27/07/2025
(NGALE KWETHUNA)
Ngishone ngendlela engaqondakali even nomdali akathandanga akandamkelanga
Uyazibuza imibuzo eminingi ukuthi kungani ngishonile yingakho engithumile ukuthi ngiyofumanisa ukuthi kungani ngifile iyangixaka lento phela yena wazi yonke into manje kungani engabonanga kungani engayazi ukuthi kungani ngishonile
Ngilana manje esithubeni ngibhekana nento engingayazi ukuthi noma ngizoyithola na ngi ngedwa abantu abangizwa mangikhuluma nabo
Impilo inzima impilo ibuhlungu sengikhumbula ukhuluma nabantu ubasemhlabeni uphila impilo ejwayelekile ngoba impilo yangale kwethuna iyangibhedela yazi bengizibuza ukuthi kunjani injani impilo ma ungasekho Koda manje ngiyazi ibuhlungu kakhulu kubuhlungu...
(NGALE KWETHUNA)
By lisakhanya 😭🕊️😔