Nithel Umhlabath Phez Kwam Ngiw'thwale Ngesfuba
Okok'gcina Ning'khulule Ey'nhlizwen Zenu Khona Nam Ngingazolokhu Ng'gidagida La
Ekhaya Sebeng'lindile Kanti Nekamero Lam Sebel'lungisile

By Imbongi Yesizwe

27/08/2021

Ith Inkondlo Ibe Nesbonakaliso
Ithi Namhlanje Izon'khanyisela Ngok'zayo Ngoba Iyabona Nididekile
Akukho Sizukulwan Esisha Es'zayo La
Njengalokho Engekho Owanyukela Ezulwini
Sonke Sisolindweni Lwes'khathi Somhlaba Omusha Es'zayo
Lapho Ses'phuma Ek'philen Kwenyama Syongena Ek'phileni Kukamoya
Akakho Ofayo Kuphela Simelwe Uk'zalwa Ngokusha Ngok'kamoya
Lapho Okwasemhlaben Kusala Emhlabeni Inyama Ibuna Emhlabathini

Ith Inkondlo Ibe Nesbonakaliso
Ithii Namhlanje Izon'khanyisela Ngok'zayo Ngoba Iyabona Nididekile
Yabon Ithuna, Indlela Yethu Sonke Eyos'hlanganisa noNkulunkuku Sibe Moya Munye Naye
Niyakhalaza Nithi Akakho Nomunye Owafa Wabuya Wazon'xoxela Ngombuso Wezulu
Bengan'xoxela Kanjani Ngento Abangayaz noNkulunkuku Bengakaz Bambona
Ngezok'gcina Mhla Kithi Sonke Inyama Isihlukene Nomphefumulo
Yilapho Ngamehlo Kamoya Sombona Ehlezi Es'shlalwen Sakhe Sob'khosi

Ith Inkondlo Ibe Nesbonakaliso
Ithii Namhlanje Izon'khanyisela Ngok'zayo Ngoba Iyabona Nididekile
Lelolanga Yilo Kanye Ilanga Ekoba Elokwahlulela
Lapho Koguqubala Emini Ilanga Lofiphala Lohluleka Nokumbheka
Ngalezoy'nsuku Inyanga Yocasha Emkhathini Ngamehlo Aniyikuy'bona
Umbuso Wezulu Uyobe Ususondele Izinkanyezii Ngayinye Ngayinye Zoqathakela Emhlaben

Ith Inkondlo Ibe Nesbonakaliso
Ithii Namhlanje Izon'khanyisela Ngok'zayo Ngoba Iyabona Nididekile
Akukho Mathuna Ayogqebhuka La
Okomhlaba Kogoqwa Kunye Nawo
Lalelani Ngalezoy'nsuku Akuyikuba Nabusuku Nakusa
Umsombuluso Nasabatha
Iskhathi Syobe Ses'dliwe Yinja
Ngish Iy'lwane Zasendle Z'yogcwal Iz'nkalo
Ulwandle Logcwal Injabulo Locweba Kakhulu Luze L'hlukane Phakathi

Ith Inkondlo Ibe Nesbonakaliso
Ithii Namhlanje Izon'khanyisela Ngok'zayo Ngoba Iyabona Nididekile
Yen Impela Usendleleni Kodwa Ningaz'khohlisi
Niyoze Niw'fulathele Ningakambon Ebuya
Uyobuya Kanjan Nisagcwel Uk'ngcola Kwalomhlaba
Uyahluleka Nokun'bheka An'bize Ngabantwana Bakhe
Umhlaba Un'gwinyile Okomhlaba K'ngamagugu K'nina
Intukuthelo Yakhe Is'goqa Kanjalo Is'qeph Sok'qala

Imbongi Yesizwe✨

Akusadingeki Nokuthi Aze Ang'vale Ngezandla Umlomo Vele Isfonyo SesiwuvalileAkusadingeki Nokuthi Aze Ang'vale Ngezandla ...
24/08/2021

Akusadingeki Nokuthi Aze Ang'vale Ngezandla Umlomo
Vele Isfonyo Sesiwuvalile
Akusadingeki Nokuthi Aze Ang'vale Ngezandla Umlomo
Vele Isfonyo Sesiwuvalile
Uyazi Ngaphans Kwaso Awunak'memeza
Kanti Futh Ngaleskhathi Awunakus'khipha
Sisho Smanta Kancane Kancane
Kancane Kancane Iz'nyembezi Zehl' Emehlweni
Engidabula Ingubo Engiy'gqokile Engenamahloni
Ezehlisela Iphenti K'mina Ngaphandle Kwemvume Yami
Uke Wal'faka Ngendluzula Wayeseng'bheka Emehlweni
Kuwo Bekugcwele Intokozo Nokuy'qhenya
Namhlanje Uzisikele Kwelinonile Ihlo Uz'khiphele
Igazi Ligeleza Ngamathanga Eqhubeka Elifaka Ephindelela
Kaze Lomntwana Uyokhula Ngimxoxel Uk'thini Ngok'zalwa Kwakhe
Khona Ubaba Wakhe Ngothi Ubani Kakwabani
Inkinga Mangase Ngith Ngyamkhipha Kobe Sengimqhatha Namakhaza
Umqondo Uphazamisekile Inkinga Nje Ak'vumi Ng'vume
Ukuth Usizo Ngyal'dinga Ngob Ek'gcineni Ngingaze Ngiw'thath Umoya Wami
Lize Lashona Limkhanyisela Ephezu Kwami
Ong'shiye Nomntwana Kade Eng'dlwengula

By Imbongi Yesizwe

Address

Durban

Telephone

+27614744586

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Imbongii Yesizwe posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Establishment

Send a message to Imbongii Yesizwe:

Share

Category